Sekubonakala izinduku ezigawulwe ngamaqembu azogadla ngazo kuDStv
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Izolo ngoLwesine bekuwusuku lokuqala ukuthi amaqembu asengakwazi ukuthi amemezele abadlali ababasayinisile ukuthi badlale emaqenjini abo ngesizini ezayo kuDStv Premiership.
Iqembu okubhekeke ukuthi limemezele abadlali abaningi abasha iKaizer Chiefs eke yathwala kanzima ngesizini edlule njengoba ibingavumelekile ukusayinisa abadlali, emva kokuchithwa icala lika-Andriamirado “Dax” Andrianarimanana.
Umdlali othelekile izolo eNaturena uNjabulo Ngcobo obe nesizini enhle egijima kuMoroka Swallows njengoba eze waqokwa njengesitobha esivilele kuDStv Premiership ekubeni bekuyisizini yakhe yokuqala. IChiefs ibimubanga neMamelodi Sundowns, ebikhombisa ngampela ukuthi iyamufuna.
ISwallows FC idedela uNgcobo, kungezeka iChiefs idedele uDumisani Zuma, uPhilani Zulu noma uLeonardo Castro. Abanye abadlali okulindeleke ukuthi AmaKhosi ibathule uSfiso Hlanti, uKgaogelo Sekgota, uBrandon Petersen, uSibusiso Malibiso noPhathtshedzo Nange.
IBaroka FC yona isiqalile yamemezela abadlali bayo ezogadla ngabo ngesizini ezayo, labo badlali uTrain Mokhabi obekuJDR Stars, u-Akani Chauke obekuTS Sporting, uSekela Sithole osuka kuCape Umoya, u-Athenkosi Dlala obegijima kuTuks, noBayzel Goldstone osuka kuRichardsbay FC bonke la badlali bebegijima kuGladAfrica Championship. Abanye uSydney Malivha, uBennet Bobete noTshegofatso Bosega abasuka eqenjini elincane layo iBaroka FC.
I-Orlando Pirates yona kuvele ukuthi isayinise uBandile Shandu osuka kuMaritzburg United, kubukeka la maqembu enobudlelwano obuhle njengoba kumasizini adlule eziMnyama zike zagawula futhi eqenjini laseMgungundlovu. Yasayinisa uFortune Makaringe noSiphesihle Ndlovu, iPirates yona yadedela uTebogo Tlolane noThabiso Kutumela.
Omunye umdlali okungenzeka avumbuke kweZimnyama uSiphelele Magubane osanda kushiya ku-AmaZulu FC. AmaZulu FC wona kulindeleke ukuthi amemezele uKeagan Buchanan njengomdlali wawo omusha, Lo mdlali kuphele isizini edlule engesenaqembu njengoba ashiya kuMaritzburg United. USuthu luchithe uSiyabonga Mbatha osezovimbela iLamontville Golden Arrows. Abanye abadlali abadedelwe ileli qembu u-Andre De Jong waseNew Zealand noSamuel Darpoh waseGhana.
Abadlali okubhekwe kakhulu ukuthi bazogcine beye kuphi uSipho Mbule noTeboho Mokoena beSupersport United. Okuvelayo ukuthi laba badlali bobabili bagaqelwe iChiefs neSundowns.
Imenenja kaMbule uMike Makaab weProSport International ithe lo mdlali uzolwela ukuthi adlale phesheya kwezilwandle. “Njengamanje unenkontileka neSuperSport. Kumele abeke ingqondo yakhe ku-Olympics ezoba yishashalazi elikhulu kuye ngoba inhloso yethu wukumusa phesheya. Ngikholwa wukuthi ungumdlali onayo lento engamenza aphumelele phesheya uma engagxila ebholeni lakhe. Uwuhlobo lomdlali olungajwayelekile,” kuchaza uMakaab. Akawuvalanga nokho umnyango emaqenjini akuleli afisa ukusayina lo mdlali, ethi kuzomele axhumane ngqo neSuperSport United, yena uyongena sebeqedile esekhulumela umdlali wakhe.
“Uma iqembu lakuleli limfuna ngempela, kumele likhulume neSuperSport United. Mina ngeke ngingene kulezo zingxoxo kuze kube ngiyabona ukuthi iqembu liyakukhokha okufunwa yiSuperSport ngalo mdlali” kusho uMakaab.
Omunye umdlali okulindeleke ukuthi ajoyine iSwallows FC uHlompo Kekana okuvela ukuthi iSundwons iyamukhulula lo mdlali obesehlale isikhathi eside engukaputeni. ILamontville Golden Arrows kungenzeka ilahlekelwe uNkosinathi Sibisi noDivine Lunga abakhonjwa kuSundowns, leli qembu vele selichithe uDanny Phiri no-Edmore Sibanda laphinde lashiywa ilowo okade engumqeqeshi walo uMandla Ncikazi.
ITS Galaxy yona kulindeleke ukuthi imemezele uXolani Slawula obedlala ku-Uthongathi FC kuGladAfrica Championship.