Ubuqhawe bokuvikela uBukhosi nezwe likaZulu kukaZibhebhu
UMntwana uBhekizizwe ungusomlando nombhali wezincwadi zomlando.
Kuqhubeka kushicilelo oludlule: Phela ukuviva nokusina kwamabutho kwaMandlakazi iyonanto eyayihamba phambili. UMntnwana uZibhebhu wayeligagu lokusina efana neNgonyama uShaka noDingana. Lona weNkosi wayehuba kuze kuse uma esebusa nabantu bakayise.
Kungenzeka ukuthi akakho namuhla eMakhosini akhona lapha kwelakwaZulu enamahubo amaningi njengawoMntwana uZibhebhu. Namuhla lamahubo engikhuluma ngawo lapha, asagciniwe ayahutshwa kwaManldakazi. Bathi kwakuthi uma esekhaya ehlezi noMdlunkulu wakhe azithokozise ngokuhuba asine nawo. Wayewukhonzile kakhulu umndeni wakhe ngangokuthi wawungaphika ukuthi nguye lona okuthi uma eselwa angafiswa muntu.
Ekubuseni kwakhe isizwe sikayisekunesikhathi lapho alwela khona ubukhosi exazulula umbango waseNdlunkulu, ukuba kubekwe uMntwana uCetshwayo owayenguNdlalifa yeNgonyama uMpande, kunesikhathi lapho uMntwana uZibhebhu alwa nabamhlophe izimpi ezinkulu nezingelinganiswe nalutho, evikela uBukhosi nezwe likaZulu.
Kepha isikhathi esaba nzima ukwedlula konke kuye kungesikhathi esehlaselwa ngabakwabo eNdlunkulu sebebanga ingane yeNkosi, uMntwana uDinuzulu kaCetshwayo. Ngalenkathi walwisa okwemamba enenxeba ezivikela yena ngangokuthi waze wabulala ngisho abakayise uqobo. Lokhu ukuzwa ekuxoxa ehubeni lakhe elikhulu ebabaza ethi:
“Weludonga dilika
Ngiyibone iNkonyane kaNdaba
Kukhulu engikwenziwe KwaZulu
UyiNkonyane yemikhonto
UyiNkoanyane yakwaZulu
Abantu bagwazwa yimpi”
Wahaya lelihubo lakhe elibhekise ezikhulwini zakwaZulu ethi sezakhe udonga ngoba zithi akasenakubuye angene kwabo eNdlunkulu. Lelihubo waliqamba ngemuva kwempi yaseNdunu. Kwathi ezinsukwini zakhe zokugcina simthola esephila impilo enokuthula noxolo neSilo uDinuzulu, ukulwa sekwedlulile.
Nanka amanye amahubo akhe uMxhapho:
“YE!HE! Zulu wayengashongo
Kuyabuswa eNkungwini Ekuvukeni
SingaMankentshane
Kwankomo ziyafana
Ngezamandla lezo nkomo ezawela uMhlathuze ngamandla
Wafa Mntwana sikubhekile
Bayindlu yemikhonto abakwaZulu
Uyinkonyane yakithi Ogedleni
Sidilika nasemaweni ntaba zakoManxala kwelasoGedleni
Ulunguza ngomkhonto kwabezizwe
Usedlalisa imikhonto lapha ezweni
Umubi ngani Ndaba nakqabakwenu, bakwala izwe lonke
Bayihlaba izizwana zonke Mxhwapho, kusho abakwaZulu
Emini eNdimihlane
Uyaliwa uNdaba eMaMbozeni
Uphaphe lwenduna enkanjini
Ulimi labakwaZulu luyaphindana
Abantu abangizondayo baningi ezweni
Izibhube sikhala kwaSekana
Emthethweni kulena kwaMaqhwakazi
UMagasa akasagwazi uyashendela
Ngaze ngalamba ngazibopha kwaMnyathi
Wadla ezamahole uNdaba uyaziholela, kusho abafo nje Vuma
YebuyaNdunduma,
Sasiyohlanganisa umhlabathi wakwaZulu
Abantwana beNkosi bebakha imizi yabo beyiqamba amagama ngezici nangezigameko ezisuke zenzekile kuleso sikhathi ababephila kuso.
Ekuvukeni: Lomuzi wasEkuvukeni unamanxiwa ayisishiyagalombili kusukela wakhiwa iSilo uShaka. Inxiwa lokuqala lisezibomvini emasimini akwaNkosi lalimi libuka eMpumalanga. Kwathi elesibili lalakhiwe emzini woMntwana uMabhulukwe endaweni yaseMagundaneni.
Kwathi inxiwa lesithathu langenhla komuzi kaMthambalazi wakwaGazu eNingizimu yesikole iCwayisa. Bathutha lapho bawubeka eNyakatho yesitolo sikaSikhakhane. Kwathi uma bewuthutha lapho base beyowakha esikanekisweni sasEkuvukeni. Bathola ukuthi kuhlala amanzi amaningi uma izulu lina.
Base begudluka kancane sebewubeka lapho osekwakhiwe khona isikhumbuzo soMntwana uSojiyisa weNgonyama uJama.
Kwathi uma usuka lapho base bewakha emzini kaMntwana uJiza kaMshumbu kaZibhebhu. Wasuka lapho wayokwakhiwa esundwini okulapho wahlakazeka khona kwagcina kungasekho umuzi obizwa ngalelo gama ngoba aBantwana balibanga baze bayomangalelana eNkosni uBhokwe.
Kuthiwa iNkosi uBhokwe yabachitha bobabili ababebanga leligama yathi kabasho ibaqambele imizi yabo ngoba Ukuvuka ngokwayo. Ukuvuka yiwona muzi omdala wesizwe sakwaMandlakazi kepha ulandela owokuqala okunguMandlakazi owakhiwa uMntwana uSojiyisa.
Izimpi zoMntwana uZibhebhu elwela uBukhosi
Umntwana uZibhebhu kwakuyinsizwa eyayinesibindi esesabekayo: iqhawe lokugcina elalinamandla amakhulu, ungqondongqondo kwezokuhlela amabutho nosomaqhinga kwezempi. Kwakuthyi uma esebhekene nempi phambi kwakhe, wayephikelela phambili kuhle okwensele.
Ubuhlakani bakhe babufana nobebhubesi uma lihlasela, kanti uma esebhekene nesitha sakhe umqondo wakhe ubushesha njengonyazi ukusicabangela amasu okusinqoba. Kwakuthi uma esegadla wayeshesha kuhle okwendlondlo enexneba, eshaya ngisho isithunzi sayo. Kuthiwa kwakuthi uma esephaka impi athi amabutho awahlasele ngesikhulu isiqubu kuhle kwamagagasi olwandle, kungabi namkhawulo okungenza ukuba isitha singabi nethuba lokuyicabangela.
Kwakuthi uma esehlela ukuhlasela ngeyakhe impi, ubecophelela kakhulu ukuthi kungenzakali nelilodwa iphutha ekwenzeni kwakhe. Wayengumuntu ongenawo amawala kepha enobuchule obesabekayo nokucophelela uma esenza into. Waba iqhawe elalivelele ngesikhathi seNgonyama uMpande Kanye nesokubusa kweSilo uCetshwayo. Impi yakhe wayethi kayivunule ngamadlokolo ukuze kuthi uma iqhamuka kweyabafo bethuke bangenwe itwetwe baqhibuke babaleke ingakahlangani.
Bayabalwa abasezingeni lakhe ngobuhlakani ayenabo kwezempi Kanye nokuhlabana kwakhe. Abantu bakwaMandlakazi Kanye nabantwana bakhona kwakuthi uma bexoxa ngaye abanye ubabone bethwala isandla emakhanda bekhala izinyembezi zehle ziphophoze.
Ubezwe bethi bona basaphilelani emhlabeni ngoba abakaze babuhlabanele uBukhosui njengoYisemkhulu wabo. Iningi labo engangixoxa nalo laliqinisa ngokuthi uMntwana uZibhebhu ubuhlakani bakhe kwezempi babufana ncamashi nobeNgonyama uShaka.
UNompagisa kuyihlomisa
Usihlangu sikaShaka noJama
Uqoth’ imbokodo nesisekelo.