Akazimisele ngokuthatha umhlalaphansi uShabba osanda kuchithwa AmaZulu


USimphiwe “Shabba” Tshabalala owazakhela ugazi ngo-2010 ngesikhathi eshaya ingcwenga yegoli iBafana Bafana igadulisana neMexico emdlalweni wokuqala wokuvula ngeNdebe yoMhlaba ujoyine Usuthu ngesiwombe sesibili sesizini ka-2020/21.
Leli nxele elidume kuKaizer Chiefs beselihlale isikhathi eside lingenalo iqembu ngaphambi kokuthi lijoyine Inyoka Eluhlazana.
OSuthwini ufike waphenduka ukudla kwebhentshi. Yingakho iqembu lithathe isinqumo sokuthi lingayivuseleli inkontileka kaShabba.
Imeneja yakhe uJazzman Mahlakgane utshele elaboHlanga ukuthi uTshabalala akakayicabangi eyokuthatha impesheni.
“UShabba akakazimisele ukuyeka ibhola okwamanje. Usafuna ukudlala. Okwamanje akukacaci ukuthi uzodlala kuphi ngesizini ezayo kodwa yena uzobe egijima kuDSTV Premiership. Lokho ngingakuqinisekisa,” kusho uMahlakgane.
UTshabalala ubalwa nezingwazi zebhola eNingizimu Afrika ngenxa yamagalelo akhe kunobhutshuzwayo. Asikho isicoco angakaze asinqobe lapha eMzansi. Uzinqobe zonke esesemabhukwini eChiefs.
Ukhale wemuka nezicoco ezimbili zeligi, ezimbili zeTelkom Knockout, ezimbili zeMTN8 neseNedbank Cup. Akagcinanga lapho. Udlale kuyo yonke imiqhudelwano emikhulu neqembu lesizwe lakuleli, iBafana Bafana.
Uyibambe ku-Africa Cup of Nations ngo-2006 e-Egypt, 2008 eGhana nango-2013 eNingizimu Afrika. UShabba udlale nakwiFifa Confederation Cup ngo-2009 kanjalo nakwiNdebe yoMhlaba ngo-2010.
“Kuyothi kuphela leli sonto, ngicabanga ukuthi kuyobe sekucaca ngekusasa likaShabba.” kulandisa uMahlakgane.
UShabba ufike oSuthwini ethwelwe ngeqoma lokuthi uzofike aphenduke intandokazi kuleli qembu elizinze kweleNdlovukazi uMthaniya.
Nokho uhluleke wancama ukubamba umgqigqo ngenxa yokuthi ubesehlale isikhathi eside engadlali.
Abathandi bebhola bebezitshela ukuthi uzosika iphethini kumngani wakhe omdala uReneilwe “Yeye” Letsholonyane osanda kumemezela ukuthi usethi khumu ebholeni.
Ngenyanga ezayo leli nxele lizobe lihlanganisa iminyaka engama-37 lazalwa.