Inkanyezi yakwaMashu igalele kwezwakala ekhaya nangaphandle
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Kusizukulwane samanje udume ngokudlala indawo kaMaNdlovu emdlalweni iMbewu kepha kasiye umafikizolo. Loyo ngumama uThembi Mtshali-Jones.
Lena yindodakazi yakwaMashu necishe esikwenze konke kwezikaqedisuzungu kusuka ekuculeni nasekulingiseni emidlalweni eyahlukene kwithelevishini naseshashalazini. Egameni lakhe kunamacwecwe amabili iToday Tomorrow ( 1990) enezingoma ezi-10, iBayabizana (2016) enezingoma ezi-12.
Phakathi kwemidlalo yethelevihsini neshashalazi kungabalwa UMabatha, Iphi Ntombi, iSgudi Snaysi, iStokvel, iScandal, Madam and Eve, 90 Plein Street, Broken Vows, Fishy Fêshuns, Forced Love, Home Affairs, I Love South Africa, Imbewu: The Seed, League of Glory, Traffic, The Queen, Silent Witmess, Shooting Stars, When We Were Black, Black And White Follies, Marabi neHave You Seen Zandi neminye. Igama lakhe likhona nakwinqayi njengoba likhona ku Mapantsula (1987), A Woman in Waiting (1999) neWooden Camera (2003).
Ngenxa yekhono lakhe kanye nemisebenzi yakhe, indawo iKentucky e-United State of America yamnika indondo yokumhlonipha ngokuba athathwe njengeSakhamuzi eSihloniphekile nanikwa yiMeya yaseLouisville. Nasekhaya bamhloniphile njengoba athola Lifetime Achievement Award ngowe-2009 nangowe-2015, enikwa ngabe Culture Trust noMkhandlu iTheku.
OkaMatshinga uyaqhubeka nokuba yinkanyezi ekhangisa iTheku neNingizimu Afrika nokumenza aqhubeke nokuhlonishwa.