Now Reading
Iyolala ibonene, kungacashi muntu, kungahluthukwa!
Dark Light

Iyolala ibonene, kungacashi muntu, kungahluthukwa!

NGOLWESITHATHU ngihambe izindawo ezahlukene kandukuba ngifi ke lapho elami igama likhona. Indawo kuseMaromeni eChesterville eduze nje kwaseZinkawini. Njengoba ngihlale ngenza nakulokhu ngifi ke sebevotile abaningi . Okuhlekisayo wukuthi abaningi abebebhekelele ukhetho ngabantu engibaziyo, abanye ngakhula nabo kanti abanye ezikhathini ezehlukene izindlela zethu zake zahlangana.

Abanye ngabazali bami ngokweminyaka ngikhulela phambi kwabo. Konke lokhu kwenze ngangagcina nje ngokuvota kepha ngaba nethuba lokuxoxa hayi ezendawo esakhulela kuyo kuphela kepha nangepolitiki yezwe. Ngokomsebenzi wami bengisesitikini kumele ngiphendule. Umbuzo obuphambili lapha owokuthi ‘Siyaphi njengezwe’. Okokuqala nje lo mbuzo buqhamuka phakathi kwabantu bamaqembu ehlukene nobekuphoqa ukuthi ekuphenduleni kwami ngicacise ngoba uma kungenjalo beyikhona ingozi yokuthi kugcine sekunesithombe sokuchema. Ngesikhathi ngiphendula imibuzo kube khona engikuqaphele nengibone kumqoka ukuthi ngikuphendule. Cishe bonke ebesixoxa nabo bebenokukhathazeka ngesimo sezwe nokuthi engabe emuva kokhetho iyozala nkomoni.

Okungimangazile wukuthi lokhu kwesabela ikusasa kuvela kubantu abebekade beqeda kuvota nje. Lokhu kwenze impendulo yami yalula embuzweni othi siyaphi njengezwe. Ngiphendule ngokuthi siya lapho abavoti behlahle indlela bathi asiye khona.

See Also

Le mpendulo iqale yabadida kepha ngibe sengengeza ngokubakhumbuza abangakithi ukuthi phela awutshali amadumbe kuqhume ubhanana, awutshali ubhatata kuqhume umbila. Uvuna lokho okutshalile. Nakubavoti yiso leso uthola uhlobo lukahulumeni oluvotele ngeke uthole okucishe kufane kepha uzothola lokhu okuvotele. Kungithokozisile ukuthi kulokhu sivumelene futhi ngesidingo sokwelusa uhulumeni noma ngabe yimuphi ngoba ukuvota kumqoka kepha okumqoka kakhulu wukwelusa ukusebenza kohulumeni wangaleso sikhathi ukuthi enze lokho okufunwa ngabantu.

Scroll To Top