AboHlanga mabaqikelele ekugcineni nasekubhalweni kwemilando yabo



USphindile Mthethwa, uyingxenye yethimba lakwaShuter & Shooter Publishers
Namuhla sigoqa izingxoxo zethu lapho besithelelana ulwazi ngezinhlobo zemibhalo. Lokhu kungenhloso yokucija indlela yokuhlaziya imibhalo. Phela ‘akumbokodo yadlula umgayi’, ngakho uma unolwazi awuhlupheki ngoba uyakwazi ukubheka ngeso elibukhali.
Uyakwazi nokukhetha ulwazi olwakhayo, oluyiqiniso, nolubalulekile ongalugcina. Njengoba sabalula ngaphambili, endulo ulwazi nomlando kwakudluliswa ngomlomo. Ukuncipha nokushabalala kwezithangami zokuxoxa kusho ukushabalala kolwazi.
Akunsimba yazuza ibuzi ngokuhlala
Umlando nemvelaphi kumele kulotshwe ukuze izizukulwane zizazi futhi zifunde. Ngakho aboHlanga kumele babambe iqhaza futhi badlale indima ekulotshweni komlando ngolimi.
Umlando ugcina usudungeka uma njalo silindela abezizwe kuze kube yibo abaxoxa ngomlando wethu. Le mibhalo ngomlando nemvelaphi igcina isibhalwe ngezinye izilimi. Kanti ibhalelwe bani? Ifundisa bani? Imfundo ibalulekile ekwakheni isisekelo. Phela kunzima ukuzazi nokuhlela ikusasa uma ungazazi lapho uvela khona.
Kunenhlangano yababhali boHlanga enesiqubulo esithi “Ayilwe ngamabhuku impi”. Lesi siqubulo sikhuthaza ukusebenzisa ulwazi namabhuku ukulwa izimpi okungabalwa ingcindezi, ukwesweleka kolwazi njalonjalo (njll). Angithi izikhova zidla amehlo azo. Uma ufuna ukufundisa ngemvelaphi; ukuzigqaja ngemvelaphi; asiyibhale phansi singalindi ukukhulunyelwa.
IsiZulu sithi, ‘ibuzi laziwa ngumlaleli’, ngakho zikhathaze ngolwazi, ngokucwaninga; nokwembula imvelaphi yethu. Masizikhuthaze, sibe nentshisekelo ngemvelaphi kanye nomlando wethu. Ukuzigqaja ngemvelaphi kubiza inhlonipho, kumele uzihloniphe ukuze uhlonishwe.
NjengaboHlanga, masikhathalele ukufukulana, sincome, siqhakambise amagalelo ethu. Lokhu singakuveza ngokuthi sibhale ngezibambiqhaza, amaqhawe, imilando yemindeni njll.
Lolu hlobo lwemibhalo lusantula kubeNguni. Isizwe seswele amagula awumthombo wolwazi ngemvelaphi yaboHlanga. Umlomo yishoba lokuziphungela, asingavumi ukuyekelela abezizwe baxoxe basikhulumele ngomlando wethu sikhona.
Igula lendlebe aligcwali, ngakho inselelo siyiphosa kuwe ukuthi ungayeki ukubabela ulwazi, nokuba nentshisekelo yokudlulisa ulwazi ukuze sakhane siyisizwe. Zikhona izindlela zokuthola ulwazi ngokushicilela; ezobuchwepheshe zidilize izihibe eziningi ezivimba ukusabalala kolwazi.
Ingxenye elandelayo eyokuhluzwa kwamabhuku. Siyethemba ukuthi lolu lwazi lwezinhloo zemibhalo luzoba yisisekelo esihle uma usufunda imibhalo nezincwadi.