UKhune uphucwe ibhande waphinde wamiselwa amankwebevu kuChiefs
EZINGENA MANJE: Usephucwe ibhande likakaputeni kuKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune ngemuva kokulahlwa yicala lokufika ejimini edle amanzi amponjwana.
Lo nozinti osezinqobe zonke izicoco naMakhosi uphinde wamiswa ekubeni yingxenye yeqembu.
Emasontweni adlule kwavela imibiko ekhomba ukuthi uKhune wafika eNaturena enuka phu utshwala. Lokhu kwaholelwa ekutheni ahlolwe igazi. Nangempela kwatholakala ukuthi unotshwala egazini ngemuva kwalokho wayalelwa ukuthi abuyele ekhaya.
“Ngemuva kocwaningo olunzulu mayelana nendlela yokuziphatha ngeviki eledlule ikomidi eliqondisa izigwegwe lithathe isinqumo esinzima sokuthi u-Itumeleng Khune akhishwe eqenjini kuze kuba kunezinto ezithize eziqondiswayo,” kubeka isitatimende seChiefs.
Ngemuva kwemibiko yokufika ejimini enuka utshwala akazange abonakale ezakhe zibhekene neMoroka Swallows emdlalweni weligi eDobsonville Stadium, eSoweto, eGoli.
Kwagcina kuvimba uBruce Bvuma kwathi ibhande laphathwa nguYusuf Maart.
“Njengeqembu eliqhakambisa indaba yokuziphatha, iKaizer Chiefs ithathe isinqumo sokwenza ucwaningo lwangaphakathi kulandela izigameko ebezibikwa ngoKhune. Iqembu lilandele yonke imigudu efanele ukwenza isiqiniseko sokuthi ligcina ubumbano esikwatini,” kuchaza isitatimende.
Inkontileka kaKhune neChiefs iyaphela uma kuphela isizini.
“Iqembu selithathe isinqumo sokubhekana nalo lolu daba lwakhe futhi kunezinyathelo elizithathile okubalwa kuzona ukususa uKhune njengokaputeni weqembu. SiyiKaizer Chiefs sikholelwa ekuthatheni izinqumo ezenza umqondo ukuze abantu bakhule futhi sizimisele ngokumeseka uKhune ngalesi sikhathi. Uma eseyilandele yonke imigudu nemigomo abekelwe yona uzobe esamukelekile ukuthi angabuyela eqenjini,” kuqhuba isitatimende.
UKhune usedlale kuMakhosi iminyaka engamashumi amabili nanye. Wanyuselwa eqenjini elikhulu ngowezi-2004.
“Iqembu lizimisele ukwenza kahle emidlalweni elandelayo ngaphandle kokuphazamiseka. Siyabathemba abadlali bethu nethimba labaqeqeshi ukuthi lizokwazi ugcina iqophelo eliphezulu liphinde lizuze impumelelo ngaphandle kukaKhune,” kusho isitatimende.
Lo mdlali oneminyaka engamashumi amathathu nesithupha usebalwa nomunye wezingqalabutho zeChiefs ngenxa yamagalelo akhe enkundleni.
“Iqembu lifuna ukuqinisekisa kuwona wonke umuntu okubalwa nabalandeli ukuthi siyohlale liyiqhakambisa indaba yokuzinikela okuhlanganisa ukuziphatha, iqiniso, inhlonipho nobumbano. Uthando esilithola kubalandeli bethu bokuqina siyaluthakasela futhi sinxenxa abalandwli ukuthi baseseke kuze kubeyisadlula lesimo esibhekene naso.” kuphetha isitatimende.