Abesifazane bawumgogodla wakho konke



UMnu uSanele Gamede: UMqeqeshi WezeMpilo Yabantu Abasha Nezemisebenzi
Kungithathe isikhathi eside ukubhala lomlayezo wabantu besimame ngoba sekuningi okushiwo kubo, ngabo kanye nokubaluleka kwabo. Angifisi lomlayezo uzwakale unkeneza njengeminye yemilayezo eye ibhalwe noma ishiwo kubantu besifazane uma kuyinyanga yabo.
Angazi ukuthi nginalo yini igunya lokukhuluma nabo, kodwa sengithembe ukuthi njengomeluleki wabantu abasha ngivumelekile ukuthi ngibhale lomlayezo ngaphandle kokuzwakala njengendoda ezama ukuzincengela. Ngikhuluma ngokuzincengela ngoba kuningi asebedlule kukho abantu besifazane. Ubuhlungu nokuhlukunyezwa asebadlule kubo bukwenza uzibone kungakufaneli ukuma phambi kwabo kube khona into oyishoyo, njengendoda, kubo eyizeluleko.
Uma sikhuluma ngabesifazane sichaza izinto eziningi ngabo kanye nokubaluleka kwabo kodwa sikhohlwa izinto ezimbalwa ezibaluleke kakhulu ngabo. Abantu besifazane bawumgogodla wayo yonke into. Izinto eziningi bayazazi futhi bayakwazi ukwenza izinto zenzeke. Bayisisekelo sezinto eziningi esizenzayo futhi bayakwazi ukumela ubunzima bokuthwala konke okuza ngakubo. Bafana nawo ngqo umgogodla womzimba, wona osekela umzimba wonke.
Noma ungaba mude, ube nezikhwepha kanye namandla kodwa uma umgogodla wakho ungasebenzi, lowomzimba awukwazi ukusebenza kahle. Banjalo-ke abantu besifazane, bawumgogodla wayo yonke into. Yonke into ihamba kahle uma kukhona bona futhi wonke umuntu uyajabula uma kukhona bona.
Akukho ukuphumelela nokuzinza kwezinto uma bengekho ngoba bawuzinzo kanye nenhlala kahle yawo wonke umuntu. Ngike ngathatha ukubheka, ngibuka indima abayidlalayo ezintweni eziningi, kusukela ekukhuliseni abantwana, kwezamabhizinisi, kwezemfundo, kwezepolitiki, kwezenkolo, kwezobuholi, kanye nokuningi. Noma ungaqalaza ngakwesokudla uzobathola, noma ubheka ngakwesokhohlo bakhona. Ebukhoneni babo ezintweni eziningi, ezifaka lezi engizibale ngenhla, kwenza izinto zihambe kahle futhi kube nokuthula.
Uma izinto sezibophene, ngiye ngibone bona futhi beza necebo. Angifuni ukuzwakala sengathi abanasici ngoba phela nabo bangabantu, kodwa ngifike lapho ngivuma khona ukuthi ezinye izinto zilunge ziphethwe yibo. Bayatetema uma bethola izikhathi ezinzima kodwa angibasoli, kuningi abadlule kukho iningi labo.
Ngithe, bawumgogodla wayo yonke into, ngaphinde ngathi awukho umgogodla uma bengewona umgogodla. Ngiziphe isikhathi ngizenzela ucwaningo ngabo nokuthi bangabantu abanjani, ngathola isimanga sokuthi ezintweni eziningi lapho betholakala nalapho bethinte khona izinto zivele zande, zihlume, zikhule futhi zibe nempilo. Lokhu ngikusho ngoba abesifazane bayakwazi ukuqoba otamatisi ababili bawenze isishebo esinganela umndeni wonke.
Lokho kuphinde kwangangethusi ngabo ngoba kuseyibona abasifake esikoleni ngemali engekho, safunda bona bengakaze bawubona umnyango wesikole. Kubo ngifunde lukhulu ngothando, uthando olunganambandela. Isenzo sabo sokusifaka esikoleni ukuthi sibe odokotela bengayanga bona esikoleni kungenze ngabona ukuthi banalo ngempela uthando. Akekho umuntu ongakuthandela into angenayo yena futhi angayazi kodwa enze okusemandleni akhe onke ukuthi uyithola.
Ngiyazi uyazibuza ukuthi ngiyaphi nalenkulumo. Engizama ukukuveza kubo bonke abesimame ukubaluleka kwabo kanye nendima abayidlalayo izimpilweni zawo wonke umuntu. Akukhathalekile ukuthi ukuphi futhi unamalini muntu wesimame, kubalulekile ukuthi uzazi ukuthi ubaluleke kangakanani.
Lenyanga yabesifazane akube yinyanga ekukhumbuza ngokubaluleka kwakho lapho ufikelwa khona ukwesaba, ukuzizwela ungabalulekile, nalapho ufikelwa khona ukuzenyeza kanye nokuzibukela phansi. Yisikhathi esihle lesi sokuthi uzinuke amakhwapha njengomuntu wesifazane, uzilungise noma ucela abanye besimame bakulungise lapho udinga khona usizo. Okusemqoka ukuthi uzibeke emathubeni azokuthuthukisa njengomuntu wesimame ukuze ungafikelwa yingcindezi yokweswela engakwenza uzithole sewuncike komunye umuntu.
Kubalulekile ukuthi ugweme nanoma ngabe yini ezokwehlisa isithunzi sakho ngokuthi uzithuthukise wena kuqala. Kubalulekile ukuthi ukwazi ukuzimela kuqala ngaphambi kokuthi ube ngumgogodla kubantu abaningi. Uyadinga ukuthi ube ngumgogodla oqinile ukuze ukwazi ukuba yisisekelo sezimpilo zabantu abaningi. Iningi labantu besifazane liyathanda ukuzinikela nokwelekelela abanye abantu lingakazinakekeli lona kuqala.
Uma izinto sezingahambi ngendlela, kuba buhlungu ngoba bazibona bedele konke benzela omunye umuntu. Angisho ukuthi yiba nomona kodwa kubabulekile ukuthi uchelele lesihlahla esinguwe kuqala ngaphambi kokuba uchelele abanye abantu.