Now Reading
Sidinga uHulumeni okhuluma kancane enze kakhudlwana
Dark Light

Sidinga uHulumeni okhuluma kancane enze kakhudlwana

KuHulumeni umkhakha wezokuxhumana umqoka kakhulu ekuhambiseni imiyalezo kubantu. Esimweni esejwayelekile lona ngumkhakha oqashelwa abantu abanamava kanjalo nekhono lokuxhumana nomphakathi. Okumqoka lapha wukukwazi ukubika ngokuyinkinga kanjalo nalokho okumele kwenziwe ikakhulukazi ezikhathini ezithile nokubalwa nezenhlekelele. Kulezi zinsuku ezimbalwa iNingizimu Afrika ingaphansi kwesimo senhlekelele kabili. Esokuqala wukhuvethe oludlavuza imiphakathi kusuka ngonyaka owedlule. Esesibili isimo nesakamuva yilapho  izibhelu zembathe izingxenye ezithile zezwe okuyi-Gauteng neKwaZulu-Natal. Kulezi zibhelu ngaphandle kokucekelwa phansi kwengqalasizinda nokuluthwa sekukhona izidumbu phansi. 

Kuzo zombili lezi zimo izwe elibhekene nalo uHulumeni wakuleli wembuleke izinqe uma kufika kwezokuxhumana. Njengokwejwayelekile kunede kwavela izindaba zokhuvethe kanye nezibhelu uHulumeni  ubize emsakazweni nakuthelevishini lapho “ezochaza futhi azise isizwe” khona.  Kulezi zithangami kuqala kufoloswe ngoMengameli wezwe uRamaphosa kuse bese kuba ngongqongqoshe abehlukene. Umqondo ekusebenziseni umsakazo kanye nethelevishini ngothi “abantu basuke bebaningi ngesikhathi esisodwa” yikho nje kwephusile ukubathola ngaleso sikhathi.

Lokhu kuliqiniso futhi kuyasebenza uma uHulumeni azi ukuthi wenzani. Ezokwazisa njengezimele ipolitiki zibamba iqhaza elimqoka kudemokhrasi. Ziyazisa, zifundise futhi zeluse abanye bezokwazisa kodwa okusemqoka kakhulu wukuthi zinamandla okuba nomthelela. Zibuye zibe namandla okwakha ndlela thizeni yokukhuluma noma yezinhlaka ngesikhungo noma ngomuntu.

Ngeshwa ubufakazi obukhona bukhomba ukuthi uHulumeni waseNingizimu Afrika wehlulekile ukuqhamuka nohlelo olunemiphumela lwepolitiki yezokuxhumana. Lokhu kusuka lapho umphakathi waqaphela ‘ukuxabana’ kwemiyalezo phakathi kukaMengameli wezwe kanye noNgqongqoshe Womnyango onikwe amandla ngumthetho ukuba eluse izimo zenhlekelelo, uNgqongqoshe uMaDlamini Zuma. Lokhu kwasetshenziswa ngabanye ababeyisa uHulumeni enkantolo kakhulu odabeni lokuthengiswa kukagwayi lapho bakuveza ukuthi uMengameli usho okunye kwathi uNgqongqoshe washo okunye.

Kwenzekile nangesikhathi kwenzeka inhlekelele lapho amagumgedlela elimaza  indoda yase-Alexandra eGoli, uMnu uKhosa. Lapha uNgqongqoshe Wezokuvikela waphawula okunye nokwahamba kwahamba wabe esesho okunye nokwathukuthekisa umphakathi nomndeni kamufi. Lokhu kwenzeka ngesikhathi lapho izwe labe lisethubeni lokubona ukusebenza kombutho wezempi wakuleli nokwabe sekuba nechashaza kuwo.

Omunye obe sematheni kwabezindaba naksezinkundleni zokuxhumana   nguNgqongqoshe uCele. UNdosi uzilume ulimi kokuningi kusuka kuqala ukhuvethe kuze kube yileli sonto lapho abephawula khona ngezibhelu. Usolwe ngokubane akhulume nje  abanye bathi ulisakabuli elikhuluma izinto ezimnandi kwabezindaba kepha ezingahambisani nenqubomgomo. Kuze kwavela nemibuzo ukuthi kambe unalo yini ilungelo lokuphawula kwabezindaba ngokusebenza kwansuku zonke kwamaphoyisa ekhona uKhomishana uSithole owengamele amaphoyisa nokusebenza kwawo.

Izigameko zokugcina ezithinta ezokuxhumana noHulumeni zenzeke ngeledlule nakuleli sonto. Esokuqala ngesikhathi liqala lisha izwe uMengameli wenze okumangaze abaningi ngesikhathi ethumela okhulumela ihhovisi lakhe, uMnu uTyrone Seale nowathi: “UMengameli uCyril Ramaphosa unxuse imiphakathi yaKwaZulu-Natal ukuba iyeke nokungalandeli ukusebenza komthetho nokulimaza umnotho. UMengameli uRamaphosa uthi umthelela wodlame embonini yezokuthutha impahla ngomgwaqo nomonakalo kothelawayeka abuyimithambo yezomnotho uzozwela ngisho nakulabo abahlela nabenza lobu bugebengu. UMengameli uthi izizathu okusolakala ukuthi ziholele odlameni KwaZulu-Natal ngeke zasetshenziswa ekutheni ziqubule ubudlobongela nodlame emphakathini. UMthethosisekelo uvikela ilungelo lokukhononda kodwa ngeke kustshenziselwe ukwephula umthetho noma ukulimaza impahla nokubeka engcupheni impilo yabantu.”

Abasola uRamaphosa bathi akwejwayelekile ukuthi lapho kunezenzo ezisobala zokubhujiswa kwempahla nokuphazamisa ukugeleza komnotho bese uMengameli angakhulumi nesizwe bese nje ethumela umuntu.

Kuthe uma abantu bekhala wabe esevela uMengameli wezwe ezokhuluma nesizwe. Nalapho nakhona washiya abanye bekhexe imilomo lapho ethi: “Kuyakhathaza kuwo wonke umuntu waseNingizimu Afrika ukuthi ezinye zalezi zenzo ziqhutshwa ngokobuhlanga,”.  Lokhu kucasule abaningi ngoba bakuhumushe ngokuthi uthi uhlanga oluthile yilo olugila le mikhuba. Kuthe kungakapheli zinsuku esithangamini sabezindaba kwashiwo okunye njengembangela yodlame nezibhelu, sekusho ongqogqoshe abelusa ezokuphepha ezweni.

See Also

Bekhuluma nabezinda uCele ukuphinde kaningana ukuthi basezithendeni zabaphehli bozwathi wathi futhi banolwazi:

“Ngeke sivumele muntu ukuba enze umbuso wethu wedemokhrasi inhlekisa, futhi sesithinte ababhekela umthetho ukuba imizamo yabo bayiphinde kabili ukunqanda lolu dlame futhi bandise abasebenza phansi.

 “Njengongqongqoshe baleli qoqo senanela kulokho okushiwo nguMengameli wethu futhi izakhamuzi eziningi ezithobela umthetho nezithanda ukuthula zikugxigxibhile ukungahambisani nomthetho, udlame nokucekela phansi impahla okuqhubekayo ezindaweni ezithile KwaZulu-Natal naseGauteng njengokubika kwabezindaba.

“Sithi aluphele manje lolu dlame, ukuzitapela nokushaya indiva umthetho futhi sicela kube nokuthula nozinzo ngokushesha,” kusho yena. UCele uthe amaphoyisa ahlele ukuhlala ezithendeni ‘zabaphehli bozwathi’ balezi zibhelu. Lokhu kuphendule ihlaya ngoba kutheleveshini bakhuluma nje kuvela abantu bezitapela ezitolo futhi kwaqhubeka nangakusasa.  Lokhu kufakazela umbono othi uHulumeni wakuleli uyathanda ukuphawula nokuxoxa nomphakathi ngabezindaba. Kanazo izinzwa emphakathini. Wande ngomlomo (ukuvela kuthelevushini, kwezokuxhumana nasemaphephandabeni)  kepha enhlabathini ngolunye udaba.

Scroll To Top