Kukhonye iMaritzburg United kowe-Premier’s Cup
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Lo mqhudelwano udlalwa amaqembu agijima ngaphansi kwamaligi akuPremier Soccer League (PSL), lawo maqembu AmaZulu FC, uThongathi FC, iRoyal AM, iRichards Bay FC, IMaritzburg United neLamontville Golden Arrows.
ITeam of Choice (IMaritzburg United) kowamanqamu itholane phezulu na-AmaZulu FC, lo mdlalo uphele zibambene ngamagoli amabili nhlangothi zombili. Amagoli eTeam of Choice ashawe uRichard Zuma noZukile Kewuti obegijima kuwona AmaZulu FC ngesizini edlule, awoSuthu wona ashawe uTapelo Xoki noSphelele Mthembu.
Okunguye oshwebe iphenathi ya-AmaZulu FC uXoki, iMaritburg United yona yawavalela wonke phakathi.
Umdlali oqokwe njengomdlali ovelele uPhumlani Ntshangase, uthe unalo ithemba lokuthi iqembu lakhe lizokwenza kahle ngesizini ezayo.
“Kuyangijabulisa ngendlela esidlale ngayo. Asibanga nesizini enhle kule ephelile, ngibona likhona ithemba lokuthi sowalungisa amaphutha” kusho uNtshangase.
Lo mdlali usanda kuqokwa njengokaputeni waleli qembu.
“Ngiyajabula ukuqokwa njengokaputeni, ijoka elikhulu leli ekutheni kumele ngibe nomsebenzi wokuhola iqembu lenze kahle. Ngiyabonga kubaphathi ngokuthi banginike lesi sikhundla. Ngiyathemba ngizowenza kahle umsebenzi wami” usho kanje.
Lo mdlali oyibamba esiswini ubonge umndeni wakhe, kanye nabalandeli baleli qembu abaliseka kukubi kukuhle.
Umphathiswa woMnyango weZemidlalo kulesi sifundazwe uHlengiwe Mavimbela, uthe bazoqhubeka nokuseka lo mqhudelwano.
“Konke kube impumelelo ngendlela ebesifisa ngayo. Sifisela wonke lamaqembu ukuthi adlale kahle ngesizini ezayo” usho kanje uMphathiswa.