UMashaba ubopha uRamaphosa nohulumeni ngezibhelu
UNgoti wezomthetho uMnu uMpumelelo Zikalala uthi akaboni umholi we-ActionSA uMnu uHerman Mashaba ephumelela emzamweni yakhe yokumangalela uMengameli uCyril Ramaphosa nohulumeni mayelana nezibhelu ezibheduke KwaZulu-Natal naseGauteng.
UZikalala uthe izizathu zikaMashaba azibambeki.
“Okwamanje alikho ikomidi ePhalamende eselike lahlala kwabhekwa kabanzi indaba yalezi zibhelu, uma uthi amaphoyisa nezobunhloli namasosha akuzange kusebenze kahle, kumele kube khona ubufakazi ngoba phela inkantolo isebenza ngobufakazi,” kusho uZikalala.
Uthe mhlawumbe bekungabangcono ukube uMashaba umangalela osopolitiki abajutshwe eminyangweni ethile.
“Njengo kuthi bathi kuNgqongqoshe wamaPhoyisa noma wezobuNhloli sikhombiseni ukuthi iminyango yenu isebenze kanjani ukuzama ukunqanda izibhelu uma kukhona okuvelayo okuthi khona okungenziwanga kahle bese beyakwazi ukufaka isimangalo sabo ngoba sekunento ebambekayo,” kusho uZikalala.
Uthe kungenzeka ukuba uMashaba uzidlalela ipolitiki njengoba amaqembu ematasa eziveza emiphakathini njengoba nokhetho lwezindawo selusemome.
I-ActionSA inxuse abantu abathikanyezwe udlame nokutatshwa kwempahla okwenzeke ezingxenyeni ezithile KwaZulu-Natal naseGauteng ukuthi ababike ngezigameko zabo khona bezokwazi ukumangelela uMengameli nohulumeni.
UMashaba uveze ukuthi sebengaphezu kwama-200, osomabhizinisi asebephumele obala baseka imizamo yakhe yokufaka isimangalo.
Uthe iqembu lakhe libopha uRamaphosa nohulumeni ngokuhluleka ukwenza isiqiniseko sokuthi umthetho udlala indawo yawo ngezikhathi zezibhelu. Esithangamini nabezindaba esiteshini samaphoyisa eNanda, uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uMnu uBheki Cele uvumile ukuthi amaphoyisa abe nokuhudula izinyawo ekulweni nezibhelu.
UMashaba uphinde wathi bafuna uRamaphosa asungule iKhomishini ezophenya ngalezi zibhelu, iphinde iqinisekise ukuthi ongqondongqondo bazo bathathelwa izinyathelo.