Now Reading
Kukhulume iphakethe ekugcineni ngo-Aubaas
Dark Light

Kukhulume iphakethe ekugcineni ngo-Aubaas

Ihlukane nezindodla zemali iMamelodi Sundowns ngesikhathi ishaya iphakethe ibuya nesibabuli somdlali weBafana Bafana uBathusi Aubaas obegijima kuTS Galaxy Football Club. Le njini yeBafana isayine inkontileka yeminyaka emithathu neBrazillians. Ngeledlule elaboHlanga libike izindaba zokuthi u-Aubaas sekusele kancane avumelane neSundowns. Ubegaqelwe nayi-Orlando Pirates egcine iphelele kuLesedi Kapinga osayine inkontileka yeminyaka

Umthombo welaboHlanga uhabule izindaba zokuthi iSundowns ihlulakane no-R15 million ithenga lo mdlali.

“UTim Sukazi uyihlakaniphelile indaba yabadlali bakhe abanonhlonze. Ngesizini edlule ubagixabeze ngezinkontileka ezinde. U-Aubaas welule inkontileka yakhe ngeminyaka emithathu kuRockets ngesizini edlule. IPirates ibifuna ukumthenga ngo-R8 million kodwa iGalaxy yasichitha isicelo sayo. Ibuye nesesibili naso sachithwa. Ngalowo mzuzu, iSundowns nayo ibingazibekile phansi. Igcine ikhokhe u-R15 million ukuze ihlabane,” kubeka umthombo ozazi zonke ezithinta iGalaxy. U-Aubaas uzakhele ugazi kubalandeli ngesikhathi eshaya into ecokeme iBafana Bafana ibhekene neMorocco emdlalweni wokuhlungela ukuzibekisela indawo ku-Africa Cup of Nations (Afcon).

Lo mdlali odabuka eKuruman, eNorthern Cape  wayekhona iRockets yekhala yemuka nesicoco seNedbank Cup ngo-2019 iguqisa iKaizer Chiefs eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

“ISundowns iyiphuce iqatha emlonyeni iPirates phela kudala icathamela u-Aubaas. Kusosonke lesi sikhathi kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali bekubukeka sengathi uzophelela kuPirates. ISundowns ifike yawona wonke umcimbi weZimnyama ngokubeka itshe lemali elenze uSukazi wajika umqondo,”kuqhuba umthombo. IGalaxy ibomvu yemali kuleli windi lokuhwebelana ngabadlali. Isiyenze imali ebheke ku-R30 million ngokudayisa uGiven Msimango, Bathusi Aubaas, Melusi Buthelezi noTshegofatso Nyama.

UMsimango uthathwe yiKaizer Chiefs kwathi u-Aubaas wasayiniswa yiSundowns njengoba uButhelezi ephelele ku-Orlando Pirates.

See Also

UNyama usengumdlali weCape Town City. Ngempelasonto eyedlule iGalaxy yethule abadlali abasha abangu-11 phambi kwabalandeli bayo KwaNdebele. “U-Aubaas kuvela izindaba zokuthi uyoyikha ngamahalavu kuSundowns. Ulandelwe ukuzovala indawo ka-Andile Jali,” kusho umthombo.

UJali uhlukene neSundowns kulandela ukuphela kwenkontileka yakhe. Kuphele isizini engeseyona ingxenye yeqembu. Kwasabalala amahebezi okuthi wafika egijimini ebudlonyile. U-Aubaas utshele abezokuxhumana kuSundowns ngesizathu esenze waqoka leli qembu.

“Into engihehe kuSundowns yingqondo yeqembu yokuhlale liphokophele ukunqoba. Njengomdlali ayikho into engiyithanda njengokunqoba izicoco. Angizele lapha ukuzokwandisa izibalo. Ngizele ukuzosebenza, ukwenza umehluko nokufunda izinto ezintsha njengomdlali,” kuchaza u-Aubaas.

Scroll To Top