Lithathe osemsamo lambeka emnyango, osemnyango lambeka emsamo



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Ligcine limgubuzele igagasi lengcindezi uMengameli wezwe, uRamaphosa. Lokhu kulandela isinqumo sakhe sayizolo sokuhlela kabusha isigungi sakhe sokuphatha (ikhabhinethi). Lokhu uRamaphosa ukwenze emuva kwengcindezi nayilapho imilomo ibivunana ezweni ngesidingo sokwenza okuthile ngemuva kokubhacaza kwamanye amalungu esigungu esiphezulu ngesikhathi sezibhelu. Ngakolunye uhlangothi ibinkulu ingcindezi ekutheni kanqamule ungqingetshe obudalwa ngabanye bongqongqoshe obekubonakala sengathi kabahambisani naye manxa kusetshenzwa.
Usuku lwayizolo luqale ngesimemezelo seqembu elibusayo sokuthi lona kalinalo ulwazi lwezinguquko kukhabhinethi nokube sekuba yihlaya uma kungakapheli nje namahora amangaki uMengameli uRamaphosa wabe esememezela ubuholi obusha. Lokhu kukabili; okokuqala kusho ukuthi uRamaphosa kathathiseli eqenjini lakhe okuyilo elimjube ukuba ahole . Okwesibili lokhu kungasho ukuthi iqembu lakhe libe namanga kungenasidingo, lithe kalazi ekubeni lazi ukuthi yini le eyenziwayo noma ezokwenzeka.
Lithe lingaqhubeka usuku kwase kwesula esikhundleni oNgqongqoshe ababili abamqoka, uMboweni wezimali kanye noDkt uMkhize kwezempilo. Laba bobabili bayahlonishwa emkhakheni yabo kanti banamava eqembu nohulumeni. Ukwesula kukaMboweni kulindeleke ukuthi kudale inkulumompikiswano kwizinhlokodolobha zamazwe adla izambane likapondo njengoba elinoni nje kuwo nakuzinhlaka ezifana ne-International Monitory Fund ( IMF) ne World Economic Forum ( WEF).
Ukuqokwa kukaGodongwane kwebesiphethwe nguMboweni kuqinisekise ukuthi uRamaphosa ufuna ukufolosa ‘ngezakhe’ ezameseka mhla edla umhlanganiso. Ukusula kukaDkt uMkhize bekulindelekile kepha kunento esalayo kukho. UMkhize ukubeke kwacaca encwadini yokwesula ukuthi usaguqile nje kawanga, usayobhekana nalabo abathi unecala. Uma engaphumelela ukwenza lokho kungasho ukuthi uRamaphosa unembangi entsha nenamava kuMkhize.
Abaqokiwe nababekiwe bazoqhubeka babe ngundabamlonyeni. Ukususwa kukaNks uLindiwe Sisulu kuyabasolisa abanye njengoba esuswe emnyangweni athe yena uMengameli umqoka wezamanzi wayiswa kwezokuvakasha. Ufake uMnu uSenzo Mchunu nowaziwayo ukuthi ulibutho lakhe embangweni weqembu.
Okuphakamise amehlo wukuqedwa koMnyango wezoBunhloli nokuxoshwa kukaNgqongqoshe weZokuvikela, uNkk uNqakula kanye noweZobuhloli uNks uDlodlo. Laba bobabili babe sematheni ngezibhelu nayilapho bekhulume okuphikisanayo nomengameli. Okusobala yikuthi uMengameli uRamaphosa usola bona ngezibhelu yikho ebakhiphile nje.
Okunye okudale imibuzo wukunikwa kukaMnu uZizi Kodwa isikhundla sokuba yisekela ngqongqoshe kepha ophathiswe ezobunhloli. Lesi sikhundla sikubeka ngokusobala ukuthi nguye osengungqongqoshe yize umnyango uchithiwe.
Ukufaka uNks uThandi Modise kuhlose ukuqinisa ukuxhumana phakathi kwamagumgedlela oningi lawo lingamalungu oMkhonto weSizwe. Lokhu kumqoka ngoba uNks uModise uhlonishwa kakhulu ngamalungu oMkhonto weSizwe njengoba naye ephuma khona ezinhlakeni zawo.
Ihlandla lesibili
Umbuzo ngothi ngabe izinguquko lezi kuhulumeni zisho ukuthini ezinhlakeni zeqembu? Izinguquko ezenziwe nguRamaphosa zikhomba ukuthi usemi ngomumo ukubhekana nezimbangi zakhe njengoba kusondela ukhetho enhlanganweni. Laba abaqokile ngabantu okulindeleke ukuba agadle ngabo noma avike lapho ehlaselwa. Kusobala ukuthi umbango wehlandla lesibili usuqalile kanti njengoba kungacaci nje ongaba phambi kwakhe kubukeka izindlela zimhlophe. Nokho njengoba kuhlale kushiwo ukuthi usuku kupolitiki yisikhathi eside kakhulu kuningi okusengenzeka njengoba izimbangi zakhe kungangabazisi ukuthi zimatasa zihlomela ehlathini ukuze zimginqe.