Izakhamuzi zikhethe ukuduba umhlangano obizwe INkosi ngenxa yokufuna intando yeningi eSwatini
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Amaqembu alwela umbuso wentando yeningi eMbusweni waseSwatini adube inkhulumomphendvulwano kazwelonke ebizwe yiNkosi uMswati III. Inkulumompikiswano kuzwelonke, ebizwa ngokuthi iSibaya yabizwa ngemuva kwamasonto ezinxushunxushu zombuso, ifuna kwenziwe izinguquko kwezepolitiki phakathi kokunye. Esikhundleni salokho amaqembu ahlela imashi kwaManzini. Amasosha ezokuphepha alihlakaze ngokushesha leli qembu, okwaholela ezinxushunxushwini kwaManzini.
“Abantu bebelapha ngobuningi babo manje sebehlakazwe ngamaphoyisa ahlomile futhi bayayibona indiza enophephela emhlane ngenhla kodwa abantu bazohlangana kabusha. Sibonile ukuthi iSibaya asinalutho ngoba abantu bakubonile lokho njengokuchitha isikhathi. ” kusho usihlalo weMulti-Stakeholder Forum, uThulani Maseko.
E-Ludzidzini Royal Residence, iNkosi uMswati III wakhuluma nesizwe, wagadla kubabhikishi, echaza iziyaluyalu zombango ezashiya ukucekelwa phansi kwempahla, njengezikaSathane. “Abantu abebeshisa ibhilidi bangobusathane futhi abaphilile,” kusho iNkosi yase-Eswatini.
Kodwa-ke, iLungu lePhalamende ebelifuna ukuthi kwenziwe izinguquko embusweni, uMduduzi Simelane, uyigxekile inkulumo yeSilo saseSwatini wathi iyihlazo. “Njengoba sibonile manje amabhasi abethunyelwe ukuhambisa abantu bakithi awanamuntu siyazi ukuthi bazothatha amasosha namaphoyisa bawagqokise ngasese bawabukise sengathi lokhu bayizakhamuzi ebezilandwe ngamabhasi.
Noma ngabe amanga angahamba ibanga elingakanani kodwa azodlulwa yiqiniso abantu bafuna ukuya kwimashi kwaManzini. Siqhume izibhamu kusukela izolo kusihlwa bezama ukwesabisa abantu ukuthi bengezi kwimashi bezofuna intando yeningi kodwa ukusikhipha kuzwakala futhi kucacile, abantu bacikekile ngohlelo,” kusho uSimelane.
Izakhamizi zase-Eswatini nazo zizwakalise ukukhathazeka ngokushoda kukaphethiloli okudalwa yizidubedube eNingizimu Afrika. Izwe lithola kakhulu uphethiloli walo kusuka eThekwini esifundazweni saseNingizimu Afrika saKwaZulu-Natali. “Sinenkinga kaphethiloli ngenxa yalokho abanye abantu uma befika esikhungweni sokugcwalisa uphethiloli usuphelile. Isimo siya ngokuba nzima kanti ezinye izimoto zishiywa lapha ngabashayeli.” kusho uMbongwa Dlamini, oyisakhamuzi Eswatini.
“Angikaze ngikubone kushoda uphethiloli ofana nalona kuleli. Ngikholwa wukuthi kudalwa wukuphangwa nokushiswa kwamaloli eThekwini kanti nabashayeli bamaloli bayesaba ”kusho uShaka Makhanya, esinye isakhamuzi. Kubekelwe imali engaphezu kuka-R500 million ukwakha kabusha ingqalasizinda ecekelwe phansi ngesikhathi kunemibhikisho esanda kuba khona e-Eswatini.

