Now Reading
Amazwe abelindelekile aseginqikile sekubhekwe asele ku-Euro 2020
Dark Light

Amazwe abelindelekile aseginqikile sekubhekwe asele ku-Euro 2020

Kulindeleke ukuthi kuqhubeke ukuthi abathandi bakanobhutshuzwayo emhlabeni wonke jikelele bebone unobhutshuzwayo onenkosi phakathi emdlalweni ye-EURO 2020. Imiphumela yalo mqhudelwano muva nje ishiya abalandeli bebambe ongezansi, kwazise amazwe lawo abebhekiwe ukuthi angadla umhlanganiso asegodukile.

IFrance engompetha bomhlaba iyona ebeyizimfivilithi kulo mqhudelwano kwazise ilona lizwe ebelibukeka liqinile, njengoba ibiphethe abadlali abasezingeni okubalwa uKylian Mbappe, uN’Golo Kanté okungenzeka athole indondo yomdlali wonyaka, uPaul Pogba noKarim Benzema. ISwirtzerland ikuqedile konke lokho ngokuthi ikhiphe iFrance koweLast 16 sekukhahlelwa amaphenathi.

Elinye izwe ebelibhekiwe ukuthi lingenza kahle iGermany, kodwa nayo ikhale ngaphansi ikhishwa yi-England ngamagoli amabili eqandeni. Kwaba iPortugal egabe ngoCristiano “CR7” Ronaldo yona ekhiswe iBelgium.

Lo mqhudelwano manje usudlulele esigabeni samaQuarter-Final, okulindeleke ukuthi aqale namhlanje ntambama. Amaqembu adlulele kumaQuarter-Final, iSwiterland, iSpain, iBelgium, i-Italy, iCzech Republic, iDenmark, i-Ukraine ne-England.

OweSwitzerland neSpain
Lo mdlalo iwona ozovula kumaQuarter-Final, iSpain ngomlando enawo kunobhutshuzwayo iyona ebukeka iyizimfivilithi kodwa kuzoguga utshani kulo mdlalo kwazise iSwitzerland isemandleni amakhulu njengoba ikhiphe iFrance. ISpain sona sikhiphe iCroatia ngamagoli amahlanu kwamathathu, cishe iwona mdlalo osashube okudlula yonke.

Granit Xhala

Umdlali ophinde abe ngukaputeni weSwiterland uGranit Xhaka uthe: “Ngiyaziqhenya kakhulu ngezwe lami. Indlela esidlale ngayo nompetha bomhlaba sikhombisile ukuthi singahamba size siwunqobe lo mqhudelwano. Ukufika kumaQuarter-Final kungumlando omkhulu ezweni lethu, okumele sikwenze ukubeka izwe kowandulela owamanqamu. Lokho singakwenza uma singaqhubeka senze njengoba senzile koweFrance. ISpain iyizwe elikhulu elanqoba iNdebe YoMhlaba ngowezi-2010, kumele sizibambe ziqine” usho kanje.

Lo mdlalo uzobanjelwa eSaint Petersburg Stadium, Saint Petersburg, uzoqala ngelesi-6 kusihlwa. Iqembu elizonqoba lapha lizotholana nozonqoba phakathi kweBelgium ne-Italy.

OweBelgium ne-Italy
Lo mdlalo ungacishe ufaniswe nowamanqamu, La mazwe awuqale kahle lo mqhudelwano njengoba eyinqobe yonke imidlalo esayidlalile kusukela kowamaqoqo. IBelgium ikhiphe iPortugal kwathi i-Italy yona yakhipha i-Austria ngamagoli amabili kwelilodwa.

Okubuhlungu kubalandeli beBelgium ukuthi bazoya kulo mdlalo ngaphandle kuka-Eden Hazard ongukaputeni olimale kanzima, omunye okungenzeka aphuthwe yilo mdlalo omqoka kangaka uKevin De Bruyne naye othintekile emdlalweni wePortugal. IBelgium izobeka amathemba ayo kuRomelu Lukaku kuthi i-Italy yona ithembele kuCiro Immobile.

IBelgium emhlabeni iyona ekleliswe phezulu njengoba sekuphele isikhathi ingahlulwa, emdlalweni yobungani neyokuhlunga. Lo mdlalo uzobanjelwa e-Allianz Arena Stadium, eMunich uzoqala ngehora lesi-9 kusihlwa.

See Also

OweCzech Republic neDenmark
Kulindeleke ukuthi kuguge utshani nakulo mdlalo njengoba womabili la mqembu edlala kahle kakhulu. ICzech Republic ifika kulesi sigaba nje yehlule iNetherlands obekubhekwe ukuthi iqhubeke nokwenza kahle njengoba emdlalweni yayo yamaqoqo yayinqoba yonke, kodwa yehlulwa ngamagoli amabili eqandeni.

IDenmark ilona izwe elawuqala kabi umqhudelwano njengoba yacishwe yahanjelwa emhlabeni umdlali wayo omqoka uChristian Eriksen owaquleka enkundleni. Leli lizwe konke eselikwenza seliyenzela yena ingakho uma lishaye igoli likhombise ukuba naye ebunzimeni abhekene nabo. IDenmark ikhiphe iWales ngamagoli amane eqandeni. La mazwe azodlala kusasa ngoMgqibelo eBaku Olympic Stadium, eBaku ngelesi-6 kusihlwa.

Owe-Ukraine ne-England
Kulo mdlalo i-England iyona izimfivilithi kodwa kuzomele izibambe ziqine njengoba kulo mqhudelwano ofishi abancane bedla abakhulu. Okunye okwenza amaNgisi abe izimfivilithi ingoba akhiphe iGermany. I-Ukraine yona ikhiphe iSweden ngamagoli amabili kwelilodwa. Lo mdlalo ongowokugcina kumaQuarter-Final, uzobanjelwa e-Olimpico, eRome uzoqala ngelesi-9 kusihlwa. Iqembu elizowina la lizodlala nelinqobe phakathi kweCzech Republic neDenmark kowamaSemi-Final.

Imidlalo eyandulela eyamanqamu izodlalwa ngoMsombuluko nangoLwesibili, izobanjelwa eWembley Stadium. Umdlalo wamanqamu nawo uzobanjelwa khona eWembley Stadium, e-England mhla zili-11 kwephezulu.

Scroll To Top