Ngacishe ngesula ngenxa yokugwamandwa kombuso – uRamaphosa
UMengameli uMnu uCyril Ramaphosa utshele iKhomishini kaZondo ephenya ngezinsolo zokugwamandwa kombuso ukuthi wake wafikelwa umcabango wokuthi esule esikhundleni sakhe njengePhini likamengameli ngoba enganeme ngezinto ezaziqhubeka ngesikhathi sobenguMengameli uMnu uJacob Zuma.
URamaphosa uthe uyakhumbula ngelinye ilanga etshela iPhini likaNobhala-Jikelele we-ANC uNks uJessie Duarte ukuthi ucabanga ukwesula.
“Ukwesula kwami kwakungeke kusize kodwa kwakuzoqhubezela phambili umonakalo, nganquma ukuhlala ukuze ngizokwazi ukulungisa isimo, ingakho nangesikhathi siya engqungquthelani yaseNasrec okwathi uma kukhona abaphakamisa igama lami esikhundleni sikaMengameli nganganqaba ngoba ngangizimisele ngokulungisa umonakalo owawukhona,” usho kanje.
Uthe kusukela engenile ehhovisi njengoMengameli, bakuphazamisile ukugwamandwa kombuso, wengeza ngokuthi bayazama futhi nokulungisa amabhizinisi kahulumeni abesonakele ngenxa yenkohlakalo ebiqhubeka kuwona.
URamaphosa uziqhelelisanile nobekuqhubeka, wengeza ngokuthi izinto eziningi ubezithola ngabezindaba. “Bengithola imibiko mayelana nezinsolo zenkohlakalo kwabezindaba, ihhovisi loMvikeli oMphakathi noma ngezinye izinhlaka,” kusho uRamaphosa.
Uthe njengePhini likaMengameli wayenqindeke amandla engakwazi uphumela obala ngezinto ayengahambisani nazo.
Utshele iKhomishini ukuthi zine izinto ezazisemqondweni wakhe, okokuqala kwakuwukuthi esule, okwesibili kuwukuthi athule, okwesithathu kuwukuthi abe yingxenye yokwabe kwenzeka, okwesine kuwukuthi ahlangane nabanye ozakwabo ababengahambisani nokwabe kuqhubeka balwisane nakho.
Uthe kusukela engenile ehhovisi njengoMengameli bayazama ukulungisa umokalalo owenzeka njengoba bezama nokuzihlela kabushwa njenge qembu.
“Sesidwebe umugqa njengoba silwisana nenkohlakalo, inkohlakalo iphazamisa izinhlelo zokusiza abantu bakithi,” kusho uRamaphosa, wengeza ngokutshela iKhomishini ukuthi cishe ibona kuphela njenge ANC abayinhlangano ezimisele ngokunekela izwe ukungcola kwayo.
Lolu daba luyaqhubeka.