Now Reading
AmaHiligwa akhala ngomlando wawo athi uhlanekezelwe
Dark Light

AmaHiligwa akhala ngomlando wawo athi uhlanekezelwe

Ayisizwe esinomlando futhi ayebumela ubuHiligwa ayibona okuhambisana nobunzima abadlule kubo nabasabhekene nabo 


Sibukeka sifakazeleka isisho esithi uma umlando usaxoxwa ngumzingeli udaba luyohlala luvuna yena ngaphezulu kwebhubesi. Lokhu kufakazelwa yinkulumo yabanye esizweni samaHiligwa emayelana nokufa kweNkosi yawo u-Adam Kok III. Baphikisa umlando oqoshiwe othi wadlula emhlabeni mhla zingama-30 kuZibandlela we-1875 eMzimkhulu, emuva kwengozi yokuwa ekalishini. Abo sendo lwamaHiligwa bathi empeleni iNkosi u-Adam Kok III  yasocongwa ngamadlagusha kubangwa umhlaba.

USihlalo weGriqua Council (ofake okumhlophe) uMnu uGabriel Marais. 

Engxoxweni ekhethekile nelaboHlanga, uSihlalo weGriqua Council, uMnu uGabriel Marais uphonsele inselelo isizukulwane esiphila manje ukuthi silande umlando kabusha ngendlela eqondile nexoxwa yiwona uqobo amaHiligwa. UMarais uchitha ngisho izincwadi ezabhalwa abamhlophe abafana noMfu uWilliam Dower owayesebenzisana neNkosi yabo ekusunguleni idolobha iKokstad njengoba kwagcina kuqanjwe ngaye isitaladi esiya elokishini lakuleya ndawo iBhongweni esibizwa ngeDower Street. 

UMarais uthi cishe kuwo wonke amabhuku abhalwa ngomlando wesizwe sakhe abhalwa ngabamhlophe ababenezinhloso zabo zokulahlekisa isizwe nokuzuza okufunwa ababhali njengoba ethi akayikholwa naleyo kaMfu uDower ethi “The early annals of Kostad” ngoba ethi yabhalwa ngendlela eyayihlose ukudweba isithombe esihle ngabamhlophe.

Elinye lamabhuku akhale ngalo  ngelikaMnu uBalson Scott elithi  “Children of the mist, the lost tribe in South Africa”. Uthe angekhuthaze ukuthi abantu balifunde ngoba libhalwe abantu abangasiwona amaHiligwa abanezinhloso zabo.

“Kusetshenziswe ulwazi oluxhunywe nolunye kungakhulunywanga namaHiligwa bese sesizotshelwa abantu abangasiwona amaHiligwa ngomlando wethu. Ngeke sivume. Yingakho sasungula iGriqua Council yingoba sifuna ukuqondisa izinto ezifana nalezi, amasiko kanye nomlando wesintu sethu,” kusho  uMarais.

Edalula umlando ngeNkosi u-Adam Kok III, uthe yafika eKokstad ngonyaka we-1862 emhlabeni owawungenamuntu owawubizwa ngeNomansland edabuka ePhilippolis enhla ne-Free State yize yena engowaseCape. “Yilapho wafika khona nesizwe sakhe wazitholela indawo waziphilela kahle njengoba sazi ukuthi wayenezinto zakhe uKok eyimpunyela eyayingadingi lutho,” kuchaza yena.

Uthe ehleli eKokstad uKok wamukela zonke izinhlanga ngoba wayengumuntu owayengayithandi impi. 

“Yingakho uma kukhona ezinye izinhlanga eziyibangayo iKokstad singalwi nazo kepha sithi kaziveze umlando wazo sibheke iminyaka nobufakazi siqhathanise nomlando wethu ukuze kuvele iqiniso,” kusho uMnu Marais. 

Uthe ambiza onke aMakhosi abangayo eKostad okubalwa kuwo, amaMpondo agabisa ngokuthi kwaqala kwafika wona endaweni kodwa ayishiya indawo ngenxa yamakhaza, amaMpondomise kanye namaHlubi. 

“Kangizange ngilwe nabo ngathi kasibeke ubufakazi phansi siqhathanise njengoba thina sinowethu umlando nobufakazi”

Uthe imidwebo esezintabeni iwubufakazi njengoba uKok wafikela entabeni esibizwa ngeMount Currie eyaqanjwa ngomhlophe owasiza amaHiligwa ukuthola indawo afikela kuyo iKokstad uSir Walter Currie. 

Edalula okwenza bangakukholwa okwabhalwa ngokukhothama kweNkosi yabo, uthe kuyamangaza ukuthi kuthiwe uKok wathanqazeka ekalishini endaweni yaseKokstad iKoki okungesiyona nentaba etheni kumuntu obejwayele ukuhamba ezintabeni zoKhahlamba nezinkomo ezibalelwa ezinkulungwaneni ezine namahhashi kanye namakalishi angaphezulu kwama-300 enqamula izintaba zoKhahlamba ezinamawa kodwa babe sebetshelwa ukuthi wawa egcekeni eKoki washona. 

Uthe namanje basanxenxa izazi zomlando ukuthi ziphumele obala nokuthi bangancamela ukuthi kumbiwe ingcwaba lakhe uKok uma kunesidingo salokho ngoba iqiniso kufanele livele phandle.

Isonto nokulondolozwa komlando

UMarais uthi ekukhuleni kwabo basizwe yiSonto labo iGriqua Church ukuze bakwazi ukugcina umlando wabo ngamasiko abo ebesekuyilona kuphela ebeliqhakambisa umlando wamaHiligwa ngezikathi ezinzima.

“Yilapho ngasebenzisa leli thuba nabanye abafana noMnu uGlen Jourbert saqala iGriqua Council ngonyaka we-1999. Inhloso kwaba ukuthi sibe nezinhlelo zethu zomphakathi lapho sizofundisa khona abanye abantu ngomlando njengoba iningi lethu belizibiza ngamaKhaladi, sababonisa ukuthi umlando uqala kuphi uye kuphi,” kusho uMarais. 

See Also

Uthe kulokho babhekene nezinkinga eziningi ngoba abanye bebecabanga ukuthi igama elithi Griqua liyisithuko kumbe igama elingalungile ngenxa yomlando walo njengoba amaBhunu okanye abacindezeli ayebabiza ngalo maqede abashaye. 

“Yilokho okwakha okuthile ngaphakathi kuthina sahlala sabona ukuthi empeleni leli gama lichaza thina futhi sanquma ukuthi singazenyezi ngalo,” usho kanje. 

Uthe abaningi bebelithathe leli gama kumbe belifanisa nalelo okungakavumeleki namanje ukuthi lisetshenziswe elifaka abaningi ezinkantolo uma like labizwa eliqala ngohlamvu uK. Nokho salamukela futhi sabafundisa abantu ngalo. 

Uthi yize iSonto lalima indima enkulu ngomlando wabo kodwa kwakubuye kube yinkinga ngoba ezikhathini eziningi imihlaba yabo ibithathwa ngesikhathi besesontweni lapho babebuya umhlaba wabo usuthathwe amaBhunu bangakwazi ukulwa nawo ngoba bebephuma ukuyokhuleka beziphathele iBhayibheli bengaziphethe izikhali babuye sekukhona amaBhunu ahlomile, eminye yayo ihambe kanjalo. 

Lisho ukuthini igama elithi Griqua

Echazela elaboHlanga ngegama iGriqua, uthe lichaza uhlanga oluthile olufishane olomelele nolubusisekile. 

“Ukubusiseka kwethu kusekutheni saba uhlanga olwakwazi ukugoloza lubhekane nabamhlophe ababezithathela umhlaba wokhokho bethu ngenkani. Ubufakazi balokho busobala njengoba amanye amapulazi esesiphila ngawo okhokho bethu asala kwaba ukuqina kwabo babhekana namaBhunu ngoba endulo sasijahwa sithunyelwe emkhosini uthi ubuya kini mhlawumbe nilale nivuke sekubiywe ngenye indlela kanti iBhunu lifike lazisikela labiya labe seliyahlala ngenkani. “Kodwa abanye okhokho bethu bakwazi ukusilwela babhekana nawo amaBhunu bawatshela ukuthi kakukho mhlaba azowuthola yingakho abanye bethu besenawo amapulazi nje,” usho kanje. 

Uthe bayisizwe esinothile ngolwimi lwabo oluhlukile yize besezinhlelweni zokuthi naseKokstad lufundwe njengoba nabo benamasiko abo futhi bekholelwa emadlozini nakuba sekuphilwa kakhulu ezikhathini zesimanjemanje nokuthi-ke abamhlophe benza konke okusemandleni abo ukubacindezela ukuthi bangawenzi amasiko.

Uthe noma kunjalo bayazama ukusebenza ngokubambisana noHulumeni njengoba bethola uxhaso lokubamba umcimbi ogqugquzela umlando wamaHiligwa lapho bebuyekeza ubuzwe babo ngokuthi benze imifaniswano yobuHiligwa nokuthi bagqoke ngendlela ehloniphekile yokuhloniphisa echaza umlando wabo nangesizwe sabo. 

Scroll To Top