Now Reading
UMntwana uZibhebhu umhwebi weDalagubha neSibubulungu
Dark Light

UMntwana uZibhebhu umhwebi weDalagubha neSibubulungu

INkosi uSambane yathi abaqoqe izinkomo, yase ithumela amanxusa ayo kuMntwana uZibhebhu yathi abayoyethulela koweNkosi. Yathi; “Niyofika ningilandulele kuMntwana weNkosi nithi angisemuntu walutho, sengiyintothololo nje sekusele igama kuphela. Ngingebe ngisavela naphambi koweNkosi, njengoba sengiyihlazo lokugcina” Yaqhuba iNkosi yathi; “OweNkosi akamukele nanko amatholana ayodla nezingane ekhaya.”

UMntwana uZibhebhu awubone umhlambi wezinkomo wekhethelo, abe nokwaneliseka enhliziyweni yakhe ukuthi iNkosi uNyawo ikwenze lokhu hhayi ngoba ikhipha icala. Izithunywa zeNkosi uSambane zifike ziwabeke amazwi azikhalela ngawo koweNkosi. Akuzwe lokho kubalisa uMagasa qede ahleke abhekise emabuthweni akhe athi; “Chabo Zulu, thina besingazoqedela izingcuba zakwaNyawo. Uma singedlula siphikelele kuSambane ngabe sithela impi yami ngeshwa, intelezi yethu ingabe isasebenza”.

INkosi uSambane kwathi ikhipha izinkomo nezithunywa zayo, yayithi amabutho ayo awayithwale ayoyifihla emigedeni yakwaHlathikhulu. INkosi uSambane imlibazisa ngezinkomo nje uMntwana uZibhebhu ukuze ikwazi ukubaleka ngokuphepha, kuthi noma kwenzeka ecabanga ukuyihlasela athole itshe selome inhlama.

UMntwana uZibhebhu kaMaphitha / Isithombe: KwaZulu-Natal Archives (Pietermaritzburg Repository)

UMntwana uZibhebhu abesethi ezinduneni zeNkosi uSambane; “Ngiyawezwa amazwi omuntu omdala. Nibofika nimtshele ukuthi nami bengithi kuhle sizokhuluma njengamadoda ngendaba kaLubele. Ngithi izingane lezi zikaMngomezulu angabe esazithinta” Wasethi seboyofika bambongele eNkosini uSambane amathole lana emnikeze wona. Kepha wagcizelela ukuthi bamtshele ukuthi yena ubethi abazoxoxa njengamadoda, bakhumbuzane izindaba ezindala.
Yena ubengezi khona ukuzohlasela kwaNyawo.

Wasekhipha abathile ethi abaziqhube izinkomo bazise ekhaya eBanganoma, ngoba yena usaqhubekela ezansi koNomboni. Kwakunenkolelo yokuthi uma impi isize yaphuma ekhaya kuhle ingabuyeli emuva ingahlabananga ngoba lokho kungenza ibuye nomshophi wentelezi. Yedlula impi kwelakwaNyawo yaze yayongenisa kwaMngomezulu. Wafika wabatshela ukuthi usekhulumile neNkosi uSambane, ngeke isabahlupha. Wedlula waphikelela kwelasebuThonga koNomboni. Uhamba useqambe ihubo ngabakwaNyawo ngoba ebabone bebaleka beyocasha ehlathini
“Ulunguza ngomkhonto kwabeziwe
Uye wadla leziya nkomo
Izizizwe nya
Wayeyokhuluma indaba yombango
Ulunguza ngomkhonto kwaNyawo
Wohloma sambe”

Kwathi lapho efika lena enhla koNombona afike ziyishaya, kunemigcagco emibili. Akabe esabuza okaNdaba. Wawadedela aManketshane akhe abadla abanikiza emuka nabo. Abasindayo babaleka bagcwala amahlathi. Wasedla imihlambi yezinkomo, wakhukhula nazo esebuyela ekhaya. Bahamba ibanga elide ukusuka koNomboni, kuthe uma sebesethadeni babone izinkomo sezithwala amakhanda kwabe sengathi zihlatshwa izibawu. Zaphakamisa amashoba zawabhekisa phezulu, zasho zagulukudela, zacimeza, zakhwela phezu kwabo, sezibaleka. Waseqala ihubo elithi:
“ Wadl’ ezamahole
Wadl’ ezamahole
uNdaba uyakuziholela
Kush’ abafo nje
Vuma vuma yebuya Ndunduma
Kush’ umhlabathi
Ngoba wona uhlala uphenduka x2
Sezithwel’ amashoba
Ngezokubiwa lezo nkomo”

Kwala noma sebezigwaza ngemikhonto, zibaleka zigcwale ithafa zibuyela emuva. Amabutho agijima aziqoqa abuya nazo, baqhubeka bahamba. Kuthe uma sebezitshela ukuthi sebezinqobile, izinkomo zaphenduka imidlwembe lena engakaze ibabone ngisho abantu.

Zadlubulundela izinkomo zabashiya, zabuyela emuva. UMntwana uZibhebhu agcina esethi abaziyeke uyabona ukuthi amaThonga azibiza ngemfemfe yawo yomhlanga abazelusa ngayo.
Kwathi uma efika ekhaya wedlula waya kumngani wakhe uJantoni kaMadoyi umlungu (John Dunn) owayakhe eMangethe kwelaseNyoni. Wayemhambisela amazinyo ezindlovu, yena amkhokhele ngezingubo zokugqoka, noma ngezibhamu. UMntwana uZibhebhu lona kwabe kungumhwebi omkhulu.

See Also

Engahlali ndawonye futhi indawo yakhe yayisendaweni emvumelayo ukuba axhumane kalula neDalagubha kanye nendawo yasesilungwini eSibubulungu. Wayehabahambisela amazinyo ezindlovu eDalagubha yena bamnikeze ubuhlalu. Kwesinye isikhathi afike ebuThonga elindelwe intsha yabafana namantombazane alambileyo nehluphekayo icele ukuba ayithathe iyohlala naye. Wayengekwazi ukondla bonke laba bantu, ngakho wayebathatha abanye abanikeze amaPutukezi abanye abanikeze uJantoni bayosebenza ezimobeni. Abahwebi laba babefike bamholele ngemali noma ngezimpahla uma ebafikela nezisebenzi. UMntwana uZibhebhu kuthiwa wayaziwa izwe lonke lakwaZulu nelasesiLungwini. Ekuhwebeni kwakhe imbongi yakhe imhashe ithi:
“Umnguni uyathentesa
Ufana nabasiki bebunda”

Izibaya zempi yakwaMandlakazi
Kwakukhona uMkhashana wakwaNdlovu, uMsuthu owayetholwe uMntwana uZibhebhu lena kwelasenhla. UMkhashana lona wayefaka umuthi wakhe emanzini egcwele ukhamba qede aluthathe alubhekise phansi amanzi angachitheki. Athathe amalahle omlilo ovuthayo awafake emlonyeni, acime kepha yena angashi.

Ngesinye isikhathi wayebulala imbuzi qede ayikhiphe konke okungaphakathi beseyithunga ngosinga. Kothi uma eseyithungile, ayivuse ngemithi yakhe qede ihambe bese eyithumela ezitheni zakhe. Kothi uma nje beyibonile ngamehlo sebewuthathile umuthi, sebezokwehlulwa kalula. UMkhashana Ndlovu nguye owasebenza ihhashi loMntwana uZibhebhu, iponi uManxebazihaxa. Leli hhashi uManxebazihaxa beliyizwa indlela uma kunento engalungile kuyo.

Scroll To Top