UmaNdawonde uthi bazobuya beqinile ngesizini ezayo



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umdlali weqembu lombhoxo labesifazane iCell C Sharks, uZinhle Ndawonde uthe kumjabulisile ukuthi bephinde bekwazi ukugijima kwiligi yesigaba esiphezulu esibizwa ngeWomen’s Premier Division.
ICell C Sharks Women’s inqobe umdlalo wokuhlunga ibhekene neMastercard Golden Lions Women, lo mdlalo ubungoMgqibelo owedlule eJonsson Kings Park eThekwini. Uphele iCell C Sharks Women’s inamaphuzu angama-27, kwathi iMastercard Golden Lions yaba neqanda.
“Kube isizini enzima kakhulu, lapho esicishe sehlela khona ngezansi nento ekade singayiphuphi nakancane” kusho uZinhle.
IWomen’s Premier Division idlalwa ngamaqembu ayi-7 okubalwa iDHL Western Province esonge ingompetha, iBorder Ladies, i-EP Queens, iBoland Dames, iBlue Bulls Women, iCell C Sharks Women neMastercard Golden Lions Women egcine idliwe izembe.
Ibuzwa le ntokazi ukuthi yini ebona kube umthelela ekutheni bacishe badliwe izembe ithe: “Eqenjini lethu besinabadlali abancane ngokweminyaka, bebesuka eqenjini labaneminyaka engaphansi kweli-18. Angeke ngisho ukuthi badlale kabi kodwa engingakusho bebeshawa isipiliyoni. Okungichazayo sikwazile ukumelana nabo bonke ubunzima. Sakwazi ukuthi sidlala neqembu eliqede lingompetha sahlulwa ngamaphuzu ali-10 eqandeni” inabe kanje.
Ithe inethemba elikhulu ngalabadlali abancane, ukuthi eminyakeni emibili elizayo lizobe libhaxabula kwasani okuphambi kwalo. Wathi ithimba labaqeqeshi lizokwazi ukuthola ithuba lokuthi libheke amaphutha enzekile, nabadlali benze esifanayo.
Le ntokazi kuyimanje izindaba zayo ziphethwe uqweqwe lwe Agent uMike Makaab.
“UMike Maakab ungumuntu ohlonishwa umhlaba wonke abadlali abaphuma ngaphansi kwesandla sakhe bazakhelile igama. Ukuthola leli thuba lokuthi nami ngingene ngaphansi kwegama lakhe kube yizindaba ezingijabulisa kakhulu. Iqiniso ukuthi ngeke ngidlale lo mdlalo impilo yami yonke, uzokwazi ukuthi angifundise okuningi nangaphandle. Kuyisibusiso esikhulu lesi kumina. Ngibonga iMabenya Sport ngokuthi kube yiyo edlale indima enkulu ekutheni ngithole lenqayizivele yethuba” kusho uZinhle.
UMaakab weProsport International uphethe inqwaba yabadlali okungabalwa uSibusiso Vilakazi no-Andile Jali beMamelodi Sundowns, uGabadinho Mhango we-Orlando Pirates, uSipho Mbule weSupersport United nabanye abaningi lapho kubalwa nabaqeqeshi.
UZinhle ozalelwe eChesterville extension 1, kodwa manje osehlala eThekwini uthe waqala ukudlala lo mdlalo ngonyaka wezi-2006 nalapho ayefunda khona eParkhill Secondary School.
Edalula okuyikho okwamhehela kulo mdlalo uthe: “Inhloso yami ngangifuna ukudlala unobhutshuzwayo, kwazise iwona engangiwazi kangcono kodwa kwathiwa awukho. Ngenxa yomuntu ozithandayo ezemidlalo ngaqoma ukuthi ngizijwibe kuwona, kwabe sekuwuqala kwami. Angizisoli nhlobo ukuthi ngiqome lo mdlalo ngoba usungenzele izinto ezinkulu empilweni yami” usho kanje uZinhle.
Okunye lo mdlalo omsize kukhona uZinhle ukuthi ukwazile ukukhohlwa izinto eziningi ezenziwa amantombazane amaningi asezindaweni zakobantu uma esakhula. Yena isikhathi esiningi ubesichitha ngokuthi aye esikoleni ahambe ayoziqeqesha.
Unyaka aqala ukuthi azuze okuthize kulo mdlalo kwaba unyaka wezi-2008, waqokelwa eqenjini lesizwe labaneminyaka engaphansi kweminyaka engama-20 waphinde wasayiniswa iqembu elikhulu esifundazweni iKwaZulu-Natal iSharks. Ngonyaka wezi-2015 ukusebenza kwakhe kanzima kwavuna izithelo ezinhle njengoba aqokelwa ukuba abe ngukaputeni woShaka.
Ngonyaka wezi-2017 wabe eseqokelwa eqenjini leSpringbok Sevens elalizoya kodlala eLondon, kuthe ngonyaka wezi-2018 wadlala imiqhudelwano emikhulu okwaba iCommonwealth Games neRugby World Cup Sevens.
Uke wadlala umqhudelwano weHSBC World Rugby Series, wadlalela iqembu lesizwe iSprinbok Womens lapho kudlala abadlali abali-15. Wadlala bedlala neSpain, iLondon, Italy neSpain.
Le ntokazi eneminyaka yobudala engama-32 ibuzwa ukuthi iyazibona yini kulo mdlalo isikhathi eside njengoba iminyaka ihambile ithe: “Isaminingi imininyaka ngikulo mdlalo, iminyaka ayisho lutho inqaba nje umzimba uma usavuma ngisazoqhubeka nawo” esho ehleka.
Uma engadlali umdlalo wombhoxo uZinhle usuke enza umsebenzi wakhe wokuba yisicima mlilo eKing Shaka Airport kanti uphinde abe neziqu zeSport Management.
Uthe uma engathola ithuba lokuyodlala phesheya kwezilwandle angalibamba ngezandla zombili njengoba kuyisifiso sakhe seminyaka. Njengoba engaphansi kuMakaab maningi amathuba okuthi lokho kwenzeke.