Now Reading
Isigwebo sikaZuma singaguqula ipolitiki yeqembu i-ANC
Dark Light

Isigwebo sikaZuma singaguqula ipolitiki yeqembu i-ANC

NgoLwesibili, iNkantolo YoMthethosisekelo yaseNingizimu Afrika igwebe owayenguMengameli wezwe uMnu uJacob Gedleyihlekisa Zuma izinyanga ezili-15 ejele ngecala lokudelela inkantolo.

Le Nkantolo imthola enecala nje uZuma yingoba wehluleka ukuhlonipha umyalelo wayo wokuthi avele ngaphambi kweKhomishini ephenya izinsolo zokugwamandwa kwamandla ombuso eholwa yiSekela leNhloko YaBehluleli uMehluleli uRaymond Zondo. Le Khomishini ibifuna uZuma ezoziphendulela ngezinsolo zokuthi ngesikhathi enguMengameli wezwe phakathi kowezi-2009 nowezi-2018 wayethathelwa izinqumo ngabantu abangekho kuHulumeni ikakhulukazi izelamani zakwaGupta.

Sekungumlando ukuthi uZuma wenqaba waphetha ukusebenzisana neKhomishini ayisola ngokuba yitulo lezepolitiki kanti uphinde wanqaba waphetha ukuphekwa ngemibuzo nguMehluleli uZondo ngoba ethi basondelene kakhulu ukuthi engamehlulela ngokobulungiswa.

NgoNhlolanja uZondo waphikelela eNkantolo YoMthethosisekelo nesicelo sokuthi imgwebe iminyaka emibili uZuma ngoba kusobala ukuthi akazimisele ukusebenzisana nayo nakuba le Nkantolo yamnika umyalelo wokwenza lokhu yaphinde yamphuca nelungelo lokuthula angasho lutho ngokwesabela ukuzibophisa. IBamba leNhloko yaBehluleli uSisi Virginia Khampepe wethule isinqumo esivunywe ngaBehluleli abayisikhombisa kwabayisishagalolunye esithi uZuma unecala lokudelela umlayelo weNkantolo ngakho akaboshwe izinyanga ezili-15 kanti unezinsuku ezinhlanu ukuzinikela esiteshini samaphoyisa okuzoba kuye ukuthi uya kwesingakubo eNkandla okanye uya kwesiseGoli.

UMehluleli uKhampepe uqhubeke wathi uma uZuma ehluleka ukuzinikela emaphoyiseni ingcabha iyobe isisala ngakuNgqongqoshe walo Mnyango uBhekokwakhe “Bheki” Hamilton Cele ukuthi aqinisekise ukuthi lokhu kuyenzeka.

Akachithanga sikhathi uNgqongqoshe uCele ngokuqinisekisa ukuthi nakanjani uzowuhlonipha lo myalelo waphinde wakuqinisekisa ukuthi uMnyango wakhe usuvele usume ngomumo.
Kuhlukene ukukhuluma emndenini wakwaZuma ngalolu daba njengoba enye yamadodakazi akhe iqinisekise ukuthi uyise uzowuhlonipha lo myalelo weNkantolo futhi useqoke ukuthi azinikele esiteshini samaphoyisa esiseNkandla.

Ngakolunye uhlangothi, enye yamadodana kaZuma icashunwe ithi uyise “ bayomthatha ifile” okuchaza ukuthi ayizimisele ngokumnikela okanye ukumphelezela uma esoyizinikela emaphoyiseni. UMkhonto Wesizwe Military Veterans Association (MKMVA) ngomlomo kaMnu uCarl Niehaus noMengameli wayo uMnu u-Emmaual Kebby Maphatsoe ithi iphoxekile ngesinqumo seNkantolo kanti uma kungaphuma umyalelo othi ayivikele uZuma engaboshwa nakanjani izowuhlonipha lo myalelo.

Baningi nabasebezinikele “ukuvikela uZuma” kumyamna kubovu nanoba abanye basabisa ngokuqala imibhikisho kulona lonke izwe nokuyobe kuphikisana nemigomo yokulawula ukhuvethe njengokumemezela kukaMengameli wezwe.

Ukuboshwa kukaZuma kungasho phakathi kokubili; ukwehlulelwa kabusha kwakhe uZuma kumuveze njengesisulu sonya lombuso osebenzisa ingalo yomthetho ukuxazulula izinkinga zepolitiki. Lokhu kuyobe sekumbuyisela enkabeni yepolitiki ye-ANC uZuma njengoba ivele le nhlangano isehluleka ukuziqhelelanisa nokwenzeka kuye. Okunye okungenzeka ukuthi kungasho ukuvalwa kwesahluko esithinta uZuma ku-ANC.

Le nhlangano ihlukene phakathi njengoba uMengameli uRamaphosa esenenkinga yabamngabazayo besebenzisa igama likaZuma. Isibonelo kulokhu i-ANC yasesifundazweni iKwaZulu-Natal okuthe nakuba yathatha isinqumo sokuziqhelelanisa noZuma ngowezi-2019 kodwa ngenyanga eyedlule izithole isiphoqeleka ukuthi iphinde izisondeze kuye ikhala ngokuthi kukhona abasebenzisa igama lakhe ukululaza ubuholi bale nhlangano kulesi sifundazwe nakuzwelonke.

Ukuvalwa kwesahluko sikaZuma kungasho ukuphepha kokubuyela kukaMengameli uRamaphosa kwesokuhola le nhlangano emuva kwenkomfa yokuqoka ubuholi obusha okuzoba ngenyaka ozayo. Lokhu okwenzeka kuZuma kusake kwenzeka nakwabanye abaholi kanti kuvamile ukuthi ijele kube indawo yabo yokuthatha amandla. Kubonakala kuyikho kanye lokhu okwenzekayo eBrazil njengamanje njengoba ngoNdasa iNkantolo Enkulu kuleli lizwe yathi akadelelwe ejele owayenguMengameli waleli lizwe uLuiz Inacio Lula da Silva. NgoLwesine ngesonto eledlule le Nkantolo iphinde yakuqinisekisa ukuthi wonke amacala abhekene nalo mholi awahoxiswe njengoba lowo owayeyiNhloko yaBehluleli kuleli lizwe uSergio Moro wayebuswa ipolitiki nodumo. uSilva wayevele eyintandokazi eBrazil njengoba kungubuholi bakhe obafika nozinzo kwezepolitiki nakwezomnotho.

Ephuma ejele ngoNdasa wahlangabezwa yizinkumbi zabantu ezakubeka kwacaca ukuthi zimfuna ebuyile kwesobumengameli. USilva uphuma nje leli lizwe libheke okhethweni ngonyaka ozayo kanti kukhulu ukungenami ngobuholi bukaMengameli uJair Bolsonaro owangena kulesi sihlalo ngowezi-2018. Ngowezi-2017, uMehluleli uMoro wagweba uSilva iminyaka engaphezu kweyisishiyagalolunye ejele ngezinsolo zenkohlakalo ethinta ukwamukela ifulethi likanokusho eSao Paulo. INkantolo Yokudluliselwa Kwamacala yaseseka lesi sinqumo yaphinde yamvimbela ukuthi angenele ukhetho lwangowezi-2018.

Njengamanje kubonakala konke kumvuna uSilva ukuthi abuyele kwesobumengameli njengoba igama lakhe selihlanjululiwe kanti noBolsonaro izinto kazimuhambeli kahle njengoba ekhomba ukudideka ngohlelo lokulawula ukubhebhetheka nokunqanda ukhuvethe kanti seziqalile ziyamuhlehlela nezikhuni kwezepolitiki.

See Also

Omunye osedlulile kulokhu uZuma abhekene nakho ngowayenguMengameli eCôte d’Ivoire uLaurent Gbagbo. Ngowezi-2019 lo mholi watholwa i-International Criminal Court (ICC) enamacala obugebengu bempi namacala abhekiswe kubantu. Lo mholi wangena kwesobuMengameli ngowezi-2000 kanti ngowezi-2010 wenqaba ukwamukela imiphumela yokwehlulwa nguMengameli u-Alassane Dramane Ouattara okwabe sekuholela empini eyabulala abantu abangaphezu kwezi-3 000.

NgoMasingana wangowezi-2019 i-ICC yasihoxisa isinqumo sayo sokumthola enecala uGbagbo yawesula wonke amacala ayebhekene nawo. Lo mholi ubuye njengeqhawe ezweni lakhe njengoba igama lakhe seligeziwe kanti kulindeleke ukuthi abe nomkhulu umthelela kupolitiki yakuleli lizwe okuze kube manje ayinalo kahle uzinzo.

Okufanayo kwenzekile nakowayenguMengameli waseZambia phakathi kowe-1964 nowe-1991 uDkt uKenneth David Kaunda. Lo mholi ofe zili-17 kuNhlangulana wayenqikaza ukudedela izintambo zombuso nakuba wayesehole leli lizwe iminyaka engama-27. Lokhu kunqikaza kukaKaunda kwadala ukungahoshelani phakathi kwakhe noMnu uFrederick Jacob Titus Chiluba okunguye owagcina ethathe izintambo zombuso.

Ngaphansi kobuholi bukaChiluba uKaunda wayehlezi eboshwa ngezinsolo zokuhlela ukuvukela umbuso. Lokhu kuboshwa nakuba kwasivala isahluko sikaKaunda kupolitiki yaseZambia kodwa kwamuvulela omunye umnyango wokuba ngenembeza we-Afrika yonke. Lo mholi ubambe elikhulu iqhaza ekuletheni ukuthula emazweni amaningi e-Afrika okuyisona sithombe esikhona kwabaningi ngaye nesesakhe umlando wakhe wehluka kulowo akaziwa ngawo eZambia.

Nakuba uZuma kungalindelekile ukuthi afune ukubuyela kwesokuhola leli lizwe kodwa kungenzeka ukuthi uma lokhu kuboshwa kwakhe kwehlulekile ukuvala isahluko ngaye kupolitiki yakuleli lizwe kumuphindisele enkabeni yayo ipolitiki kuleli lizwe. Lokhu kuyoyihlela ngenye indlela i-ANC njengoba izoya enkomfeni yokukhetha ubuholi obusha ngonyaka ozayo.

Okunye okuchazwa ilokhu kuboshwa kukaZuma ukuthi ecaleni lakhe elibuyela eNkantolo zili-19 kule nyanga uzovela njengesiboshwa. Kwakhona lokhu kungase kusho okuthize kupolitiki yakuleli kanye nokugqama komfantu okhona phakathi kwezobulungiswa nepolitiki kuleli lizwe.

Scroll To Top