Ukuphelelwa umsebenzi kungawulimaza umqondo



UMusa KMB Mpanza ungumfundi weziqu zobuDokotela kumkhakha wezokuXhumana e-University of…
Kulesi sikhathi kubalulekile ukuthi ugxilise ukucabanga kwakho ezintweni ezizokuyisa phambili, ubhekane nesimo
Ukufika nokusabalala kokhuvethe kulimaze izimboni eziningi, abantu abaningi basebephelelwa imisebenzi emazweni cishe onke angaphansi komthunzi welanga. Sizwile kuthiwa amahhotela amakhulu afana noHilton aseneminyaka ekhona azothi ukuvala isikhashana ngenxa yokhuvethe. Ezinsukwini ezedlule kuvele nokuthi inkampani yamabhasi ahamba amabanga amade iGreyhound ivaliwe mhla zili-14 kuNhlolanja. Kanti nabaphisi botshwala bakhala ezimathonsi ngokuthi uHulumeni ede evala ukuthengiswa kwamankwebevu. Iqiniso elimsulwa ukuthi selokhu ukhuvethe lwagasela emhlabeni cishe asikho isizinda sezomnotho esingathintekanga.
Asikuvume nokuthi ungcono kakhulu umuntu ophelelwa umsebenzi ngoba ediliziwe kunomuntu ophelelwa umsebenzi ngoba exoshiwe. Umuntu odiliziwe akabinalo iququ lokuthi udiliziwe futhi akathethi amacala adinga izindodla zemali yabameli. Umuntu odiliziwe akukho nzima kangako ukuthi athole omunye umsebenzi mhlawumbe kwenye indawo. Umuntu odiliziwe akanayo ingcindezi kanye nokuqwasha ezinzulwini zobusuku ngenxa yokwesaba inhlupheko ezayo uma exoshwa. Umuntu odiliziwe akabhekani nofakazi abake basenge ezimithiyo emacaleni ngoba nje befuna ukuncetheza ngegama lakhe. Umuntu odiliziwe waziswa kusenesikhathi ngezinhlelo zokudilizwa njengoba kwenzeka kwaSABC kanti oxoshiwe konke isihheshe nje! Angisho ukuthi ukudilizwa into enhle nencomekayo kodwa ngizama ukuveza umehluko phakathi kwalezi zigameko ezihlobene.
Uma kuzoxoshwa umuntu emsebenzini kuba nesikhathi lapho esenikwe khona uhla lwamacala athweswa wona, bese kuphela noma isikhashana esingangesonto ezilungiselela. Ngaleso sikhathi usevele umuntu ulala ephenduka. Lithethwe icala kufike nofakazi abazokhuluma ilumbo, kwedlule izinsuku bese kuphuma isinqumo sokuthi uyaxoshwa. Kwenzeke nokuthi angaholelwa iholo lokugcina njengokusho komthetho. Uma esamukela isinqumo sokumxosha uzothatha imali yempesheni akhale emuke. Ingwadla nobuhlungu bungalesi sikhathi esedlulisele icala ezinhlakeni ezifana neCommission for Conciliation, Mediation and Arbitration (CCMA).
Okokuqala nje izinto azisheshi kwaCCMA, kudliwa izimoto, imizi, impahla yasendlini amacala engakalalelwa. Isona sikhathi lesi sokuphela kwabangani nezihlobo ngoba umuntu usuke eseqalile eba ‘nguPhuya waseMshwathi’ (isihlupheki) futhi esenenqwaba yezikweletu. Kwesinye isikhathi uze angene athi shi komashonisa. Enye ingqinamba kuba ukuthi unezingane ezisafunda isikole kodwa imali akusekho ngisho eyokukhokhela umalume ozihambisa ezikoleni. Omunye umsebenzi awutholakali kalula ngenxa yokuthi lapha umuntu esuka khona ukhonjwe indlela bese ephenduka iqaqa kubaqashi. Ubishi olunzima lolu, ngoba uma udaba selukwaCCMA kusuke sekukude emuva futhi kukude phambili. Kuba ngcono uma umuntu esenqumile ukuthi akasafuni ukubuyiselwa emsebenzini kodwa ufuna amadameshe ngoba uyakwazi ukuthatha imali yempesheni ngakolunye uhlangothi ebethola odanaliya abavela esikhwameni se-Unemployment Insurance Fund (UIF). Nakhona njalo kwa-UIF kunombandela othi uma umuntu ecosha onsumbulwana esikhwameni sabo angeke esakwazi ukubamba izingxoxo zokwesula emsebenzini uma sekufikwa kumxazululi kwaCCMA. Ngaleyo ndlela kusuke sekufanele zilime ziyetsheni.
Kumanje nje ngizwelana kukhulu naboHlanga abasahamba amacala kwaCCMA ngoba ukhuvethe lwenze ukuthi ephuze ukulalelwa, ngakolunye uhlangothi uHulumeni uhlongoza ukwehlisa isabelomali seCCMA. Ukwehla kwesabelo sezimali kusho ukuthi abaxazululi abazimele noma abasebenza ngezikhathi efinqiwe ngeke besabakhona, ngaleyo ndlela-ke amacala ajwayele ukuthatha izinyanga eziyithupha asezothatha noma unyaka kuya phezulu. Kuyenzeka vele ukuthi amanye amacala athathe noma iminyaka emibili kuyaphezulu. Ngesikhathi amacala engapheli, uphila ngani lona oxoshiwe? Uhlalaphi? Uhamba ngani? Udlani? Abanye bashiywa ngisho amakhosikazi abo. Iqala lapha-ke inkinga yokucindezeleka ngokomqondo.
Uma usuqalile umqondo ukulimala, umuntu uyaqala abe inkomo edla yodwa, omunye abenenzondo nentukuthelo enkulu kanti omunye uyaqala angene ophuzweni oludakayo kanti omunye uze afinyelele nasezidakamizweni uqobo. Ngike ngalalela enye insizwa yase-USA umfundisi uSteven Furtick lapho eshumayela khona ngesivunguvungu sesibili. Uthi isivunguvungu sokuqala ilapho umuntu engena khona enkingeni kodwa esesibili futhi esijwayele ukuba sikhulu ilapho umuntu ekhosela khona ezintweni ezingapheli noma sesidlulile isivunguvungu sokuqala.
Kuyenzeka uma umuntu exoshiwe emsebenzini bese ezithola esephuza utshwala ngokweqile mhlawumbe abushebe nezidakamizwa. Lezi zinto angeke zedlule noma esephelile amacala okuqala. Abazaziyo izidakamizwa bathi umuntu oseke wazithokozisa ngazo, ngisho angahlala ishumi leminyaka engazithinti kodwa ingozi yokuthi angabuyela kuzo ihlala ikhona.
Ukuxoshwa emsebenzini isilonda esingelapheki ngisho umuntu angawanqoba amacala noma angamchitha, ngisho esebuyelile emsebenzini noma esethole omunye umsebenzi ubuhlungu bokuxoshwa abupholi. Ngisho umuntu enganikwa izizumbulu zemali yokumthoba amanxeba kodwa iminjunju nezinyembezi kuhlezi kukusha enhliziyweni yomuntu owake waxoshwa. Umuntu owake waxoshwa ngisho engaxola uhlezi enexhala ngabantu abamphosa emphandwini wezingonyama yingakho nabantu abakusizayo uma ukulezi zimo awubakhohlwa nhlobo.
Kuyenzeka omunye umuntu axoshwe emsebenzini avele alothe impilo yakhe yonke. Isizathu salokhu kusuke sekulimele ingqondo ngale ndlela yokuthi usuke esezitshele ukuthi lowo msebenzi olahlekile bekuyiwona azowenza impilo yakhe yonke. Kubalulekile ukuthi uma umuntu esebenza abenalo ulwazi lokuthi akuwona wonke umuntu osebenzela inkampani eyodwa aze ayompesha. Kulaba abakhonze umabonakude bayazi ukuthi amafilimu amaningi awajwayele ukuba nesiphetho esihle. Lapho ifilimu iphela khona, umlingisi oqavile usuke esedlule kokuningi okubuhlungu mhlawumbe waze wafelwa ngisho isinqandamathe sakhe.
Ngiyabanxenxa abantu boHlanga ukuthi babenalo ulwazi oluthinta izindaba zamacala, ukumiswa, ukuxoshwa emsenzini kanye nezindaba ezithinta izimpesheni nezinkantolo zezisebenzi ukuze bangadlali abaqashi.
Kubalulekile ukuba nethemba namaphupho anzulu empilweni lokhu kwenza ukuthi noma kufika izivuvaba zempilo umuntu angaboni sengathi sekubhubha umhlaba. Into okufanele siyiqaphele ukuthi uma wenza izinto ngokwecebo likaJehova futhi uthela izithelo ezinhle yazi ukuthi kuzofika isikhathi sokuthi uvivinywe uphundlisiswe ukuze uthele izithelo eziningi futhi ezinkulu.
Lithi iBhayibheli encwadini kaJona 15:2 “Igatsha elingatheli izithelo uJehova uyalisusa alilahle bese kuthi leli elithelayo uJehova uyaliphundlisisa ukuze lithele inqwaba yezithelo”. Ngesikhathi uSteve Jobs exoshwa enkampanini i-Apple wayesemcane futhi ne-Apple yayisakhiqiza amakhompuyutha cishe kuphela kodwa ngesikhathi abuyela ngaso kwa-Apple wakhiqiza nansi inqwaba yezithelo: ama-iPhone, iPod, iMac, MacBook, iPad njalo njalo. Uma uxoshiwe qala ngokuzibuza ukuthi yini lena oyenza kahle futhi obizelwe yona bese unamathela kuyo ngisho ngabe kusinda kwehlela.
Lo mshophi wokuxoshwa emsebenzini udinga ukuthi inhliziyo nomphefumulo wakho kuhlakaniphe ukuze ungazitholi usuwenza noma ukhulume izinto ezingase ziqede nya amathuba ngekusasa lakho. Ungabakhulumi kabi abakwenzakalisile, gxilisa umqondo wakho ekutheni uvuke uzakhe uthuthukise namakhono onawo ukuze unothise umqondo wakho ngolwazi hhayi ngenzondo, izidakamizwa nentukuthelo.