Now Reading
Kuzoqiniswa ezokuphepha enkantolo kwelikaZuma
Dark Light

Kuzoqiniswa ezokuphepha enkantolo kwelikaZuma

Zizoqinisiwa ezokuphepha eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu lapho kulindeleke ukuthi kuqulwe icala lenkohlakalo nokukhwabanisa elithinta ithenda yokuthengwa kwezikhali elibhekene nobenguMengameli wakuleli uMnu uJacob Zuma.

Ekhuluma eLamontville lapho amaphoyisa kade exoxisana nomphakathi kulandela isigameko sokubulawa kowesilisa kuleli lokishi uMnu uZamekile Shangase ngesikhathi abakwasidlodlo kade beqhuba umkhankaso wokulanda izimpahla ezitatshwe ezitolo, uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLt General uNhlanhla Mkhwanazi uthe ezokuphepha zizoqiniswa eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu kusasa.

“Njalo uma obenguMengameli eya enkantolo kuhlale kukhona abantu abaphumayo beyomeseka, ingakho senze uhlelo lokuthi siziqinise ezokuphepha,” kusho uMkhwanazi.

Icala likaZuma kulindeleke ukuthi lingene kusasa kodwa mancane amathuba okuthi liqhubeke njengoba lowo owayengumengameli esesibhedlela kulandela ukungeniswa khona ngeledlule exinwe ukugula okungamahlalakhona.

Okhulumela iJacob Zuma Foundation uMnu uMzwanele Manyi ubhale ekhasini lakhe le-twitter wathi ithimba labameli baZuma lixoxisana noPhiko lwezokushushisa kuleli iNational Prosecuting Authoirity (NPA) ngesicelo sabo sokuthi kuhlehliswe icala njengoba uMsholozi esesibhedlela.

“Ngemuva kokuqinisekisa koMnyango wezokuHlumelelisa izimilo ukuthi uZuma usasesibhedlela, ithimba labameli bakhe lixoxisana neNPA ukuze kukwazi ukuthi kucelwe umehluleli ukuba alihlehlise icala,” kusho uManyi.

Ngakolunye uhlangothi, okhulumela iNPA uMnuz uMthunzi Mhaga uthe ngeke bakwazi ukuphawula ngalokhu ukushiwo yiFoundation kaZuma kuze kuba umehluleli wenza isinqumo.

See Also

Okhulumela uMnyango wezokuHlumelelisa izimilo kuleli uMnu uSingabakho Nxumalo ukuqinisekisile ukuthi uZuma usasesibhedlela.

UNxumalo uthe uZuma ungeniswe esibhedlela emva kokuxinwa ukugula njengoba esejele laseMtshezi.

UZuma udonsa isigwebo sezinyanga ezili-15, kulandela ukulahlwa icala lokudelela inkantolo emva kokwenqaba ukwethula ubufakazi kwiKhomishini ephenya ngezinsolo zokugwamandwa kombuso yidlanzana.

Scroll To Top