Ukunyathelwa kwamalungelo ukuboshwa kukaNgizwe Mchunu
Ukuboshwa “kwenkosi” yama bhinca naloyo owayeyisilomo somsakazo uKhozi fm uNgizwe Mchunu kumele kusikhathaze kakhulu kodwa kungasimangazi.
Kuloludaba sibona ngokucace bha umbuso usebenzisa izinhlaka zomthetho ukuvala imilomo labo abagxeka ubuholi beqembu elibusayo iAfrican National Congress kanye nomholi walo uMnu uCyril Ramaphosa ophinde abe umengameli wezwe.
Kungishaqise kakhulu ukuthi selokhu evalelwe ngokungenabulungiswa esitokisini samaphoyisa ase Randburg, eGoli ukuthi awukho umsindo obangwayo ikakhulu ilabo abalwela amalungelo abantu njenge South African Human Rights Commission (SAHRC) nase mkhakheni wezindaba. Kodwa ke ngingathuka kanjani? Kwabezindaba kuleli uMnu uRamaphosa isoka elingenasici. Angiyiphathi ke eye SAHRC ngoba iyaziwa ukuthi ikhetha iphela emasini kanti futhi iphakelwa uhulumeni ka zwelonke.
Siyizwe singena esikhathini esithusayo lapho sibonakala singaphansi kombuso oholwa indlovu kayiphikiswa umengameli Ramaphosa. Iphephandaba iZimbabwe Mail yase Zimbabwe ibiqinisile embhalweni wayo wangomhlaka 19 kwephezulu ukuthi lelizwe selingaphansi kwendlovu kayiphikiswa engu Mnu Ramaphosa. Umnyombo wazo zonke lezinkinga izinxushunxushu zangaphakathi kwi ANC. Masikhumbule ukuthi ngo Zibandlela ka 2022 i-ANC izoba nengqungquthela yokukhetha ubuholi obusha.
Oka Macingwane eze ekhalelwe amasongo ka Sigonyela nje ubegxeka ngokungahlonizi ubuholi buka Mnu uRamaphosa mayelana no daba lokuphonswa ejele kwensizwa yakwa Dakwaudunuse uMnu uJacob Zuma. Emhlabeni jikelele osombusazwe abangobhongoza basebenzisa umthetho ukuvala izakhamuzi imilomo ngoba vele umthetho uvuna abaphathi bezwe. Izinhlangano iHuman Rights Watch ne Amnesty International zihlale zikhipha imibiko ngalokhu. Nothi uzothi uyaphawula ngesimo sezwe ungenwa ngamanzi emadolweni hleze naye aphonswe ejele ngokugxeka ubuholi baloyo ongumengameli.
Isono sika Macingwane ukuthi abize isithangami sabezindaba ngomhla zi-11 kuNtulikazi lapho ekhale khona ngokuboshwa kuka Mnu uZuma ejele lase Mtshezi. Kuleso sithangami esasakazwa ezinkundleni zobuchwepheshe besimanje wathi uMchunu ufuna kukhululwe oka Nxamalala ejele ezinsukwini ezintathu. Umbhali walengosi usewubuke kaningana lomfanekiso owaqoshwa ngalelo langa. Okumele sikubalule nokusemqoka kakhulu ukuthi ngenkathi uMchunu ethula le nkulumo yakhe esizweni sama bhinca lwase luvele lubhedukile udlame KwaZulu Natal kanye nezingxenye ze Gauteng.
Kuthe mangabe sezithanda ukudamba lezibhelu lapho esabona khona komabonakude abantu bezitapela ukudla ne mpahla ezitolo sase sizwa ngo Mnu uZizi Kodwa oyisekela ngqongqoshe emnyangweni wezobunhloli ukuthi kunohlu lwabantu abayishumi nambili abaphenywayo ngokuphemba lemibhikisho. Akuthathanga sikhathi esingakanani sabe sesizwa ngendaba yokuthi kufuneka uNgizwe Mchunu njengoba igama lakhe lifakwe kuloluhlu. Uthe usamangazwe ilokho kwabonakala uMchunu esezinikela esiteshini samaphoyisa eThekwini ephahlwe abammeli bakhe.
Enkulumeni yango mhla ziyi-17 ku Ntulikazi kulapho uMchunu amemezela ukuthi uzozinikela kwabaka sidlodlo wakubeka kwacaca nalapho ukuthi akukho lapho ekhuthaze khona udlame. Ubugebengu lobu angahambisani nabo. Ushaqwe wayiswa eGoli lapho efike wavela enkantolo ka mantshi yase Randburg ngeviki elidlule.
Abe National Prosecuting Authority (NPA) ngezwi lobakhulumelayo u-Adv Mthunzi Mhaga ekhuluma ne SABC News ngaphandle kwenkantolo bathi loka Mchunu waphaka impi ngenkulumo ayethula kulesithangami sabezindaba sangomhlaka 11 kwephezulu. uMhaga washo ngokungananazi ukuthi le nkulumo ka Mchunu igqugquzele lezibhelu ezibonakele ezweni. Angikaze empilweni yami ngizwe imbudane enje. Ibona bodwa lobu “ubufakazi” enabo i- NPA nelokhu isibelesele ngabo kwabezindaba.
Inkulumo ka Mchunu ibicace okwelanga emini. Akukho nakancane lapho kulenkulumo ephaka khona impi noma akayalela khona izakhamizi zezwe ukuthi zephule imithetho. Kuhlula noma intatheli yeSoweto TV isimhlohla indaba yodlame wathi yena akangeni lapho akakufunayo ukuthi makukhuluwe isishoshovu esiwu Mnu Zuma ejele.
Uze ubone ukuthi lento ihlelwe emazingeni aphezulu iziphathimandla zezwe oka Mchunu wafaka ivido ezinkundleni zokuxhumana ngakusasa ekhala ngokuthi ehotela ayehlezi kulo eGoli kwangqongqoza amaphoyisa amabhunu phakathi kwamabili ethi azomfuna.
UMchunu lapha ubhecwa ngenyama yobubende engayidlile. Njengoba sishilo ngenhla akumele lokufelwa ngamathe kwamalungelo ka Mchunu ilohulumeni kusimangaze nakancane. Lona uhulumeni ongenalo uzinzo ozama ngazo zonke izindlela ukuziveza kwizakhamizi zawo ukuthi kukhona okwenzayo ngodaba lwezibhelu ebezikhungethe izwe kanti kuluthwa abantu.
Abe NPA bathe basazofuna utolika wesiZulu ozoqinisekisa ukuthi lenkulumo ka Mchunu yavusa uhlevane thizeni kubantu kwase kuphembeka izibhelu. Ngaso sonke lesikhathi njalo uMchunu ubhadla esitokisini impilo yakhe ayikhoni ukuqhubekela phambili.
Ngo Lwesine lwango mhlaka 22 ku Ntulikazi yena u-Adv Mhaga we NPA ubenengxoxo ne ntatheli yesiteshi sezindaba i-Enca uThulasizwe Simelane lapho ethe njengabashushisi abanabo ubufakazi obuqandula ikhanda ukuthi laba ababoshwe kanye no Mchunu benza ubugebengu obubhekiswe embusweni. Izigilamikhuba okuyizona ezaphehla loludlame asizazi. Hayi ngoba zingekho, ingoba lo hulumeni ka Mnu Ramaphosa ubamba uyayeka ukhohlisa abantu base Ningizimu Afrikha khona kuzothiwa kukhona ophezu kwakho.
Kuthe ekuhambeni kosuku ngalo uLwesine uKhumbuzo Ntshaveni ongungqonqoshe obambile ongaphakathi ehovisi lika mengameli wezwe watshela izintatheli ukuthi laba abane ababoshwe no Mchunu bawo ngqondongqondo ekokheleni udlame oseludlule nemiphefumulo engaphezu kwamakhulu awu-300 abo Hlanga. Sithe sisadidwe ilenkulumo kwase kuvela izindaba zokuthi i-akhawunti evulelwe ukuqongelela imali yokubhekana nezindleko zecala lika Mchunu ivaliwe.
Kugijinywa ukuthi sitshelwe amagama abasolwa ababoshiwe kodwa singezwa ngokujulile ngophenyo olunzulu olukhomba abaphehli balolu dweshu nanokuthi babe hloseni. Siyazikhohlisa masicabanga ukuthi lokhu kuzokwenzeka maduze ngoba abaholi balelizwe bayazi ukuthi bazokwembuleka izinqe bese amahlazo angaphakathi eqembu elibusayo enekelwe umhlaba. Into esilokhu siyibona nje ngaloludaba ongqongqoshe bakahulumeni ka Mnu Ramaphosa beklwebhana esidlangalaleni njengoba kwenzekile phakathi kowengamele amaphoyisa uBhekokwakhe Cele naloyo ohola umnyango wobunhloli uAyanda Dlodlo.
Mawusathi umangazwe ilamahlazo nakhomba ngokusobala ukuthi uhulumeni ka Mnu uRamaphosa uhlukene phakathi sibone uNgqongqoshe wezokuvikela uNks Nosiviwe Mapisa- Nqakula ephikisa umengameli wezwe ukuthi lolu dlame bekungumzamo ohlulekile wokuketula umbuso. Akuthathanga sikhathi esingakanani kilo lelo viki oka Mapisa-Nqakula wayijika indaba wathi usevumelana no mengameli wezwe ukuthi leli bekuyitulo loketula umbuso.
Le nkulumo ka Mapisa- Nqakula inanelwe uzakwabo wezokuthutha uFikile Mbalula ngalo iviki elidlule obephekwa ngobhojwana uStephen Sackur we HardTalk kwiBBC. uMbalula ke yena ngelikhulu iqholo leli uze wakhomba ngenjumbane uMnu uCarl Niehaus we MKVMA ukuthi ungomunye wabaphehli baloludlame. Kuthe intatheli isimbuza wahluleka wancama ukuveza ubufakazi balenzisolo.
Ngivumelana nabesikhungo esizimele i-Centre for the Study of Violence and Reconciliation (CSVR) asebekubeke kwacaca ukuthi kungama mpunge ukuthi lolu dlame esilubonile bekuyimizamo yokuketula umbuso.
Njengoba silobile nabe CSVR bayasho ukuthi konke lokhu kumayelana nezinkinga zangaphakathi kwi ANC kanye nohulumeni ohlulekayo ukubusa izwe ngeqiniso kanye nokubhekana nobubha obuhlasele izakhamizi kanye nokwentuleka kwamathuba emisebenzi. Zonke lezinto izithako eziholela ekutheni sibone lesimo esiphuma kuso.
Ngikhuluma nje kutshalwe amasosha angu 25 000 ezweni lonke. Lo hulumeni uhlinzeke u-R615m wemali yabakhokhi ntela ukukhipha lamasosha ezinkanjini zawo. Ungafunga ukuthi lukhulu oluzokwenzeka noma mhlambe kune ngebhe yokuthi kungahle kuhlaselwe izwe.
Konke lokhu izinkomba zohulumeni ohlulwa ukulawula izwe. Ukusatshalaliswa kwamasosha kuseyiyo indlela yokufaka uvalo kubantu kube sengathi kubuyiswa isimo kwesejwayelekile.
Sikulolubishi ingenxa yobuholi bukahulumeni oholwa i- ANC obungabagqizi qakala abantu bakuleli ikakhulu ama Afrikha. Kusocongwe inqwaba yabo Hlanga ePhoenix ngabo mdabu waseNdiya. Ngo Lwesihlanu ntambama kuphume isitatimende esivela kuhulumeni ukuthi kuboshwe abasolwa abahlanu ngaloludaba.
Njengoba sike sasho phambilini kule ngosi bukhulu ubunzima obusazosehlela ngaphansi kobuholi obubhekise izwe eweni buka Mnu Ramaphosa. Ukuboshwa ngokungemthetho kuka Ngizwe Mchunu kumele kusivuse emaqandeni. Namhlanje uMchunu, kusasa kungami nawe.