Now Reading
INkosi yebhola uJomo Sono ikhuluma nelaboHlanga ( isiqephu sokuqala)
Dark Light

INkosi yebhola uJomo Sono ikhuluma nelaboHlanga ( isiqephu sokuqala)

Akayiphuphi ngisho elele eyokuthatha umhlalaphansi u-Ephriam “Jomo” Sono ongumphathi aphinde abe ngumqeqeshi weJomo Cosmos (eZenkosi) egijima kuGladAfrica Championship.

Sekuphele iminyaka izinkumbi zabathandi bakanobhutshuzwayo zibuza ukuthi uSono uzibeka nini izintambo zokuqeqesha ngenxa yokudonsa kanzima kweZenkosi osekunesikhathi zizabalazela ukubuyela esigabeni esiphezulu ngaphandle kwempumelelo.

ICosmos isiduve iminyaka emihlanu ehlathini. Yagawulwa yizembe ngowe-2015/16. Kule minyaka eli-15 eyedlule eZenkosi sezigawulwe yizembe amahlandla amahlanu. Eminyakeni eyedlule bezibhuquza ehlathini kodwa zisheshe zibuye. Nokho kulokhu izinto zigaya ngomunye umhlathi njengoba kungakuphukeki.

Yingakho abathandi bebhola bebona ukuthi sekuyisikhathi sokuthi uSono ayidede inkundla adedele igazi elisha. Le ngwazi eyadela umshado yaphuthuma enkundleni ngesikhathi esagijima ku-Orlando Pirates ayiyicabangi indaba yokuthatha impesheni. Ithathe isikhathi yachazela elaboHlanga ukuthi kungani ingeke iyeke ukuqeqesha okwamanje.

“Ngicela ukwenza isibonelo, kungekudala bekudlala umdlalo wamanqamu weCaf Champions League phakathi kweKaizer Chiefs ne-Al Ahly. Kuwona womabili amaqembu iCosmos ibimelekile. KuChiefs bekuno-Arthur Zwane kanti ku-Al Ahly bekunoPitso Mosimane. Bobabili bakhulele kuCosmos. Abantu nje bangazikhulumela bafike lapho bethanda khona kodwa umlando ngeke siwuguqule ukuthi yimina owaveza ikhono labo bobabili ezingeni elikhokhelwayo. UZwane ngamthumela kuSantos eBrazil kwathi uMosimane ngamtholela amadlelo aluhlaza eGreece,” kulandisa uSono.

Abanye abadlali abaphekwe nguSono kubalwa uHelman “Midnight Express” Mkhalela, uMark Fish, uNkosinathi Nhleko, uMacbeth Sibaya, uBenjani Mwaruwari, uSizwe Motaung noPhil Masinga (abangasekho emhlabeni), uMorgan Gould,  uReneilwe “Yeye” Letsholonyane, uGodfrey Sapula, uChristopher Katongo, uLinda Mntambo no-Aaron Mokoena.

Eminyakeni eyedlule uSono uke wayibamba njengomqeqeshi kuBafana Bafana.

“Ngowe-1996 ngesikhathi iBafana Bafana idla umhlanganiso ku-Africa Cup of Nations nganginabadlali abali-14 ababedlule esandleni sami. Nami ngangiyingxenye yalelo qembu. Ngowe-1998 eBurkina Faso kuyona i-Afcon lapho sashaywa khona kowamanqamu, ngangibophele abadlali abahlanu beCosmos kanti yimina owayehola iqembu. NgeNdebe yoMhlaba yezi-2002, uTeboho Mokoena noMacbeth Sibaya bafakwa ohlwini lwabadlali baseswini abashaye into ecokeme eJapan/Korea,” kuqhuba uSono.

Uqhube wathi : “IChippa United izovula neSekhukhune United emdlaweni wokuqala. Kulowo mdlalo kuzobe kunabadlali abali-12 abasuka kuCosmos. Ngikhuluma ngento yamanje hhayi ngento yangonyaka odlule noma eminyakeni eyedlule. Uyobona ukuthi yize iCosmos ingekho esigabeni esiphezulu kodwa kukhona umehluko ewenzayo ebholeni lakuleli? Manje ngizoyekelani-ke ukuqeqesha. Into esisele nje wukuthi sibuyele kuPremier League. Namuhla iSekhukhune isayinise uCheslyn Jampies. Uphuma ngaphansi kwesandla sami,” kubeka uSono.

See Also

Ngesizini edlule iCosmos iqale kahle kodwa yalahlekelwa umgqigqo ngomzuliswano wesibili okuholele ekutheni ingakwazi ukukhuphukela esigabeni esikhulu noma izibekisela indawo kweyokuhlungela ukuya kwelinoju.

“Namanje izikhulu zamaqembu zisaqhubeka nokuthenga abadlali bakaJomo. Ngize ngenze amancoko ngokuthi cha impela ngibhaka ulozolo lwesinkwa. Akukhathalele ukuthi ngiphekani kodwa noma yini engiyiphekayo inempilo. Lesi sinkwa sisazohlala iminyaka eminingi. Senza izimanga lesi sinkwa. Silisize kakhulu izwe. Eminyakeni ezayo, abantu bazobona abadlali beCosmos eqenjini lesizwe. Kulapho-ke esizoqala sibona iqembu lesizwe lenza kahle futhi,” kusho uSono.

Le ngwevu ayigcini nje kuphela ngokukhiqiza abadlali kodwa isizakhele igama ngokutakula labo okuthiwa sebephelelwe ushantini.

“Ngenza omkhulu umehluko ezweni. USekola (Moeketsi oke wadla umhlanganiso womdlali oshaye amagoli amaningi kuPremiership) ulale indawo yesibili kubadlali abashaye inqwaba yamagoli kuGladAfrica Championship. Ubesephelile kodwa samvusa. Ngize ngaziqamba igama elisha ngazibiza ngovusa abafileyo. Kukhona lento enhle engiyenzayo. Laba abafuna ngiyeke ukuqeqesha abakhohlwe. Kumele bagwinye itshe. Akasoze kwenzeka uma ngingakasithathi isinqumo esifana naleso. Uma sengibona ukuthi sengikhiqize abadlali abanele kulapho-ke ngothatha khona isinqumo sokuya empeshenini. Hhayi manje,” usho kanje.

Kudala iCosmos ibingagcini nje ngokukhiqiza abadlali abanonhlonze kodwa nezicoco ibingazibheki. “Ngisazoqhubeka nokukhiqiza ukhilimu wabadlali futhi iCosmos izobuyela esigabeni esiphezulu. Ngeke ngiqambe amanga sike saba nezinkinga zemali eminyakeni emine kuya kwemihlanu edlule. Bekungelula. Izinkinga zemali sezisombululekile. Indlela esidlale ngayo ngesizini edlule isidwebe sacaca bha isithombe sokuthi azisekho izinkinga zezimali eqenjini. Sizolwa kule sizini ezoqala. Sithenge abadlali ababili baseBrazil nomunye wase-Argentina kwase-Argentina.” kuchaza uSono.

Scroll To Top