Now Reading
Ingxoxo ekhethekile: UZungu uveza izinhlelo zoSuthu zokugubha iminyaka eyi-100
Dark Light

Ingxoxo ekhethekile: UZungu uveza izinhlelo zoSuthu zokugubha iminyaka eyi-100

Eminyakeni eyedlule uSuthu luphenduke ukudla kwezembe. Selokhu kwasungulwa iPremier Soccer League (PSL) ngowe-1996/97, AmaZulu asegawulwe yizembe amahlandla amane. Phezu kwalokho aseqede iminyaka engama-28 agcina ukuphakamisa inkomishi.

Engxoxweni ekhethekile nelaboHlanga, uMphathi waleli qembu uMnu uSandile Zungu utshele leli phephandaba ukuthi unezinjongo ezinkulu ngeqembu.

“Nakuba leli qembu linabanikazi balo abanamatayiteli kodwa kumele sikuqonde ukuthi limele isizwe (saMaZulu). Ukugqoka nje ijezi leqembu kuza nengcindezi ngoba kusho ukuthi kumele ulwe njengoba kwenza amaqhawe eSandlwana. Yingakho kumele ngaso sonke isikhathi balwele ukufela enkundleni ukuze noma isitha sibanqoba kodwa sibe sisho ngaphakathi ukuthi besilwa namaqhawe la. Esikwenzayo eqenjini asenzeli nje thina kuphela kodwa senzela nesithunzi sesizwe saMaZulu,” kusho uZungu.

USuthu lasungulwa ngo-1932. Kulo nyaka luqeda iminyaka engama-89 lasungulwa.

“Ivangeli engihlale ngilishumayela kubafana wukuthi noma kungathiwa umqeqeshi uthatha isinqumo sokukufaka enkundleni sekusele imizuzu emithathu umdlalo uphele kodwa kumele ungadikibali. Uma usuke ufakiwe enkundleni usuke ufakelwe injongo ethize. Uyazi umsebenzi wokufakelwa ukuthi wenze isiqiniseko sokuthi iqembu livikela isibalo samagoli elisuke liwashayile ufana ncamashi nomsebenzi wokushaya amagoli. Kumele uzimisele ngaso sonke isikhathi uma ugqoke ijezi laMaZulu. Akukho okunye engikulindele kubona ngaphandle kokuzikhandla,” kubeka uZungu.

Umehluko usuqalile uyabonakala ngaphansi kobuholi bukaZungu. Ngesizini eyedlule USuthu luqede endaweni yesibili ku-log. 

“Sidlalela inhloso. AmaZulu yiqembu elidala kunawo wonke amaqembu akhona kuPSL njengamanje. Sineminyaka engu-89. Ngo-2032 sobe sihlanganisa iminyaka eyi-100. Inhloso yethu enkulu wukuthi kula masizini ali-11 alandelayo, siwole izinkomishi. Isifiso sami esikhulu wukuthi unyaka nonyaka sithole inkomishi. Akuthi okungenani uma sihlanganisa iminyaka eyi-100 sibe sesishaya ngenqwaba yezindebe ekhabetheni lethu. Singakuzuza lokho. Ngibatshelile abadlali ukuthi uma bekwazile ukuzuza lokho bayobalwa namaqhawe. Ubani-ke ongafuni ukubalwa namaqhawe? Angingabazi ukuthi wonke umuntu oyingxenye yaMaZulu ufuna ukuba semabhukwini omlando weqembu,” kulandisa uZungu.

Eminyakeni eyedlule AmaZulu akhiqize izibabuli zabadlali ezifana noMlungisi “Professor” Ngubane, uCedric “Sugar-Ray” Xulu noJoel Faya ukubala abambalwa.

“Konke kusezandleni zabo abadlali ukuthi bazibhalele owabo umlando njengoba kwenza amaqhawe afana nobaba uSugar Ray Xulu (ongasekho emhlabeni). Siphokophele phambili. Asidlaleli nje ukwandisa izibalo. Sifuna ukwenza isizwe saKwaZulu siziqhenye ngeqembu laso. Iqembu linezinhloso elifuna ukuzifeza eminyakeni ezayo,” kusho uZungu.

USuthu luzodlala imidlalo yalo yasekhaya eMoses Mabhida Stadium nonyaka .

See Also

“IMoses Mabhida yakhelwa ibhola lezinyawo. Le nkundla ayizange yakhelwe ibhola lo mbhoxo. Kwakhishwa izimali ezishisiwe zesizwe ukuze kwakhiwe le nkundla kanokusho. Iqembu elingayigcwalisa le nkundla, AmaZulu. Konke kuncike kithina. Kumele sidlale ngendlela yokuthi wonke umuntu ahalela ukuza enkundleni. IKings Park Stadium akube yinkundla encane yaMaZulu. Inkundla engakwazi ukumumatha bona abalandeli boSuthu iyona Moses Mabhida Stadium,” kubeka uZungu.

Ngesizini edlule AmaZulu abesebenzisa iMabhida njengenkundla yawo yasekhaya.

“Ukuya kwethu eMabhida kusidweba sacaca bha isithombe sokuthi sifuna ukuzuza izinto ezinkulu. Asinalo uvalo ukuthi sizokwazi ukuyigcwalisa yini inkundla. Abanye bangashaywa yingebhe ukuthi inkundla ingaba nkulu kodwa thina sizethembile. Abalandeli baMaZulu bayizigidigidi. Yebo, ngeke size siyigcwalisa inkundla ngosuku olulodwa kodwa angingabazi ukuthi sizoyilayisha iMabhida,” kuqhuba uZungu.

Ngemuva kokuqeda endaweni yesibili ku-log, USuthu luzibekisele indawo kuCAF Champions League.

“KuCAF Champions League asiyile ukuyosinisa amahleza. Inhloso yethu wukufinyelela esigabeni samaqoqo. Uma futhi kwenzeka singakujabulela ukudlulela esigabeni somkhumulajezi. Siyolwa lapha. Sifuna bezwe ngoHebe e-Algeria. Sizimisele ngokuthi kuqhume uHebe eCentral Africa Republic. Kumele basibone ngawabo lesizwe saMaZulu abahlale befunda ngomlando waso ukuthi  sahlula amaNgisi. Selokhu kwathi nhlo iqembu alikaze lidlale emiqhudelwaneni yeConfederation of African Football. Siyayifuna inkanyezi. Uma singayithola ngaphambi kokuthi iKaizer Chiefs iyithole singajabula kakhulu. Sinethuba elifanayo nele-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns lokuthola inkanyezi elandelayo eNingizimu Afrika. Sizimisele ngalokho. Ukuthi kuzokwenzeka nini, uBayede ( ISILO esisanda kwebuza) esenyandezulu siyamethemba ukuthi izingane zakhe uyozibhekelela.” kuphetha uZungu.

Scroll To Top