Now Reading
Kusolwa owayengumehluleli ekubulaweni kukamengameli
Dark Light

Kusolwa owayengumehluleli ekubulaweni kukamengameli

Anathi Mtaka

Amaphoyisa aseHaiti ngoLwesihlanu aveze izinsolo ezintsha azibhekise kowayengumehluleli eNkantolo Ephakeme yalelizwe mayelana nokuhlangana kwakhe nokubulawa kukaMengameli uJovenel Moise ekuqaleni kukaNtulikazi , amaphoyisa athi uhlangane namanye amasosha ayizinkabi aseColombia asolwa ngokubulala uMoise.

Ukubulawa kukaMoise kucwilise leli lizwe elimpofu kunazo zonke esifundazweni saseNtshonalanga futhi kwaqala umkhankaso wokuthungathwa kwamasosha nongqondongqondo betulo lokubulala emazweni aseMelika. Amaphoyisa aseHaiti ngasekuqaleni kwesonto eledlule akhipha incwadi egunyaza ukuboshwa kukaWendelle Coq-Thelot, owayengumehluleli eNkantolo Ephakeme owaxoshwa nabanye abehluleli ekuqaleni kukaNhlolanja ngesikhathi uMoise ethi kuhlelwa ukuvukela umbuso.

UCoq-Thelot akaziwa ukuthi ukuphi futhi akatholakalanga ukuba aphawule. Amasosha aseColombia kanye nabanobuzwe baseMelika naseHaiti ababoshwe ngemuva kokubulawa kukaMoise bathe bahlangane noCoq-Thelot, ngokusho kuka-Inspector General Marie Michelle Verrier, okhulumela amahoyisa akuzwelonke eHaiti.

“Abaningana babo bakhombisile ukuthi sebeke baya emzini kaNkk Coq kabili,” kusho uVerrier etshela abezindaba. “Laba bantu banikeze (amaphoyisa) imininingwane yamadokhumende asayinwe ngesikhathi kunemihlangano emzini kaNkk Coq.”

Amaphoyisa agasele emzini omkhulu kaCoq-Thelot kanjalo nakwezinye izindawo zokuhlala emaphandleni, kusho uVerrier. Kuphinde kwethulwe iphosta ekhombisa ukuthi uCoq Wandelle ungofunwayo (Wanted poster) .

See Also

Kusenemibuzo eminingi yokuthi ngubani owayengaphansi kwalelitulo lokubulawa kwamengameli ngenyanga edlule nokuthi ababulali bakuthola kanjani ukungena emzini kamongameli. Izikhulu zaseHaiti zisola isikwati samasosha amaningi aseColombia, amathathu awo abulawa ngamaphoyisa. Kuboshwe isikhulu esiphezulu sezokuphepha endlini kamengameli uMoise ngezinsolo zokubandakanyeka ngoLwesibili.

Ngasekuqaleni kosuku, iColombia icele iHaiti ukuthi iqinisekise amalungelo asemthethweni nawokwelashwa abantu baseColombia abangu-18 ababoshwe esiqhingini esiseCaribbean ngezinsolo zokubandakanyeka ekubulaweni kukaMoise. kuzokhumbuleka ukuthi ukubulawa kwamengameli kwashiya lelizwe lisotakwini ngenxa yokusolana.

Scroll To Top