AmaNgisi ayiqhatha ngesinqe eyaboHlanga namaNdiya
AboHlanga namaNdiya baqhathwa ngamaNgisi. Kungenzeka iGreat Britain ngaleso sikhathi yenza izivumelwano eziyimfihlo nohulumeni wase-India ngokulethwa kwamaNdiya kweleNdlovukazi uMthaniya ukuba azohlahla umoba. AmaNdiya afika kuleli ngomkhumbi iTruro ngoLwezi ngonyaka we-1860. Kungenzeka ukuthi yiwo amaNgisi atshala umqondo wokuthi amaNdiya abukele phansi aboHlanga, nawo akholwa. Kwaba yikho lokubukelwa phansi kwaboHlanga okwaba yimbangela yalokhu esikubona namuhla.
Ukubizana ngamagama ayinhlamba nhlangothi zombili kuyayitshala futhi kubhebhethekise inzondo. Imvamisa lamagama akhulunywa abantu behleli bewumndeni, bewumphakathi noma bewumphakathi. Lokhu kuyenzeka nasemisebenzini lapho kukhona ukusolana phakathi kwaboHlanga namaNdiya. AboHlanga basola amaNdiya ngokucwasa lapho bezama ukudla ndawonye. Bathi amaNdiya ayabonga kepha wona anawo umkhuba wokuthi manxa engaqedile ukudla bese elindela ukuthi aboHlanga bakudle okuvela kubo.
Ibhuku elisihloko: “A Documentary History of Indian South Africans” elibhalwe nguSurendra Bhana, Briglal, emakhasini ahlukene, liveza ukuthi amaNdiya ayebhalela uKopeletsheni waseThekwini ngonyaka we-1870 nowe-1877 efuna ukubhekelelwa kangcono. Lokhu kwabe kuyizinkomba zokuthi amaNdiya ayengaziboni elingana naboHlanga.
Izigameko zokubhekana ngeziqu zamehlo
Bukhona ubufakazi bokuthi kwake kwakhona isikhathi lapho aboHlanga namaNdiya babe ngomakhelwane. EMkhumbane nje babakhelene kanti kwakungasabeki kungenankinga ukungena kwaboHlanga namaNdiya ukungena ebusuku emalokishini afana noMashu, eNtuzuma,eNanda nasePhoenix kakhulu ngeminyaka ye-1978 – 1984. Nokho lokhu sekungumlando kwenzinye izindawo. Ukugqubuzana phakathi kwaboHlanga namaNdiya kwaba ngundabamlonyeni ngoMasingana we-1949. Lesi siwombe saba nokucekelwa phansi kwengqalasizinda kwafa nabantu nhlangothi zombili. Yasusana enkabeni yeTheku yabuye yadumelana naseMkhumbane. Bukhona ubufakazi bokuthi ngesikhathi idudulana eMkhumbani abelungu lapha emajalidini babeyiqhatha ngesinqe njengokujwayelekile.
Isigameko sesibili senzeka ngowe -1985 kuNcwaba. Lapha kwabhujiswa izitolo namabhizinisi aboHlanga namaNdiya emalokishini nasemijondolo. AboHlanga balutha bacekela phansi izitolo baqhwaga nezindlu zamaNdiya ayehlala eMalukazi, kwaMashu ngenhla kwa-M ngasezinkukhwini, kwaBester koBhambayi, eMawoti nase Matikwe.
AmaNdiya ayehlala kwaMashu ngakwa-M phezulu ayekhanyisa amakhandlela ebusuku okwakubonakala ukwa-F, G,H,L, ebungaza ukhisimusi wawo uDeepavali noma uDivali ngenyanga uMfumfu noLwezi, ngeminyaka yowe-1975 kuya kowe-1984. Konke lokhu kwabe kuveza ukukhululeka kwawo phakathi kwaboHlanga, kanjalo nokwamukela kwaboHlanga ukuthi kunabantu abehlukile kunabo.
Amanye nje amaNdiya ayenesitolo ezindaweni zaboHlanga , zazikhona eNtuzuma kwa-E, kwaGoolam Store. Lelo gama uGoolam selisebenza embonini yamatekisi ukubalula isitobhi kubagibeli. Kwakukhona kwaDhooma Trading Store, esasithi ikwaDuma, ngasesandleni sokunxele phezulu ngasemgwaqeni Inanda M25, uma usuzofika Ekuphakamaneni. Ngamafuphi kwakukhona ukuhwebelana nokuphilisana,
Okwakamuva kuvusa indulo elibi
Izigameko zakamuva ngeshwa sisiphindisele emuva. Mhlawumbe asiqale sikuvume ukuthi wonke umuntu unelungelo lokuvikela impahla yakhe ekucekelweni phansi. Kanjalo namaNdiya ePhoenix aqala njengabantu ababevikela izitolo nempahla ekutapweni. Lokhu ayekwenza ehlome eyizingovolo nokwaphetha ngokuthi kufe abantu abanye okwavela ukuthi babengahlangene nokuluthwa kwezitolo, abanye babe buyela emakhaya njengoba babakhe khona ePhoenix kanti abanye babeyokwetha uphethiloli kulendawo.
Ishwa kulokhu yikuthi izigameko zakamuva lapho amaNdiya eqoba ngenhlamvu nangemishiza aboHalnga zigqibe nokusebenzisana kwalemiphakathi yomibili ezikhathini ezinzima emzabalazweni wokukhulula lelizwe. Lesi sigameko sivuselele lokho okwabe kuhloswe ngamaNgisi okwabe kuwukutshala ukungezwani nokungathembani phakathi kwaboHlanga namaNdiya. Silapho ke manje.

