UNtshosho uthathe izintambo uHunt eseyicabile indlela



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ngalezi zikhathi ngokujwayelekile uma isizini ivaliwe izinto okukhulunywa ngazo kakhulu ukugcogcoma kwabadlali besuka emaqenjini abo bejoyina amanye.
Kodwa izinto ezisematheni muva nje zimbili eyokuqala iRoyal AM elokhu itshengisa ukuphikisana nesinqumo seNkantolo esavuna iSekhukhune United ekutheni ibe ngompetha beGladAfrica Championship. Okwesibili ukwenza kahle kweqembu laseNaturena iKaizer Chiefs, esiyodlala umdlalo wamanqamu emqhudelwaneni omkhulu lapha e-Afrika iCaf Champions League.
Inhloso yale ngosi ukuhalalisela iChiefs ekutheni ihambe ize ifike kowamanqamu nalapho kade ingabhekiwe khona ukuthi ingaba kowamanqamu.

Indlela iChiefs eyenze ngayo ngivele ngicabange le nkulumuo ethi “Umuntu akuyena owakho kodwa ungokaNkulunkulu”. Ngokuhumusha le nkulumo isho ukuthi noma umuntu ungamfiselani kodwa uma uNkunkulu ehlele okunye ngaye ngeke wakuvimba.
Ezinyangeni ezimbili ezedlule kuke kwaba nezinkulumo ebezibhekiswe kubalandeli beChiefs ezinye zalezo zinkulumo zicaphuneka kanje: “IChiefs ayivele izidlisele emdlalweni yayo yeCaf Champions League igxile emidlalweni yeligi iDStv Premiership okungenjalo izozithola igawulwa izembe noma idlala imidlalo yokuhlunga. Vele ngeke ize ifike ndawo emdlalweni yayo yeCaf.”
“Ngesizini ezayo iChiefs nakanjani izobe idlala kuGladAfrica Championship. Kuzoba nomdlalo womkhaya iChiefs neBizana Pondo Chiefs.”
Lezi zinkulumo bezilokhu zishiwo abalandeli bakanobhutshuzwayo begcona abalandeli beChiefs eyiqale kambi isizini, kodwa yayisonga kahle. Iqiniso lihle ngingomunye obengaboni iChiefs ifika kulesi sigaba, obekwenza lokho ingoba ibilinyalelwa abadlali bona laba abancane ngokwesibalo enabo kwazise sekuphele amasizini amabili ingavumelekile ukuthi isayinise abadlali.
Ngiyazi omunye uzothi ngiyagagamela ngoba awukapheli lo mqhudelwano. Kodwa ngemuva kwesizi embi kuleli qembu mina ngifuna ukubancoma abadlali indlela abadlale ngayo ngaphansi kwengcindezi abebenayo kusukela bahluleka ukuthatha indebe ye-Absa Premiership ngesizini yangowezi-2019/20.
Baningi akade bethi kuWyad Casablanca kowandulela owamanqamu ngeke idabule nakanjani kodwa yadabula. Angiyena umlandeli omkhulu weVideo Assistant Referee (VAR) kodwa iyadingeka uma kudlalwa le midlalo ngoba buningi ubuqophololo obenzeka kule midlalo. Siyibonile isebenza umsizi kanompempe eseliphikile igoli likaSamir Nurkovic emdlalweni womlenze wokuqala owabe useMorocco.
Njengamanje leli qembu lithwele amathemba ethu siyiNingizimu Afrika futhi kuyabonakala ukuthi bazimisele ngokuyinqoba le nkomishi. Umdlalo wamanqamu uzoba zili-17 kuNtulikazi nonyaka, eMorocco nalapho iChiefs izobhekana khona ne-Al Ahly yase-Egypt eqeqeshwa uPitso “Jingles” Mosimane wakuleli.
Vele kuyimanje seziqalile izinkulumo zokuthi iChiefs ngeke nangengozi ibuye nenkanyezi.
Mina owami umbono wehlukile, iqhinga lokuhlala emuva bese bathembele ukubazuma libasebenzele kakhulu futhi uma udlala le midlalo akubalulekile ukuthi udlala kanjani. Umphumela womdlalo into obalulekile. Umqeqeshi owunqondonqondo wale ndlela yokudlala uStuart Baxter okunguyena umqeqeshi waleli qembu.
Uma iChiefs ingaya eMorocco izitshelile ukuthi ayiyile ukuyodlala ibhola elihle kodwa ilwela ukunqoba nakanjani izobuya nenkanyezi. Okuyinto ejabulisayo ukuthi ukahamba ibanga elide kwaleli qembu kulo mqhudelwano kubuyisa ukuzethemba kubadlali futhi ukhakhayi luyaqina umdlalo nomdlalo.
Yize abaningi sebeqala benza ubuxoki sebencoma u-Arthur “10111” Zwane kukhona konke lokhu, kodwa noGavin Hunt uyadinga ukunconywa ngoba uyena oyidlulise ezindleleni eziningi ngaphambi kokuthi uZwane athathe izintambo.
Ngiyibona izoba yingozi ngesizini ezayo, ikakhulukazi njengoba isigwebo sayo sokusayinisa abadlali sesiphelile. Uma ingathatha lo mqhudelwano iwudlale ngesizini ezayo, ngofisa ukuthi kowamanqamu itholane neMamelodi Sundowns. Sesikhathele umdlalo wamanqamu udlalwa amaqembu aqhamuka e-Egypt noma eMorocco.
Ngiyifisela okuhle kodwa iChiefs emdlalweni wayo wamanqamu, kubuhlungu nje ngoba izodlala nomqeqeshi oyazi kangcono okuyimanje uzama wonke amaqhinga azowasebenzisa kulowa mdlalo.