Now Reading
UDe Allende ubengaziboni eqala kumaBhobhoko
Dark Light

UDe Allende ubengaziboni eqala kumaBhobhoko

Umdlali oyibamba esiswini eqenjini lesizwe lombhoxo amaBhokobhoko uDamian de Allende, uthi kumuthusile ukuthi uzowuqala umdlalo wakusasa.

Elakuleli lizotholana phezulu neBritish & Irish Lions emdlaweni wemidlalo wokuqala weTest amathathu, lo mdlalo uzoqala ngehora lesi-6 kusihlwa. Yonke le midlalo izobanjelwa eCape Town Stadium.

UDe Allende ngenyanga edlule wathola ukulimala ngesikhathi bechithekelwa uPhethiloli noRG Snyman naye ongumdlali wamabhokobhoko, beseqenjini iMunster yase-Ireland. Abanye abadlali ababekhona kuleso sigameko uMike Haley noCJ Stander.

Lo mdlali owayeyingxenye yeqembu elanqoba umqhudelwano weNdebe YoMhlaba ngonyaka wezi-2019, washa umlenze, izandla kanye nobuso. Kodwa lo mdlali oneminyaka yobudala engama-29 ululeme futhi kubukeka ezoyiqala yomuthathu le midlalo yamaTest. “Ngiyabonga nje ukuthi akugcinanga kuba kubi kakhulu. Ukucabanga ukuthi uSynam walimala kangakanani kungiphatha kabi lokho. Yena walima ngendlela embi kakhulu, mina ngibe nehlanhla futhi ngijabule bekungekubi kakhulu. Ngingasho futhi ukuthi ngijabule ukuthi ngiphinde ngikwazi ukudlala umbhoxo okuwumdlalo engiwuthanda kakhulu. Ngemuva kwalokhu okwenzeka ngathuka kwaphela nasozwaneni. Ngesikhathi ngisesibhedlela ngangilokhu ngithukile ngoba bekunzima” kusho uDe Allende.

Ubalule ukuthi ngesikhathi ebuya esibhedlela eqala ukuzilolonga ubezizwa izinhlungu enakho ukuthuka kokuthi kungenzeka kuthathe isikhathi ukuba aphinde abuyele enkundleni.
Iqembu elizoqala umdlalo eliqokwe umqeqeshi wamaBhokobhoko uJacques Nienaber liqine kakhulu, njengoba iningi labadlali elikhona elanqoba iNdebe YoMhlaba. Lapho kubalwa uSiya Kolisi ogngukaputeni, uHandre Pollard, uLukhanyo Am, Makazole Mapimpi noChelsin Colbe abashaya itry kowamanqamu ayo iNdebe YoMhlaba.

“Sidlale imidlalo emithathu emasontweni ambalwa edlule amaBhokobhoko ebhekene neGeorgia neNingizimu Afrika ‘A’, sidlale kahle kakhulu. Sizodlala okokuqala sihlangene kanje kusukela sagcina ukudlala ngonyaka wezi-2019 kwiNdebe YoMhlaba Sikuhlelele kahle ukukhetha kwethu eqenjini, yingakho bekubalulekile ukuthi sidlale umdlalo wesithathu ngemuva kokukhanselwa kweTest yesibili neGeorgia, futhi siyazi ukuthi abadlali esibakhethile bangenzani. Iqembu esikhethile liqini kakhulu, siyazi ukuthi iningi labadlali libambe iqhaza kwiNdebe Yomhlaba kusho ukuthi bazana kahle enkundleni nangaphandle kwenkundla, futhi njengabaqeqeshi siyazi ukuthi yini okufanele sibalekelele kuyona ukuthi benqobe” kusho uNienaber.

See Also

Selilonke iqembu lamaBhokobhoko elizoqala umdlalo neBritish & Irish Lions, lithakwe kanje
UWillie le Roux, uCheslin Kolbe, uLukhanyo Am, uDamian de Allende, uMakazole Mapimpi, uHandre Pollard, uFaf de Klerk, uKwagga Smith, uPieter-Steph du Toit, uSiya Kolisi (ongukaputeni), uFranco Mostert, u-Eben Etzebeth, uTrevor Nyakane, uBongi Mbonambi, no-Ox Nche.

Abazoqala ebhentshini: uMalcolm Marx, uSteven Kitshoff, uFrans Malherbe, uLood de Jager, uRynhardt Elstadt, uHerschel Jantjies, u-Elton Jantjies noDamian Willemse.

Scroll To Top