UHlomuka ukhathazwa eyesikweletu sezigidigidi ezingama-27 sezakhamizi komasipala


UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMhlonishwa uSipho Hlomuka usezwakalise ukukhathazeka ngokwenyuka ngamandla kwezikweletu zezakhamizi koMasipala esifundazweni njengoba manje seziyizigidigidi ezingama-R27,2 zisuka kwizigidigidi ezingama-R23,8 kwisabelomali esidlule.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba namhlanje emini ngoLwesithathu, uHlomuka uthe lokhu kunyuka kwamaphesenti angama-14,45 yisibalo esikhulu.
UHlomuka uthe ukunyuka kwezikweletu kudalwa isimo somnotho esilokhu siqhubeka nokuba sibi emva kokubheduka kokhuvethe oluholele ekutheni imizi namabhizinisi amaningi esifundazweni ehluleke ukukhokhela izidingo, Uthe ngendlela isimo somnotho esibi ngayo abantu bayahluleka ngisho ukumelana nezinye izidingo zabo zempilo.
UHlomuka uthe ukholwa ukuthi ukwenyuka kwezikweletu komasipala kubabeka esimweni esibi sokuthi bangakwazi ukuqhubeka nokuhlinzeka kahle ngezidingo emphakathini.
“Sikhathazekile ngezinga eliphezulu lezikweletu, njengo Mnyango sesiqhamuke nezinhlelo zokuzama ukusiza imikhandlu ukuze ikwazi ukuqoqa izikweletu emphakathini,” kusho uHlomuka.
Uthe phakathi kwemizamo yabo kukhona uhlelo lokusiza omasipala ukuthi banciphise izikweletu zezakhamizi.
“Sifuna kusizwe futhi nalezo zakhamizi ezibuthaka emphakathi okubalwa nalabo abaphila ngezibonelelo zikahulumeni ukuze zikwazi ukukhokhela izidingo zazo,” kusho uHlomuka.
UHlomuka utuse imikhandlu ebisivele iqale izinhlelo zokulekelela izakhamizi ukuze ikwazi ukukhokha izikweletu ngaphambi kokungenelela kwabo.
Uthe oMasipala abashayeke kakhulu ngokuba nezakhamizi eziningi ezikweletayo uMkhandlu waseNewcastle, Ijozini, Umdoni, INkandla, Ubuhlebezwe, i-Alfred Duma, Indumeni, Abaqulisi, UMngeni neMandeni.
Uthe bayathemba ukuthi izinhlelo abazoqhamuka nazo zizosiza kakhulu ekulekeleleni izakhamizi.