Now Reading
Amabhokobhoko aya emdlalweni omqoka ngaphandle kwezithenjwa
Dark Light

Amabhokobhoko aya emdlalweni omqoka ngaphandle kwezithenjwa

Kuyinto engafiswa noyedwa umqeqeshi ukuthi aye emdlalweni omqoka, nocishe ufane nowamanqamu ngaphandle kwabadlali abamqoka.

UJacques Nienaber ongumqeqeshi weqembu lombhoxo lalapha eNingizimu Afrika amabhokobhoko, ubhekene naleso simo njengoba elinyalelwe abadlali ababili abamqoka nje. Amabhokobhoko aya emdlalweni wokugcina wochungechunge neBritish & Irish Lions.

Abadlali abalimele uFaf de Klerk kanye noPeter-Steph du Toit ngonyaka wezi-2019 elakuleli linqoba iNdebe YoMhlaba waba ngumdlali wonyaka. La mazwe kumele adlale imidlalo yochungechunge emithathu, aseyidlalile emibili kowokuqala kwanqoba iBritish 7 Irish Lions ngamaphuzu angama-22 kwali-17 kowesibili obungempelasonto edlule kwanqoba amabhokobhoko ngamaphazu angama-27 kwayi-9. Umdlalo wokugcina nofana nowamanqamu uzoba kusasa ngoMgqibelo, ngelesi-6 kusihlwa eCape Town Stadium.

Omunye umdlali obekulindeleke ukuthi kungenzeka abonakale kulo mdlalo uDuane Vermeulen, kodwa odokotela babonile ukuthi akakulungele ukudlala ngoba alimala kabuhlungu. Lo mdlali usezokwazi ukudlala imidlalo yeRugby Championship.

“UVermeulen inhliziyo yakhe ifuna ukuthi abuyele enkundleni. Ubuyelile wazilolonga neqembu, kuyabonakala ukuthi useluleme yena kodwa kunalokho. Sithe ngeke simdlalise uma engakulungele khona kusobala ukuthi akakakulungeli. Njengoba kade engadlali isikhathi eside nje uzoba nenkinga kakhulu. Miningi imidlalo esisazoyidlala, siya kweyeRugby Championship, sibe nochungechunge ne-Australia. Ingakho kumele sibavikele abadlali bethu, nokhuvethe lukhona la” kusho uNienaber.

Okunye okubonakalile ukuthi uNienaber ubuyise uMorne Steyn, lo mdlali oneminyaka yobudala engama-37 wagcina ukubonakala ngonyaka wezi-2009 kuchungechunge lamabhokobhoko neBritish & Irish Lions.

“Kuthuse abaningi ukubuyiswa kukaSteyn, okwenze samubuyisa ingoba udlale kahle kakhulu eqenjini iSA A. Sidinga abadlali abaningi miningi imidlalo esazodlalwa amava kaSteyn ayaziwa kakhulu, ubekhona isikhathi eside kumabhokobhoko. Ukunika abanye abadlali ithuba kuzobehlisa imithwalo yokuthi sifike emdlalweni emikhulu bekulungele ukudlala” kusho uNienaber.

Ekhuluma ngomdlalo wakusasa uNienaber uthe ulubonile ushintsho kumaLions kodwa ukholwa wukuthi okumqoka kakhulu ukuthi iqembu lakhe lingashesha kanjani ukuzijwayeza noma yini iLions eliyiphonsayo.

See Also

“Baneqembu elingakwazi ukudlula kuwe, lizame ukudlula kuwe noma ngaphezulu kwakho. Ngakho-ke inselelo yethu kuzoba ukujwayela ngokushesha ngangokunokwenzeka. Kumdlalo wokuqala sabuthola ubunzima, ingakho sagcina sihluliwe nje. Kodwa kumdlalo wesibili sikwale ukubhekana nabobonke ubunzima sagcina sinqobile. Ingakho ngihlezi ngisho ukuthi thina baqeqeshi ithina okumele siqhamuke nezixazululo kuzona zonke izimo. Kulo mdlalo esiya kuwona sidinga ukumelana nanoma isiphi isimo, ngoba umdlalo wamanqamu lo esiya kuwona” kusho uNienaber.

Abazoqala Umdlalo: uWillie le Roux, uCheslin Kolbe, uLukhanyo Am, uDamian de Allende, uMakazole Mapimpi, uHandré Pollard, uCobus Reinach, uJasper Wiese, uFranco Mostert, uSiya Kolisi (ongukaputeni), uLood de Jager, u-Eben Etzebeth, uFrans Malherbe, uBongi Mbonambi noSteven Kitshoff.

Abazoqala ebhentshini: uMalcolm Marx, uTrevor Nyakane, uVincent Koch, uMarco van Staden, uKwagga Smith, uHerschel Jantjies, uMorné Steyn noDamian Willems.

Scroll To Top