Now Reading
OwakwaMandlakazi wahola ibutho elalekelela uSuthu linqobe iZigqoza eMpini yaseNdodakusuka
Dark Light

OwakwaMandlakazi wahola ibutho elalekelela uSuthu linqobe iZigqoza eMpini yaseNdodakusuka

ilobo buhlakani bakhe obamenza walwela iSilo uCetswhayo izimpi ngenkulu impumelelo. Walwa wazinqoba iZigqoza sezilwehlule uSuthu. Kulempi yaseNdondakusuku isihlalo sobukhosi sase siwela ezandleni zoMntwana uMbuyazi kepha sabuyiswa nguye uMntwana uZibhebhu.

Kukulempi yaseNdondakusuka lapho abeka khona iSilo uCetshwayo esihlalweni sayo sobukhosi. Uxazulula lombango ngejozi nje yingoba iNgonyama uMpande yayisithe iNkosi iyazibeka KwaZulu. Yena ke njengeNkosana yaseKhohlwa kwaphoqeleka ukuba lombango awuxazulule ngejozi ukuze uBukhosi bungagudluki emlibeni oqondene nabo.

Kuthe lapho uJinininindi Omnyama ethi useyazinza esihlalweni sakhe soBukhosi, kwaqhamuka abelungu bangenisa okwemfula egelezayo ezweni likaZulu, befuna umhlabathi. UMntwana uZibhebhu ungomunye wamaqhawe angenakulibaleka lapho elwa nabamhlophe evikela lelizwe likaZulu.

Ukukhonzwa kwakhe kangaka iSilo uCetshwayo kwakwenziwa ubuqhawe bokuhlabana kwakhe ezimpini ezinzima kakhulu. Ungenye yezingwazi engenakulibaleka ekuyhlabaneni kwayo ezimpini zokuvikela izwe likaZulu kumaNgisi. Ambalwa amaqhawe aleso sikhathi angalinganiswa naye okaNdaba. Imbongi yakhe uGwebisa kaMadondo ize ithi:

Usala kutshelwa
Usala kunyenyezelwa
Ngonyama Nduna
Vuka bakuhlanganisile
Mbala wezinkomo nabantu
Awusabulali mtakaNdaba usuyasizila
Uqotha imbokodo nesisekelo
Mhlanganiso kayibalwa
Ingani eyamaMboza
Iyabalwa koDamushe

Impi yakhe enkulu ayilwela iSilo uCetshwayo ngeyaseNdondakusuka, lapho kwaphela khona izingane zenkosi uMpande. Lapho wayebhekene khona neZigqoza zoMntwana uMbuyazi. Uma ababhali bebhala ngaleyompi babeka sengathi yalwa kanye kanti iZigqoza zalwa zalwehlula Usuthu.

Wafika uMandlakazi wayilwa ekuseni wazinqoba iZigqoza. Kwathi ngenkathi abelungu sebengena ngenkani ezweni lakwaZulu bewela umfula uMzinyathi walwa nabo ebavimbela ukuba bangawuweli. Kwathi amanxiwa abase bezibeka wona bawathutha babuyela ngaphesheya komfula uMzinyathi.

Kwathi lapho bewela sebebuyela emuva kwabonakala izimvubu zikhamisa zikhafula amanzi. Abelungu wababuqa ngesibhamu kwathi labo abasindayo bvawela umfula udaka selumanaphanapha, ezingutsheni zabo. Imbongi yakhe uGwebisa isichaza kanjena leso sigameko ezibongweni zakhe isimhasha ithi:

Umfishan’ ongubo ziyanyathela
Ingan’ ezabade ziyalubuth’ udaka.
Umabathsazwa imvubu yaseMzinyathi
Kwathi’ izingwenya zayikhex’ imilomo
Izul’ elidume phezu koMzimvubu
Ugod’ olukhwel’ amakhwentu eMzinyathi

Kwathi kusenjalo wasuka uMagasa waphikelela kwelaseBaqulusini ehamba nedlanzana ;ezingwazi zakhe. Wafika nalapho abelungu base belingenele izwe leNkosi sebakhe amakamu abo ngaphakathi kwemingcele yakwaZulu. Base bakhe ngaphansi kweHlobane, lapho afike wabavimbezela khona, wabaqotha ngebhosho lakhe izidumbu zalala ngaphezu kwezinye. Wedlula lapho wayobhekana nabo phezulu eZungeni lapho abase bakhe khona ikamu labo.

Nalapho wafika wavala ngehlahla. Lezi zimpi zakhe akuxoxwa ngfazo hhayi ngoba zingaziwa kepha ngoba ababhali bomlando abayi kwaMnadlakazi ukuyothatha amaqiniso ngoMntwana uZibhebhu. Kuleso sikhathi wahamba ekhaya eBanganoma baze bathi sewafa. Wabuya bengasazi ukuthi bangabuye bambone, bamethuka esetheleka n genkabi yakhe emhlophe uManxebazihaxa.

Kuthiwa kwakuthi uma kubonakala uthuli lwamahhashi lusekdue lena ezintabeni kunyakaze iBanganoma lonke kusuke umsindo owesabekayo iNdlunkulu yakhe isikuikiza ibonga ukuthi kanti usaphila okaNdaba. Imbongi yakhe uGwebisa uyizeka eyalezi zimpi athi:

See Also

Umudli’ wezidid’ ezibili
Esinye singaphansi kweHlobane
Esinye singaphansi kweZungeni
Intaka eduke naBalandakazi
Ngoba iduke naBaqulusi

ISilo uCestwhayo sasesithi uMntwana uZibhebu angabe esaphuma nempi Ondini. Samjuba ukuba agade umfula iMfolozi eMhlophe ukuba amabutho amaNgisi angayiweli. ISilo samnikeza ibutho ayezogada ngalo umfula iMfolozi. Kuthe amabutho egadie phezu kweMfolozi, abona izithunywa zeNkosi uCetshwayo zigquba izinkomo zeNyonikayiphumuli. Kwathi uma bebuza ukuthi zisiwaphi? Kwathiwa kuyoshwelezwa ngazo kumaNgisi. Umntwana uZibhebhu wavuka ukhayikhi wathi azibuyele emuva ziyohamba befile bona KwaZulu.

Zaphenduka izithunywa zabuyela emuva eSilweni, zafike zasitshela ukuthi uMagasa nebutho lakhe uthi zohamba befile. ISilo sazama amanye amasu okushweleza emaNgisini. Empinii yaseSandlwana iNgonyama uCetshwayo yamnikeza ibutho loMcijo okuyilona ayelihola.

AmaNgisi athuemlaizinhloli zabeSuthu entathakusa ukuba ziyohlola ukuthi impi kaZulu isukaphi, izinhloli zabeSuthu zazithela phezu kwebutho elaliholwa nguye uMntwana uZibhebhu. Wathi izinhloli lezo bangabe besaziyeka zize zibuyele emuva. Balijaha lelo viyo lezinhloli zabeSuthu baligwaza baliqeda.

Kwathi ukuba ibutho loMcijo lihlabene ngezinhloli zabeSuthu, wasethi uMntwana uZibhebhu akungabe kusalindwa ngoba sebengaze bafice amaNgisi esebalandela emini abadubule abaqede uma bengawaphuthumi manje. Iseluleko sakhe semukelwa izinduna ayehamba nazo. Kanti ngemepela isu lakhe lizosebenza kalula ngoba amanye amabutho amaNgisi ayesahambile eyohlasela iNkosi uMatshana.

UNtshingwayo kaMahole wasithatha isaluleko soMntwana uZibhebhu waseyiphaka impi kaZulu washesha. Uyise wenkosi uNthingwayo uMahole wayenenkonzo ende kakhulu eNdlunkulu kusukela kusabusa iNgonyama uJama. Kwathi ukukhothama kweNkosi uJama, iSilo uSenzangakhona sase simthatha uMahole Khoza waba ngomunye wabeluleki, wase ehlala esigungwini esikhulu lapho kuxazululwa khona izinkinga zokubuswa kwezwe.

Scroll To Top