Now Reading
Zihambile izinsuku kuyenyukela kubantu nakuHulumeni
Dark Light

Zihambile izinsuku kuyenyukela kubantu nakuHulumeni

Esikhathini esingangenyanga uHulumeni wethu usazise ngezindaba ebensingafuni ukuzizwa. Umemezele ukuthi isakhamuzi sakuleli ebesihambele phesheya kwezilwandle sihlatshwe wukhuvethe. Lokhu kwalandelwa yisimemezelo sokuthi izwe liyavalwa. Okwalandela lapho kwaba yizindaba zokuwa komnotho, ukwesaba, izinsolo zokuhlukunyezwa kwamalungelo abantu ngamaphoyisa namagumgedlela.

Okulandele lapho kube yisikhalo sezakhamuzi ngokumiswa kwamanye amalungelo njengokuphuza utshwala nokuphisa obesintu emakhaya. Nalabo ababhemayo babaze ‘isihluku’ njengoba uHulumeni eqhubeka nokubancisha ithuba lokuntongela. Kulokhu kukhale ngisho amakholwa naqala ngokuvuma ukuthi imihlangano yawo emikhulu efana nePhasika kanye no-Idi kumaSulumane nemihlangano eyahlukene yamaNazaretha ithikamezekile. Ingcindezi ekhona kwabezenkolo iyefana nasemabhizinisini njengoba nabo sebeqala ukufuna isibonelelo kwazise ukungabi bikho kwezimvu kusho ukucweba kweminikelo.

Abamatekisi namanje basazibuza ukuthi badla inyama yenja yini, yona ethi ngisho belusizo kepha kube lula nje ukuthi nxa sekudliwa bakhohlakale. Basakhala ngokuthi bekungekuhle nabo babonelelwe ngelinonile ngoba nazi ezinye izimboni zihlomula.

Nabelaphi besintu nanamuhla basakhala ngalokho abakubiza kokucwaswa nokungahlonishwa kobizo lwabo. Lokhu kulandela ukukhishwa kwabo ngaphandle ekushayweni kwemithetho elawula ukuphuma kwabantu.

Bavunyelwe abantu ukuya emakhemisi kepha abakwazi ukuya ezangomeni noma ezinyangeni. Kukho konke lokhu uHulumeni uzamile ukubhula imililo kokunye ukwelula isandla. Izigidigidi ezamenyezelwa nguMengameli uCyril Ramaphosa zajabulisa abathi nokho abanye bashaya amakhala ngoba kubo lesi kwabe kuyisikweletu esizobuyisela izwe emuva.

Kulaba ubufakazi balokhu kwabe kusekutheni izwe likhipha imali nje ngakolunye uhlangothi uHulumeni weqa izilwandle eyofuna ukuxhaswa ngabe-International Monitory Fund (IMF).

Yize kusobala ukuthi ukunyakaza kukaHulumeni wakuleli kwabe kufanele nokuthi kukhona lapho kwaba nomthelela omuhle khona. Uma kuqhathaniswa izibalo zamazwe asentshonalanga kanye nelakuleli uma kubhekwa ukusabalala kokhuvethe nokufa kwabantu, izibalo zakuleli zisephansi. Lesi senzo satuswa kakhulu wuphiko lwezempilo lwenhlangano yomhlaba iWorld Health Organisation (WHO).

Nokho akukho soka lingenasici njengoba namuhla abantu ababetusa uHulumeni sekuyibo abangaphesheya. Kusuka emaqenjini aphikisayo ayemi noMemnagemli uRamaphosa kuya kubantu abafuna ukubhema nakubazali abala ukhasha ngezingane zabo, uHulumeni usephunduke iqaqa elinukayo.  Uthukwa ngisho yilabo athembisa ukubasiza ngama-R350 wesibonelelo. 

See Also

Kwabanye kuHulumeni umlungisi uzithela isisila. NgoMsombuluko esiphuma kuwo izwe ngokulandela umlayelo kaMengameli lehlele ezingeni lesi-3 nobekusho igxathu elikhulu ekuqinisekiseni ukuthi umnotho wezwe uyageleza. 

Kuhle kwabanye kepha kwabanye kunika ukwesaba kokuthi uHulumeni kungenzeka ukuthi usevule amasango wafaka ukufa endlini.

Isinqumo sakamuva esethulwe yiNkantolo yaseGauteng nguMehluleli uDavis, ecaleni No 215422020 sikubeke obala ukungavumelani kwabantu noHulumeni khona lapho nesethulo sikaHulumeni sakuveza lapho umi khona. Noma ngabe lokhu kuhunyushwa kanjani kepha okusobala wukuthi inkulu ingcindezi nokwesaba nxazonke, uHulumeni uyesaba ukwenza amaphutha okungahle kuthi ngawo kugule noma kubhubhe inqwaba kanti nabantu bayesaba ukuthi uma bephuma bangagula kanti uma behleli bangabulawa yindlala. 

Lezi yizikhathi ezinzima cishe kuwo wonke umuntu.

Scroll To Top