Now Reading
Umuntu omusha nepolitiki nezombusazwe
Dark Light

Umuntu omusha nepolitiki nezombusazwe

isimo sezepolitiki kanye nesombusazwe kulezi zinsuku sikushiya ushaqekile futhi ungazi ukuthi uthini. Uma usathi usabhekene nalokhu kuvele kuvele okunye. Namazwe angomakhelwane, afaka phakathi elaseSwatini, akwenza uzibuze imibuzo ikakhulu uma ungayilandeli ipolitiki.

Engikubone kuhamba phambili kunakho konke intukuthelo kanye nokungajabuli kwabantu, ikakhulu aboHlanga. Ukungajabuli kwabo kwenza uzibuze ukuthi iyiphi indima okumele bayilime kulesi sikhathi. Okuqukethwe yilesi siqephu sanamuhla akusikho ukuhlaziywa kwepolitiki kanye nezombusazwe. Ngingajabula ukukhuluma ngazo zombili lezo zinto, kodwa engifisa ukuthi umuntu omusha akuhlephule kulesi siqephu ukuthi isikhathi sakhe sesifikile futhi asikho esinye esidlula lesi.

Ngifisa sibuke indima yakhe okufanele ayilime kulesi sikhathi. Angifisi ukuzwakala njengosopolitiki uma ngithi umuntu omusha akangadonsi izinyawo uma kukhulunywa ezombusazwe kanye nepolitiki yezwe. Ikusasa laleli lizwe elethu singabantu abasha futhi uma bethi lisezandleni zethu basuke bengaqambi wona amanga.

Kusezandleni zethu ukuthi silenze libe ngcono futhi sisule izinyembezi zabohlanga asebekhale isikhathi eside lesi. Izwe elingenankohlakalo kanye nobugebengu lingaqala ngathi ngokuthi singavumi ukuqeqesheka ngobusela. Uma sifuna ukubona izwe lethu lilihle futhi lithandeka, kuzomele siqale sizithande thini futhi sithande nomakhelwane bethu njengoba sizithanda thina. Angeke kwabalula kodwa kungenzeka ngoba kuyenzeka. Kunezinto okumele siqale sizinake, sizikhulume futhi sizinike isikhathi ngazo.

Okokuqala futhi okubalulekile ukuthi singalilahli ithemba. Noma isimo sendlala singashaqisa umzimba kangakanani, kusemqoka ukuthi singalilahli ithemba. Umuntu olahle ithemba uyinkinga ngoba akabe esezwa lutho futhi akabe esalalela lutho ngoba ithemba alikho. Uyingozi futhi umuntu olahle ithemba ngoba kuye kubelula ukukhohliseka. Uma ithemba selikuphelele uzibona ungesilutho futhi ingekho nento enhle ngawe noma kuwe.

Kuye kube lula ukuthi udlalwe ngabantu uma ithemba likuphelele ngoba uye ubese ubeka ithemba lakho kunoma ngabe ngubani. Nezinswelaboya zidlala ngawe kalula ngoba ingekho into ongayenza. Uma ubona imibhikisho eminingi kuleli, wokwazi ukuthi abantu abaningi abasuke bebhikisha kusuke kungabantu abangenzilutho nabalahlekelwe ithemba okulula ukubakhohlisa. Uma ubabona bebhikisha, ungaze ufunge ukuthi umphakathi uthukuthele ufuna intuthuko thizeni kanti abantu abakhokhelwe, abangahlangene nesiteleka.

Okwesibili okubalulekile imfundo. Kusemqoka ukuthi umuntu omusha, ikakhulu aboHlanga, afunde noma imisebenzi ingabonwa. Ngiyazi uzibuza ukuthi sikuphi isidingo sokufunda uma imisebenzi ingekho. Ngifisa ukhumbule ukuthi imfundo ayihlangene kakhulu nemisebenzi. Lokhu ukubona ngokuthi iningi lentshe efundile ihleli emakhaya, kanti futhi elinye iningi labantu abasha liyasebenzi futhi abanye bayazisebenzi noma bengafundile.

See Also

Lokhu kuchaza ukuthi imfundo ibalulekile ngoba ivula umqondo hhayi ukuthi yayenzelwe ukuvula amathuba omsebenzi. Ukuvuleka kwamathuba omsebenzi ngenxa yokuthi ufundile kuyibhansela nje. Into ebalulekile inhlakanipho nokuvuleka kwengqodo okuza nesikole. Abantu abafundile nabangafundanga abacabangi ngokufana futhi abaxazululi izinkinga zabo ngendlela efanayo. Lapha, angikhulumi ngabantu abaya esikoleni ukuyothenga iziqu baphume bengafundanga lutho. Ngikhuluma ngabantu abafike esikoleni kwabakhona into abayifundile. Singabantu abasha sidinga ukuthi sifunde uma sifuna ukuliphatha ngempumelelo lelizwe.

Okuhlukile futhi okungokokugcina ukuthi, asiphume kulomqondo wokulinda uHulumeni kuyo yonke into. Asibuyele emakhaya singabantu abasha, sifunde kubantu abadala ukuthi buyini ubuholi kanye nobudoda. Ukulinda uHulumeni kuyo yonke into kwenze salahlekelwa esikhulu isikhathi lesi. Amaphupho ethu kanye nezinhloso esinazo ngempilo yethu kanye nezindawo esiphuma kuzo kuncike kuthina. Uma singeke sasukuma senza uguquko empilweni yethu, angeke salubona uguquko kuyo yonke ingxenye yempilo yethu. Ngithe uma ngiqala lesiqephu, kusezandleni zethu njengabantu abasha.

Imibuzo engifisa ukukushiya nayo efaka phakathi lena elandelayo: yini oyifisayo ngempilo yakho? Yini ofisa ukuyibona ushintshile lapho uhlala khona? Yini ekuvimba ukuthi ungabi yilolu guquko ofisa ukulubona lapho uhlala khona. Ufisa ukuzibona ukuphi ngonyaka ozayo ngalesi sikhathi? Yini ozoyiguqula empilweni yakho uma uqeda ukufunda lesi siqephu?

Scroll To Top