UMathunjwa uthi akuguqulwe umthethosisekelo


UMengameli wenyunyana i-Association of Mineworkers and Construction Union (AMCU) uMnu uJoseph Mathunjwa unxuse ukuba kushintshwe umthethosisekelo wakuleli kanye nohlelo lokuvota.
Uthula inkulumo yakhe ngosuku lwesikhumbuzo lapho kwabulawa khona abavukuzi abangu-34, eMarikana ngo-2012, uMathunjwa uthe umthethosisekelo wakuleli kumele ushintshwe kufakwe ozokhulumangqo nabantu.
“Kumele futhi kushintshwe nohlelo lokuvota, umengameli namakhansela nezimeya kuphakanyiswe ngabantu hhayi amaqembu khona izikhulu zibika kubantu hhayi eqenjini lazo,” kusho uMathunjwa.
Uthe izikhulu zihlale zihamba ezindaweni okuhlushekwa kuzona mihla namalanga kodwa azinandaba nokulungisa isimo.
UMathunjwa uthe uhulumeni wakuleli wabulala abavukuzi ukuze akhombise abatshalimali abamhlophe ukuthi imayini yabo iphephile.
Uthe isizathu esenza ukuba kwenzeke isibhicongo saseMarikana ingoba impilo yabamnyama kuleli ishibhile.
UMathunjwa uthe banenkinga kahulumeni oncamela imali kunempilo yabantu.
Uthe bafuna isibhicongo saseMarikana sibizwe ngesibhicongo iSibanye-stillwater.
UMathunjwa uthe manje sekuyisikhathi sabasebenzi ukuba babumbane ukuze banqande ukuthi basetshenziswe ongxiwankulu.
UMathunjwa uthe uRamaphosa kumele akhulume ngokuvuselela unembeza wakhe kuqala ngaphambi kokuba akhulume ngokuvuselela i-ANC.
Unxuse abantu ukuba bavuke emaqandeni bayeke ukulokhu bedlala uhulumeni we-ANC ubathembisa ize.
“Uhulumeni we-ANC enawukhetha usebenzela izisu zawo awunandaba nabantu,” kusho uMathunjwa.
Uthe izikhulu zasemayini iSibanye still-water kumele zikhokhele abafelokazi babagilwa kuze kushaye isikhathi sokuba bahole impesheni.
Umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uMnu uJulius Malema ufonge wagomela ukuthi bazolwa kuze kufike ekugcineni ekwenzeni isiqiniseko sokuthi uMengameli uMnu uCyril Ramaphosa uyajeza ngokugqugquzela ukuba kubulawe abavukuzi abangu-34, eMarikana ngo-2012.
UMalema uthe kuyishwa futhi kuyadabukisa ukuthi ngemuva kweminyaka eyisishiyagalolunye kwenzeka isibhicongo kodwa namanje akekho noyedwa umuntu oboshiwe wajeziswa.
Uthe into abayibonayo ukuthi uhulumeni we-ANC uyabavikela labo abasolwa ngalesi sigameko.
“Ngifuna ukukubeka kucace ukuthi ngeke size siphumule uRamaphosa engajezile ngalesi sigameko, kungaba okwamanje ukuba akakaboshwa kodwa abangacabangi ukuthi usephunyulile uzoboshwa ngisho esengasesiye uMengameli, sizohamba siyomlanda kwakhe njengoba kwenzekile nakulowo obengumengameli wakuleli uMnu uJacob Zuma,” kusho uMalema.
UMalema uthe lolu daba sebezoluthatha baluyise enkantolo.
Uthe uma uPhiko lwezokuShushisa kuleli iNational Prosecuting Authority (NPA) luhluleka ukuthatha izinyathelo bazophoqeleka ukuthi bafuna uphiko oluzimele kwezokushushisa oluzobheka udaba lwaseMarikana.
UMalema uphinde wakhala ngamajaji wakuleli wathi asemaphaketheni osopolitiki okwenza angawenzi ngendlela umsebenzi wawo.
Obekhulumela abafelokazi babagilwa uthe bafisa usuku luka-16 Agasti ukuthi luhlonzwe njenge holidi.
Ngo-16 Agasti 2012, usuku okwabulawa ngalo abavukuzi ngesikhathi bebhikishela iholo lokuphila elingu-R12 500, ngenyanga.
Lo mfelokazi uthe okunye abakufunayo ukuthi bafuna uhulumeni we-ANC enze isiqiniseko sokuthi izingane zabagilwa ziyafunda zize zithole imisebenzi.
UMengameli ngokuhlonishwa we-IFP Inkosi uMangosuthu Buthelezi uthe labo abalwela ubulungiswa kulandela isibhicongo saseMarikana kumele bazi ukuthi impi ayikanqotshwa.
“Kumele kwenziwe ubulungiswa bonke abathintekayo kulesi sibhicongo bajeziswe khona nezilonda ezikhona kwizihlobo zabagilwa zizophola,” kusho uButhelezi.
Umholi we-Unted Democratic Movement (UDM) uGeneral Bantu Holomisa uthe isibhicongo saseMarikana siyohlale njalo sisemlandweni wakuleli njengoba siveza obala ubulwane bobuholi bakuleli.
UHolomisa uthe kuze kube imanje akekho osekhombise ukuthi uyazisola noma waxolisa ngalesi sigameko.
“Ngosohlangothini lomthetho akekho futhi umuntu osejezisiwe,” kusho uHolomisa.
Omunye wabasebenzi abasinda kwisibhicongo saseMarikana, uMnu Mzolisi Mbulana unxuse i-EFF, UDM ne-IFP ukuba bahlangane ukuze baketule i-ANC emandleni.
Uthe abavukizi baphuma enyunyaneni iNational Union of Mineworkers (NUM) bajoyina i-AMCU ngoba izikhulu zeNUM zasezidayisa ngabasebenzi kubaqashi.
UMbulana uthe abantu sebebonile ukuthi i-ANC ibolile.
“NoZuma ngesikhathi esemandleni wamvikela uRamaphosa ngokuthinteka kwakhe kwisibhicongo engazi ukuthi uvikela imbamba ehlaza ngelinye ilanga eyosobozela yena,” kusho uMbulana.
Uthe ziningi izibhicongo ezisazobakhona kuleli njengoba abasolwayo ngesaseMarikana bengakaboshwa bajeziswa.
Ummeli u-Advocate uDali Mpofu uthe kumele ibongwe inyunyana, i-Association of Mine Workers and Construction Union (AMCU) ngokwenza isiqiniseko sokuthi njalo ngonyaka lesi sibhicongo siyakhunjulwa.