Ziyaqhubeka ziyanda izikhalo ngesibonelelo sabangasebenzi



UMhlongo yintatheli ebheke izindaba zohulumeni bendawo
Ngesikhathi kufika ukhuvethe nyakenye uHulumeni waqala umvalelwakhaya ukuzama ukunqanda ukubhebhetheka kwalesifo. Ezinye zezindlela uHulumeni afika nazo ukuzama ukuqeda ububha wethula isibonelelo sama-R350.00 ngenyanga esizoholwa ilaba abangasebenzi. Lesi sibonelelo sike sanqamuka kepha kwinkulumo yokugcina kaMengameli uCyril Ramaphosa ayethule ngeSonto, wazise izwe ukuthi lesi sibonelo sesiyabuya ngoba uHulumeni ukwazile ukuqoqa kahle imali. Sizoba khona kuze kushaye uNdasa ngonyaka ozayo.
Uphinde wathi lesi sibonelelo sizotholwa ilabo ababhekele izingane abangasebenzi. Ngesikhathi sethulwa nyakenye bekuba ngukuthi uma uholela ingane isibonelelo ngeke uze uyithole, kepha kulokhu kwakamuva kushintshile.
Esitatimendeni esikhishwe iBlack Sash ithi bayakwamukela ukuthi uMengameli usibuyisile lesi sibonelelo kepha bebefisa ukuthi sifinyelele ema-R500.00. UMnu uJerome Bhele weBlack Sash kwaZulu Natal echaza ukuthi bafinyelele kanjani kulesi samba uthe; “Siyabonga ukuthi uHulumeni ukwazi ukulalela uma sicela ukuthi lesi sibonelelo kumele sibuye, ngoba simazisile ukuthi isimo sisami kanjena ezweni. Sibe naso isiphakamiso sokuthi kulelizwe umuntu onobubha kumele athole imali engama-R585.00 ngenyanga. Sacela ukuthi uma ibuya ayithi thuthu. Kube ileso isicelo sethu kwaba ikona ukuthi uyayibuyisa kepha wangakwazi ukufika kulesi sicelo sethu sokuthi bengeze.”
Uqhube wathi beyi Black Sash babe nalo ucwaningo ngesikhathi kade isaholwa nyakenye. Uthi kucacile ukuthi abantu abaningi uma behola lemali bayagibela. Wathi uma begibela bagcina beboleka imali yokuthi bayoyihola, wathi bagcina bethole encane kakhulu eya ekudleni. Wathi iningi lalabantu bakhala ngokuthi uma ngabe beyithola, bayisebenzisa ngokuthi bathenge ukudla kuyona. Lokhu okukhomba ukuthi imqoka kakhulu ezimpilweni zabo.
“Kudla kuni ongakuthenga kwanele umndeni ngama-R280.00?” kusho uMnu uBhele ephendula ukuthi njengoba ekhala ngokuthi abantu kudinga bagibele ukuze bayoyihola hlampe yini uHulumeni angayenza kangcono ukuze lemali ikwazi ukululeka futhi bathole okungconywana. Njengoba okubuye kwenzeke ukuthi khona umuntu esegibelile kunjalo aphinde angayitholi uthe; “Okokuqala kumele sikuvume ukuthi lena into eyaqhamuka iphuthuma ikakhulukazi kulabo abahola eposini. Manje kumele engabe indlela yokuholela sebeyithuthukisile ngoba sebeyazi ukuthi isimo simi kanjani ezweni, nokuthi mayibuya kumele ithuthukiswe.”
Uqhube wathi okulukhuni ukuthi bekunama Posi aseduzane, lezo zakhiwo njengoba kade kunezibhelu zilimalile. Uthi njengoba abantu sekumele baye edolobheni elithanda ukuba buqamama kunalana abebejwayele ukuya khona lokhu okuzodla imali.
Ephawula ukuthi njengoba abantu abaningi besishayela ihlombe lesi sinqumo sakamuva sokuthi kuhole abantu abanemnyaka eli-18 kuya kuma-59 uthe bakuncomile njengoba kuzokwenza umehluko kubantu abangenayo imali yanyanga zonke engenayo, lokhu abakuthathe njenge gxathu elihle kepha okusele ukuthi basazolokhu becela kuHulumeni ukuthi akazame ukuthi thasi kulesamba asifakile ukuze abantu bakwazi ukuphila ngalesi sibonelelo.
Kunezakhamuzi ezikhalayo ngokubuya kwalesi sibonelelo, lapho besola ukuthi uHulumeni ukhankasa ngayo lemali. Okuliqiniso ukuthi khona incane injalo kepha kunabantu abayidingayo lemali. Ephawula ukuthi ngabe banazo yini lezo zinsolo uthe; “Lokho sikubukile kepha njengento esingeke sigxile kuyona ngoba asikho mandla kwipolitiki kepha sigxile kwinhlalonhle kubantu, nokuthi abahlale benakho abakudlile.”
Uthi loluhlelo olwenziwa manje bona beyi Black Sash kade baluqala kusuka nge-1996 ukuthi akube nesibonelelo sabantu abangasebenzi. “Sakuthola ukwesekwa kweCOSATU kanye nakwezinye izinhlangano. Namanje asikakazuthula kungakenzeki lokhu esikufisayo ukuthi lesi sibonelelo sikhuphuke,” usho kanje.
Ephendula ukuthi njengoba benazo lezi zimfuno abazifuna kuHulumeni ngabe kukhona yini ukuzimisela noma kugqama imibuzo yokuthi imali izovelaphi uthe; “Muningi loyo mbuzo kodwa ongoti bezomnotho banakho abakuphakamisayo ukuthi kungabhekelelwaphi. Nokunye ongoti abathi bazokuveza uma sekuyokwenziwa izethulo kuHulumeni, ukuthi ingatholakalaphi. Okumqoka ukuthi lemali kungabi imali ezotholakala ilokhu inqamuka kepha kube isibonelelo esimile esizotholwa abangasebenzi.”