Now Reading
Asingalokothi sibeke amathemba ethu kosopolitiki
Dark Light

Asingalokothi sibeke amathemba ethu kosopolitiki

Ngicela ukusika elijikayo nami, ngiphose esivivaneni. Izigameko ezenzeke esifundazweni nasezweni lonkana emasontweni ambalwa edlule ziyakhathaza kakhulu futhi kumele zikhathaze bonke abaholi bezwe lakithi kuyo yonke imikhakha yempilo. Kodwa okubaluleke kakhulu ukuthi singavumeli lesisimo sidukise imiqondo yethu noma silahlekiso imiqondo ezintweni okumele sigxile kuzo kusikela manje kuya phambili, ukuze sithuthukise izinga nesimo sempilo yaboHlanga ezweni lonke jikelele, ikakhulu lapha kwelakithi lika Mthaniya.

Ngokwami, nakhu okucaca bha! Futhi okumele singakuzame ngenkathi sihlahla indlela eya phambili: Kubalulekile ukuthi emazingeni emindeni nawomphakathi, singabeki ithemba lethu kumaqembu ezepolitiki kanye nabaholi bawo.

Ubufakazi buningi futhi buqandula ikhanda, bokuthi cishe bonke abaholi bethu bacabangela izisu zabo nekusasa labo kwezempilo nepolitiki kuphela. Bancane kakhulu (uma bekhona) abaholi ababeke eqhulwini izidingo nezimfuno zabantu boMdabu noma ingaphansi kwasiphi isimo. Lokhu kuyiqiniso kubaholi bawo wonke amaqembu, kusikela kwelibusayo (ANC) Kanye naphikisayo (DA, Cope, IFP, EFF, njl.).

Lokhu kuyichilo elikhulu ngoba abaholi bezinye izinhlanga sebekukhombise ngokungathandabuzi ukuthi noma ngabe bangaphansi kwaliphi iqembu lepolitiki kodwa bayohlale bevikela uhlanga lwabo ngaphandle kokungabaza noma ukuba namahloni. Lokhu bakwenza ngokungananazi nakweminye imikhakha yempilo (ezamabhizinisi nemisebenzi, ezemidlalo, ezokungcebeleka, ezezindaba nakwezamasiko nobulungiswa).

Asifunde ukuzithanda nokuqhakambisa konke okungokwethu singabantu boHlanga, futhi sifundise izingane nentsha yakithi nsukuzonke loku ukuze kuzinze kithi sonke futhi kube isona siskelo sempilo yethu kukhokonke esikwenzayo emikhakheni eyehlukene.

See Also

Ngiphakamisa ukuthi ubuholi bethu bungaphaphalazi, kodwa bugxile kuloku okulandelayo:

  1. Akuqiniswe futhi kuphakamiswe izimo zezolimo,kuqinisekiswe ukuthi sikhiqiza ukudla okwanele ukondla bonke abantu besifundazwe/bezwe; futhi asincikile kwabanye abantu ekutheni sizodlani nini. Ngokukhulu ukushesha, akukhushulwe kufakwe ubuchwepheshe namaqhinga esimanjemanje kwezolimo kuwo wonke amazinga ukuze kunyuke imikhiqizo
  2. Izinga lezokuxhumana ngokwe inthanethi alisabalaliswe ngokushesha,futhu litholakale kuyo yonke imiphakathi nabantu.
  3. Ezokuxhumana nobuxhakaxhaka kwesimanje obuholwa yi “ 5G Technology, Digitisation , Internet of Things, Artificial Intelligence,Robotics”. Ingqalasizinda evumela loku ayisatshalaliswe ngokukhulu ukushesha.
  4. Ukuhlanganiswa kolwazi lomdabu lwezizukulwane (Indigenous Knowledge Systems) kanye nalemikhakha yobuxhakaxhaka (technology) engiyibalule ngenhla.
  5. Ingqalasizinda yezokuthutha nokuhamba (imigwaqo, ojantshi nezitimela, nezomoya) akusatshalaliswe futhi ngokukhulu ukungananazi.
    Mhleli, njengoba ngishilo ekuqaleni, lapha ngisika elijikayo nje, ngoba kuningi esingakusho mayeyalna nezinseleleo zentuthuko ezibhekene naboHlanga; kodwa ngithe angigxile ezintweni ezingenziwa ngokuphuthuma ngokushesha. Nginenkolelo yokuthi uma ngabe singazilungisi lezizimo, izigameko ezifana nokubhicongwa nokubhujiswa kwabantu bakithi njengoba kwenzeke eFinikisi, ezokucekelwa nokuwulwa/tatshwa kwempahla nokuphathwa ngokululazwa kwabantu bakithi njengezihambi ezweni lobabamkhulu kusazoqhubeka nje sengathi akunalutho.labo abahambe nani kwaze kwaba lapha.

Scroll To Top