Bathembisa lukhulu omakoti kwezepolitiki


Amaqembu amasha kwezombusazwe azobe engenela ukhetho okokuqala ngqa lapha eNingizimu Afrika athi azomangaza abaningi ngempumelelo azoyizuza okhethweni lohulumeni bezindawo lakuleli okusanezinkulumo ngokusingathwa kwalo.
Mathathu amaqembu amasha abhekwe ngabomvu kulolu khetho, okuyi ActionSA kaMnu uHerman Mashaba ophuma kwiDemocratic Allaince (DA) futhi oke waba yiMeya kuMasipala i-City of Johannesburg, i-One SA Movement kaMnu uMmusi Maimane oke wahola i-DA naBantu Botho Congress (ABC) kasomabhizinisi uMnu uPhilani Mavundla. UMavundla uphuma kwi-African National Congress neNational Freedom Party (NFP).
Ukhetho lohulumeni bezindawo bekuhlelwe ukuthi lubanjwe mhla zingama-27, kuMfumfu kodwa kunesiphakamiso sokuba luhlehliselwe uNhlolanja wangonyaka ozayo ngenxa yezizathu eziningi esinye sazo ukuba khona kobhubhane ukhuvethe.
USihlalo we-ABC KwaZulu-Natal uMnu uBonga Nzuza uthe amalungiselelo abo ahamba kahle kakhulu manje sebelinde usuku lokhetho.
“Ngikhuluma nawe nje ngoLwesibili kade ngiseKokstad, eMzimkhulu naseBuhlebezwe lapho kade siphakamisa khona labo abazosimela okhethweni, kulona futhi leli sonto ngizobe ngiseZululand ngenza umsebenzi ofanayo,” kusho uNzuza.
Uthe akangabazi ukuthi bazowubamba umqamulajuqu wangoMsombuluko ozayo wokuhambisa amagama abazongenela ukhetho enhlanganweni ebhekelele ukhetho yakuleli, i-Independent Electoral Commission (IEC).
“Sesiphakamisile ezindaweni eziningi into esibhizi nayo njengamanje ukulungisa izinto ezincane ngaphambi kokuba sihambise amagama,” kusho uNzuza.
Uthe bahlele ukungenela ukhetho esifundazweni iKwaZulu-Natal, eGauteng, eLimpopo naseNorth West.
“Isifundazwe esithola kusona ukwesekwa okukhulu ikhona lapha KwaZulu-Natal, kuze iNorth West, kulandela iLimpopo bese kuba iGauteng, e-Eastern Cape sasibhekile ukuthi singene nakhona into esishayile ukuthi abantu ebesixoxisana nabo bagcine benyamalala, abanye bashona ngenxa yokhuvethe,” kuchaza uNzuza.
Uthe KwaZulu-Natal bahlele ukuthi bangenele ukhetho kubona bonke omasipala.
“Sifisa abantu bakithi basinike ithuba khona sizokwazi ukushintsha impilo yabo futhi uma singase siphathe alikho elinye iqembu eliyokwazi ukusigudluza ngoba thina sisebenza ngobuqotho nokwethembeka,” kusho uNzuza.
Uthe uma belithola ithuba lokungena komasipala bazosukumela udaba lokushoda kwamanzi esifundazweni.
UNzuza uthe inkinga yokushoda kwamanzi yenziwa ngamabomu yizikhulu zomasipala ngoba zifuna ukudla emathendeni okuhanjiselwa kwabantu amanzi ngamaloli.
“Awubheke-nje ukuthi emadolobheni amanzi awajwayele ukuphela kodwa ezindaweni zasemakhaya kunenkinga yize lezo zindawo zinamadamu amakhulu, lawo ,madamu aphakela ezinye izindawo, izindawo zamakhosi eziningi lapha KwaZulu-Natal azinawo amanzi ngenxa yento eyenziwa ngamabomu,” kuchaza uNzuza.
UNks uBusi Hadebe okhulumela i-ActionSA KwaZulu-Natal uthe naye uthe amalungiselelo wabo ahamba kahle.
UNks Hadebe uthe bazokwazi ukubamba umqamulajuqu wangoMsombuluko wakwa-IEC wokuhambisa amagama.
Uthe bazongenela ukhetho komasipala abambalwa ngoba basafuna ukubona amandla abo ukuthi angakanani.
“KwaZulu-Natal sizongena eThekwini, KwaDukuza naseMajuba, kuthi eGauteng sizongena emikhandlwini emithathu emikhulu yakhona Ekurhuleni, eCity of Johannesburg naseTshwane, asifuna ukungena ezindaweni lapho singeke khona sikwazi ukwenza umehluko,” kusho uNks Hadebe.
Uthe okwamanje basafuna ukuzwa amanzi ngobhoko, wengeza ngokuthi inhloso yabo ukulungiselela ukhetho lukazwelonke lwangowezi-2024.
UNks Hadebe unqabile ukuveza ukuthi bazofolosa ngobani esikhundleni sobuMeya eThekwini.
“Kuzothi uma sesiluqedile uhlelo lwethu lokuphakamisa amagama bese siyanimema lapho sizobe sesithula bonke abazosimela ezikhundleni zamakhansela,” kusho uNks Hadebe.
Uthe bona abahambisani nesiphakamiso sokuthi ukhetho aluhlehle, ngoba izizathu ezishiwoyo azibambeki.
“Ngisho nangonyaka ozayo ukhuvethe luzobe lusakhona akwenzi mnqondo ukuthi luhlehliswe kulonyaka,” kusho uNks Hadebe.
Umhlaziyi wezepolitiki ozimele uDkt Ralph Mathekga uthe amaqembu amasha analo ithuba lokuziveza okhethweni lohulumeni bezindawo oluzayo.
“Lamaqembu azongenela ukhetho ngesikhathi ipolitiki yakuleli isesigabeni senhlekelele ngenxa yezimo eziningi eziqhubekayo, ngingasho ngaphandle kokungabaza ukuthi amaqembu amasha amancane angakwazi ukuthola cishe noma amaphesenti amabili amavoti kulolu khetho ngesizathu sokuthi insika ayimile kuKhongolose” kusho uMathekga