Now Reading
Ezika Magwaza-Msibi seziphakathi: Kulokhu i-NFP isilubhalisele ukhetho ngesikhathi
Dark Light

Ezika Magwaza-Msibi seziphakathi: Kulokhu i-NFP isilubhalisele ukhetho ngesikhathi

Lesi kwaba yisikhathi kanjalo nesehlakalo esaqala zonke izinkinga zeqembu elalisaqala ukukhasa kwipolitiki yakuleli i-National Freedom Party (NFP) eholwa OkaMagwaza-Msibi. Ichilo labe lingokuvela kwenzindaba zokuthi abaholi beqembu ababejutshwe ukuba babhalisele ukhetho behlulekile ukwenza lokho. Lobu budedengu baqopha okwabe kungakaze kenzeke ezingeni likazwelonke ukuthi iqembu lisuswe ohlwini lwalawo azongenela ukhetho nokwabe kuyisinqumo senhlangano eyengamele ukhetho neyasekwa zinkantolo.

Sekungumlando ukuthi ukungangeneli ukhetho kwadala uqhekeko kulenhlangano kanjalo nokulahlekelwa ngamalungu nabalandeli.

Kulokhu leli qembu sengathi lithe ukubona kanye wukubona kabili njengoba libikele elaboHlanga ukuthi selikwenze konke ngesikhathi njengoba libhalisile nje. Khona lapho kalifihli ukuthi inhloso yokungenela ukhetho akukhona nje ukuthi mandise izibalo kepha banenhloso. Lithi lizimisele ngokubuyisa bonke omasipala bayo eyabaphucwa yizimbangi ngokwedlule. Ngomlomo kaNobhala-Jikelele we-NFP uMnu uCannan Mdletshe uthe ngoLwesibili kuleli sonto bakwazile ukukhokha imali yokungenela ukhetho:

“Manje sesiyazi ukuthi nakanjani sizobe sikhona okhethweni, sesilindele ukuba kumenyezelwe usuku lokhetho,” kusho uMdletshe. Ngokuzethemba uvezele elaboHlanga ubufakazi obuyisitatimende sasebhange nesiqinisekisa ukuthi nembala bayivakile imali yokungenela ukhetho.

UMsindazwe uthe bahlele ukuthi bangenele ukhetho ezifundazweni eziyisishiyagalombili kuphela, wengeza ngokuthi iseNorthen Cape kuphela lapho bengeke babekhona.

Echaza kabanzi ngalokhu uMsindazwe uthe isinqumo ngeNorth West singenxa yokwamukela ukuthi abanabo abalandeli nabantu abangasekela iqembu okwamanje kuleya ndawo. “Asinakho ukwesekwa eNorthen Cape ukungenela kwethu ukhetho khona kuzofana nokuthi sidlala ngesikhathi,” kusho uMdletshe.

Ukhombe inxeba

UMdletshe kananazanga ukusho ukuthi inxeba balibona ngakuphi: “Isifundazwe esifuna ukugxila kuso yiKwaZulu-Natal. Sizimisele ngokubuyisa uMkhandlu wethu iZululand okumanje osezandleni zeNkatha Freedom Party(IFP). Siyafuna nokudla umhlanganiso kuMasipala iDumbe kanti sizimisele ngokwenza kahle nakuMasipala uNongoma ngoba nakhona sike sahola” kusho uMdletshe.

Uthe bafuna ukuthi kuyo yonke imikhandlu kwaNatal -Zulu-Natal babe namakhansela azobamela. “Lapho singaphumelelanga khona sifuna ukuthi kube yithi esizonquma ukuthi ngubani ozohola umasipala ,” kusho uMdletshe. Uveze ukuthi vela usuqalile umkhankaso wabo futhi uhamba kahle:

“Ngesonto eledlule kade siseDumbe lapho kade sihlangane nomphakathi siwunxenxa ukuba usivotele, cishe isonto nesonto njalo kuhlale kukhona esikwenzayo njengoba sixhasa nemidlalo yebhola emakhaya kanjalo neziteki zengoma nendlamu. Lapho sithola ithuba lokuba sikhulume nabantu, kusho uMsindazwe.

See Also

Uthe i-NFP ayihambisani nesiphakamiso sokuba kuhlehliswe ukhetho.

“Ososayensi bahlale besitshela ukuthi ukhuvethe aluyi ndawo okusho ukuthi noma isiphi isikhathi ukhetho oluzobanjwa ngalo ukhuvethe luzobe luseyiva ” kusho uMdletshe. Uthe kodwa bazokwamukela noma yisiphi isinqumo esizokhishwa inkantolo.

Injolozela iseqenjini nakuMholi walo

Akulona ihaba ukuveza ukuthi amehlo azobe ethe njo kuMholi weqembu OkaMagwaza Msibi. Lo mholi owayengundaba lomnyeni engakahlaselwa wukugula nokwamenza wangakwazi ukuveza amangwevu ePhalamende njengabanye abaholi. Ukungabi bikho kwakhe kukholakala ukuthi yikho okwenza nokwehlukana phakathi kwabaholi abanye bethi kasase esehlala ekhaya. Kulokhu abantu bazobe bebheke ukuthi engabe okaMagwaza-Msibi uzoba yini yingxenye yemikhankso yokubuyiela iqembu endaweni engcono nokuthi ngabe usenakho yini ukuxhumana nabantu njengakuqala.

Scroll To Top