UMagaye usethandazela ukuba senkundleni eTokyo
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Obizelwe eqenjini labaneminyaka engaphansi kwengama-23 kunobhutshuzwayo elizoya kumqhudelwano ku-Olympics ezobanjelwa eTokyo utuse uNkulunkulu nokusebenza kwakhe kanzima.
Lo mdlali nguThabo Cele ongowokudabuka KwaMashu esigcemeni kwa-G, obenengxoxo ekhethekile nelaboHlanga.
Ngokufakwa kwegama lakhe uCele odume ngelikaMadlebe ungowesithathu odabuka KwaMashu ukuthi amele iNingizimu Afrika emqhudelwaneni we-Olympics. Abanye abadlali abadlale lo mqhudelwano abadabuka kuleli lokishi uSiyabonga “Bhele” Nomvethe owawudlala ngonyaka wezi-2000, kube uMenzi Masuku awudlale ngowezi-2016. “Ngijabule kakhulu ukubona igama lami libalwa kwabazomela iNingizimu Afrika eTokyo. Bekuliphupho lami elikhulu lokuthi ngiye ku-Olympics. Okusele manje ukulwela isikimu, kungabi ukuthi ngiyokwandisa isibalo nje,” kusho uCele.
Isikimu uCele oneminyaka engama-24 uzosibanga noTeboho Mokoena noSipho Mbule beSuperSport United, uNkosingiphile Ngcobo weKaizer Chiefs, uKamohelo Mahlatsi weSwallows FC kanye noGoodman Mosele osanda kusayiniswa i-Orlando Pirates esuka kuBaroka FC.
UCele uthe ubona ama-Olympics ezomuvulela iminyango ekutheni athole amadlelo aluhlaza.
“Njengoba ngishilo ekuqaleni ukudlala lo mqhudelwano kuyisifiso sanoma imuphi umdlali, maningi amehlo azobe ebhekile. Ukwenza kwami kahle kuzongivulela amathuba emaqenjini amakhulu emhlabeni” usho kanje.
I-Ejenti yakhe uCele uHelio Martins ukuvezile ukuthi akhona amaqembu adlala kuligi enkulu yasePortugal amfuna uthuli lo mdlali, kodwa izingxoxo zizoqala emveni kwe-Olympics.
Lo mdlali ugijima eqenjini lasePortugal iC.D Cova da Piedade edlala ngaphansi kwePremier LigaPro.
Ukuqala kwakhe unobhutshuzwayo wadlalela Induna Academy yaKwaMashu, iKwaMashu-All Stars (isadlala ku-ABC Motsepe League) neKZN Academy nokuyiyona eyamutholela amadlelo aluhlaza. Waba ngumdlali wokuqala kule nkulisa (iKZN Academy) ukuthi ayodlala phesheya. Lo mdlali wathi efika ePortugal izindaba zakhe zaphathwa uJorge Mendes oyi-ejenti kaRonaldo (Cristiano) nabanye abadlali abaseqophelweni eliphezulu. Kuyimanje izindaba zakhe ziphethwe iSoccer Soul.
Njengoba uCele esedlalela iCova da Piedade, waqale wadlalela iReal S.C neBenfica B. Yize bukhona ubudlelwano obukhona phakathi kweKZN Academy namaqembu asePortugal kodwa uNdosi, abakwaCele, uyena owavulela abanye abadlali iminyango. Omunye walabo badlali uSphephelo “Yaya” Sithole.
ElaboHlanga limbuza ngobunzima kanye nasekufundile eminyakeni ezinze ePortugal: uthe “Kunoma imuphi umuntu ukuqala impilo entsha kakhulukazi ezweni elisha kunzima kakhulu. Ngifika la ePortugal kwaba nzima ukufunda ulimi (Portuguese), kodwa manje sengingasho ngithi nguwumpetha yize kwathatha isikhathi ukulazi. Ukudla kwalapha nakho kwaba nzima ukukujwayela, kumnandi kodwa iqiniso lithi ngeke kukudlule okwalapho eNingizimu Afrika. Isimo sezulu sala sehlukile, lapha ngeke nangengozi ugqoke into emfishane ebusika,” kusho uCele othi usefunde nolimi lwaseChina.
Lo mdlali ozifela ngoReneilwe Letsholonyane ngowezi-2017 wayeyingxenye yeqembu lesizwe labangaphansi kweminyaka engama-20 elaliyodlala iNdebe YoMhlaba eSouth Korea. Waphinde wabizwa eqenjini leCOSAFA Cup ngowezi-2018. Ubeyingxenye yeqembu ebelihlungela ukuya khona eTokyo.
Eqenjini lakhe uCele udlale imidlalo engama-31, uqale engama-21 wangena esuka ebhentshini kweli-10 ushaye amagoli amathathu, wakhanda amabili.
Ebuzwa ngesizini yakhe edlule uthe: “Ngibe nesizini enhle kakhulu ngililwelile iqembu lami kwaze kwaba isekugcineni, ngikholwa ukuthi nakule sizini ezayo ngizoba nenhle kakhulu” usho kanje. Isizini yakhe iphelile ne Cova da Piedade okusho ukuthi kuyimanje akanaqembu, umataniswa neqembu eligijima kuDStv Premiership iCape Town City.
Selilonke iqembu elimenyezelwe uDavid Notoane elizomela iNingizimu Afrika ku-Olympics lithakwe kanje:
- Onozinti: uRonwen Williams, uMondli Mpoto noSifiso Mlungwana
- Izitobha: uTercious Malepe, uKatleho Mohamme, uLuke Fleurs, uThabiso Monyane, uSibusiso Mabiliso no-Abbubaker Mobara
- Esiswini: uTeboho Mokoena, uThabo Cele, uNkosingiphile Ngcobo, uSipho Mbule, uGoodman Mosel noKamohelo Mahlatsi
- Abagadli: uLuther Singh, uFagrie Lakay, u-Evidence Makgopa, uLyle Foster noKobamelo Kodisang