Owomsanka weTheku ukhonjwa eSishayamthetho


Iyanda imvunge ngalokho okuchazwe njengomkhuba weqembu elibusayo i-African National Congress (ANC) ‘lokududulela izibi zeTheku’ eSishayamthetho saKwaZulu-Natal. Okwakamuva kuthinta ilungu lale nhlangano nelisolwa ngokukhwabanisa imali eMkhandlwini iTheku ngesikhathi lisayimeneja khona oPhikweni lwamaPaki nezokuNgcebeleka, uNkk u-Amanda Mapena (okaBani).
Namuhla lomholi usekhonjwa esiShayamthetho saKwaZulu-Natal lapho wafike waqokelwa esikhundleni sokuba nguSihlalo weKomidi lezeMidlalo nezokuNgcebeleka. Kamusha ezinhlakeni zeqembu njengoba ephuma ezinhlakeni zombutho wentsha kaKhongolose, i-ANCYL njengoba ubenguSihlalo eThekwini.
Embikweni kanjalo nakusitatimende esifungelwe uMhlonishwa uMapena usolwa ngokuba yingxenye yomsanka lapho kuthiwa wahlangana nomunye umsebenzi kamasipala uNks uThabile Majozi bayalela inkampani eyayinikwe umsebenzi iPerstha (PTY) Ltd kwi-Beach Festival ngowezi -2015, ukuba ayifake isicelo sokuthi ikhokhelwe umsebenzi owenziwe nowabe uyi- R140 000. Lokhu kuthiwa ayikwenze nje ayikaze isebenze.
Lezi zinsolo zenkohlakalo ezithinta uMhlonishwa uMapena noNks uMajozi zigcine ziholela ophenyweni lwangaphakathi eMkhandlwini nogcine uchithe obeyiNhloko yoPhiko lwamaPaki nezokuNgcebeleka uMnu uThembinkosi Ngcobo engasekho uMhlonishwa eMkhandlwini eselilungu lesiShayamthetho.
Ilabani elidlalwayo
Lezi zindaba zomsanka ziqale ukuvela embikweni obhalwe wuPhiko iCity Integrity and Investigation ngaphansi kwesihloko esithi ‘Alleged Fraud, Corruption and Extortion (INV179/01/2016). Liphinde lavela komunye umbiko obhalwe nguNks uHilda Grobler onguKhomishana kwaSouth African Local Government Bargaining Council KwaZulu-Natal. Liphinde lavela kumaphepha afakwe enkantolo nguMnu uThembinkosi Ngcobo nayilapho abephikisana nesinqumo sokuba akhonjwe indlela ngumqashi okuwuMkhandlu iTheku. Kuyo yonke lemibiko ilabani liyefana.
Kuvela ukuthi uNks uMajozi owayesebenza ngaphansi kukaNkk uMapena watshela umnikazi wenkampani ethintekayo, uMnu uThulasizwe Ngcobo ukuthi akamfakele ivenge lakhe likaR130 000 kwi-akhawunti yaseFNB yena bese esala nezi-R10 000, ngoba vele wayengasebenzanga. UNgcobo (uThulasizwe) kwakumele ahlinzeke ngomsindo netende emcimbini weBeach Festival.
UNkk uMapena kuthiwa nguyena owagunyaza ukuthi kukhokhelwe iPerstha yize yayingasebenzanga okuyinto engekho emthethweni. Lesi senzo sakhe sachazwa njenge nkohlakalo ngabaphenyi bombiko wokuqala. UMqondisi wenkampani uNgcobo (uThulasizwe) kuthiwa wakunqaba ukukhipha intshontsho, esikhundleni salokho wayobaceba uNks uMajozi kumasipala ngoba kwasekunombango wemali.
Ngokwamaphepha asenkantolo afakwe ngabameli bakaMnu uThembinkosi Ngcobo obeyiNhloko oPhikweni lwamaPaki nezokuNgcebeleka uthi uNks uMajozi wahlangana noNks uBani noNks uHlengiwe Zikhali (ongasekho) benza ilabani lokuthi kukhwatshaniswe lo-R140 000.
ElaboHlanga lizame lancama ukunika uMhlonishwa uMapena ithuba lokuziphendulela. Yonke Imizamo iphunzile izolo njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa. Kanti nomyalezo athunyelelwe wona kuze kwashaya isikhathi sokuloba engakawuphenduli.
Nabanye bayaphawula
UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal nokuyilo iqembu elijube uMhlonishwa uMapane eSishayamthetho, uMnu uNhlaka Ntombela uthe i-ANC yathi amalungu ayo asebekwe amacala yinkantolo kumele ashenxe ezikhundleni.
“Sibe sesithi labo abanukwa ngenkohlakalo kumele baye kwiKhomishini yethu i-Intergrity Commission bayophendula ngezinsolo abasuke bebhekene nazo,” kusho uNtombela. Uthe ziyabakhathaza izinsolo zenkohlalo ezihlale zivela zithinta amalungu abo.
UNtombela uthe njenge qembu benza konke okusemandleni abo ukuthi amalungu abo aziphathe kahle ngokuzama ukuqinisa isandla kulabo abasolwa nabaphinde batholwe benamacala.
USomlomo esiShayamthetho saKwaZulu-Natal uNks uNontombeko Boyce naye ubuziwe kwazise akukhona okokuqala kunezinsolo zokuthi abanamacala eMkhandlwini iTheku baphelela eSishayamthetho.
Empendulweni yakhe uthe: “Siyayiqaphela imibuzo yenu kulolu daba oluhlobene noMhlonishwa uMapena oyilunga lesiShayamthetho, enithi luphambi kwezinkantolo ebesingakatholi ke ukwaziswa ngalo. Sisebenza ngokulandela imithetho emile yendlu , okuyiyona enendlela nemigomo yokuqondisa ukuziphatha kwamalungu kanye nokubikwa kokuziphatha okuphambene nemigomo ebekiweyo. Uma sisenza siye sigxile kakhulu kwisigamu sokuqala nesesibili semigomo yokuziphatha yamalungu kanye nomthethosisekelo.”
Le mpendulo kayiphendulanga lokho obekubuziwe njengoba phakathi kokunye bekubuzwe ukuthi njengeNdlu banolwazi yini ngezinsolo osekuyizinsuku zikhona nokuthi bazokwenzani ngalokho.
Umholi we-Economic Freedom Fighters ( EFF) KwaZulu-Natal noyilungu leSishayamthetho, uMhlonishwa uVusi Khoza uthe bazwile ukuthi uNgcobo uthatha uMkhandlu uwuyisa eNkantolo emveni kokumxosha kwawo.
“Siyazi ukuthi kade labakhona itulo lokuthi kuxoshwe uNgcobo eThekwini kusukela kusakhona iMeneja uDkt Mike Sutcliffe, kunabaholi be-ANC abebefuna uNgcobo ahambe khona bezokwazi ukwenza ukukhohlakala kwabo bokuntshontsha imali yabakhokhibentela manje ukuba khona kukaNgcobo obengahambisani nenkohlakalo bekubavalela ompompi,” kusho uKhoza.
Uthe umsolwa omkhulu kulenkohlakalo yaseThekwini uMhlonishwa uMapena ungunkosikazi kaMnu uWilliam Mapena obenguSomlomo eMkhandlwini weTheku. “Njengoba uMhlonishwa uMapena enukeka kwizinsolo zenkohlakalo, sifuna ukubona i-ANC imthathela izinyathelo njengoba yenza kwamanye amalungu ayo asolwa ngenkohlakalo, uma kungekho okwenzekayo thina njenge EFF sizobheka ukuthi yini esizoyenza ukwenza isiqiniseko sokuthi uMhlonishwa uMapena uyajeza,” kusho uKhoza.
Uthe akangabazi ukuthi inkantolo izokhipha isinqumo esizoseka uNgcobo (uThembinkosi) ngoba kudlalwa ngaye kwamasipala.
UMhlonishwa uMtomuhle Khawula we-IFP ohlala ekomidini lezeMidlalo nokuNgcebeleka esiShayamthetho saKwaZulu-Natal uthe uphoxekile uma ezwa ukuthi uMhlonishwa uMapena unukeka ezinsolweni zenkohlakalo.
“Angisho ukuthi ngidumele ngendlela ebengimthemba ngayo uMhlonishwa uMapena, bengibuhlonipha ubuholi bakhe njengoba engabeki phambili ubuqembu uma enza umsebenzi wasesiShayamthetho ubungeke usho ukuthi usanda kufika esiShayamthetho ngendlela enza ngayo izinto kodwa uma izinsolo abhekena nazo ziyiqiniso lokho kukhomba ukuthi konakele kangakanani ezweni lethu, uKhongolose wazithathela yena isinqumo singekho thina wathi abaholi abathinteka kwizinsolo zenkohlakalo kumele bashenxe ezikhundleni zabo kuze kube lawo macala abanukwa ngawo ayaphela futhi bakhishwa phambili, siyabuka futhi ukuthi lo mthetho abazishayela bona singekho thina abawusebenzisi yini ngobuso bomuntu osuke esolwa kungasetshenziswa ukuthi ubani ukuluphi uhlangothi,” kusho uKhawula.
Umholi weDA KwaZulu-Natal uMhlonishwa uFrancois Rodgers uthe lokhu okwenzeka uMhlonishwa uMapena kuwukufeyila futhi kohlelo lwe-ANC lokuthuma ezikhundleni amaqabane.
“I-ANC yenza umkhuba wayo omdala wokuthi uma iqabane layo lisolwa ngenkohlakalo endaweni ethize bese lilisusa liliyise kwenye indawo, kwenzekeni ngenqubo ye-ANC ethi abashenxe labo abasolwa ngenkohlakalo, sibona ngathi amalungu e-ANC lapha ayavikelana, kuyacaca futhi ukuthi i-ANC iyahluleka ukuzihlanza kwinkohlakalo eyigubuzele, uMhlonishwa uMapena kumele enze ubulungiswa avele ashenxe esikhundleni sakhe ayekele umthetho usebenze,” kusho uRodgers.
Omunye umholi odumile we-ANC eThekwini owacelwa ukuthi ashenxe esikhundleni sakhe nguMhlonishwa uZandile Gumede, obeyiMeya yoMkhandlu weTheku ngoba esolwa ngenkohlakalo ethinta ithenda yezigidi yokuqoqwa kukadoti.