Now Reading
Izitoyitoyi zithi kuyoba bovu i-Phoenix, abe Democratic Alliance bathi azivinjwe
Dark Light

Izitoyitoyi zithi kuyoba bovu i-Phoenix, abe Democratic Alliance bathi azivinjwe

Isicijile imikhonto. Lokhu kulandela isinqumo sabe -Economic Freedom Fighters (EFF) sokuthi kusasa (ngoLwesine) bagasele elokishini iningi labantu kungamaNdiya i-Phoenix, eThekwini. Lendawo ibe sematheni kulezi zinsuku njengoba kubulawe inqwaba yaboHlanga. Izinkomba kanjalo nobufakazi kuthi laba babulawe ngenxa yebala labo besolwa amaNdiya nathe abekwenza abevikela umphakathi wabo nempahla. Nokho iqembu lesibili kwaphikisayo kuleli i-Democratic Alliance (DA) lithi azivinjwe izitoyitoyi ngoba uma zike zavunyelwa kungahle kuqale umlilo wequbula.

Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, umholi weDA kuzwelonke uMnu uJohn Steenhuisen uthe usebhalele uSihlalo weKhomishini yamalunge iSouth African Human Rights Commission (SAHRC) emnxusa ukuthi akangenelele avimbe imashi ye-EFF.

USteenhuisen uthe ukugasela  kwe-EFF kuzogqugquzela udweshu, wengeza ngokuthi iSAHRC kumele ifake isivimbelo sasenkantolo.

“Le mashi izobhebhethekisa isimo esivele singesihle ePhoenix,” kusho uSteenhuisen.

Imashi ye-EFF izobe iholwa nguNobhala-Jikelele weqembu uMnu uMarshall Dlamini noSihlalo weqembu esifundazweni, uMnu uVusi Khoza.

UMsuthu ( abakwaKhoza) uthe imashi yabo izoqhubeka njengoba kuhleliwe yize kukhona abazama ukuyivimba. Uthe kuzobe kubovu yonke imigwaqo ebheke ePhoenix njengoba kuzobe kugcwele amalungu abo avela kuzo zonke izindawo.

“Silindele amalungu ethu avele ezindaweni ezahlukene ezakhele iTheku, uyedwa umholi osuka kuzwelonke esizoba naye nguNobhala-jikelele uMnu Marshall Dlamini,” kusho uKhoza.

UKhoza uthe imashi yabo izobe inokuthula. “Asinankinga nabantu basePhoenix thina sinenkinga nabantu ababulala aboHlanga, akukwazi ukuthi aboHlanga bangabulawa yizifiki ezweni labo kucwebe iziziba,” kusho uKhoza.

See Also

Uthe bafuna abantu basePhoenix kube yibona abazokhomba bonke ababulali abalimaze aboHlanga. Ebuzwa ukuthi abasabi yini ukuthi kungase kube nokungqubuzana naboMdabu baseNdiya uma sebesePhoenix, uKhoza uthe bayile eSenekal eBloemfontein naseBrackenfel eCape Town babuya ngakho okwakusasa ngamanzi amancane.

EBrackenfel naseSenekal kwaqhuma iqupha lapho amalungu e-EFF atholana khona phezulu nabantu bakulezi zindawo.

“IPhoenix ilula kakhulu uma uyiqhathanisa nezindawo esesibuya kuzona, kodwa siyathemba ukuthi ngeke kuze kube khona lutho ngoba kukhona amasosha aqaphe isimo atshalwe nguMengameli uRamaphosa kuleyandawo,” kusho uKhoza.

Kubikwa ukuthi bangaphezu kwama-37, aboHlanga ababulawe ePhoenix ngesikhathi kunezibhelu emasontweni ambalwa edlule. UNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uMnu uBheki Cele uthe kunabasolwa asebeboshiwe bavele naseNkantolo mayelana nezigameko zokubulawa kwaboHlanga ePhoenix. UCele uthe bakhona nabantu asebeboshiwe abasolwa ngokubhedla izibhelu ebezikhona.

Scroll To Top