Now Reading
Umthelela wokunqoba kukaPashinyan ebudlelwaneni ne-Azerbaijan
Dark Light

Umthelela wokunqoba kukaPashinyan ebudlelwaneni ne-Azerbaijan

Izinkulungwane zabantu zihlangane eYerevan’s Republic Square ngoMsombuluko ebusuku zizolalela inkulumo yokunqoba kukaNikol Pashinyan. Lo mholi utshele lesi sixuku ukuthi ukuphinda kwakhe ukhetho kusho ukuthi inkinga manje isiphelile, ebhekise emibhikishweni ebibhekiswe kuye kulandela ukwehlulwa ngonyaka odlule bebhekene ne-Azerbaijan empini yaseNagorno-Karabakh eyadala ukuthi kuvotwe ngeSonto.

Uthe uHulumeni; “angasebenza njengenjwayelo” futhi ukwakha i-Armenia entsha. Ubuye wanxusa ubumbano ngemuva komkhankaso wokhetho owahlukanisa phakathi lapho kwabonwa khona izinsongo nokuthukwa okushiya abanye besaba ukuthi udweshu luzongena emigwaqweni.

Izinyanga eziningi zemibhikisho mayelana nokuphatha kwakhe impi kwaholela enkingeni yezombusazwe yangaphakathi. Kuke kwaba nemibuthano yokulwa nokuphikisana noPashinyan selokhu kwavotwa kepha akukho mibiko yodlame nokuboshwa.

I-Armenia Alliance okuyiqembu eliphume isibili ngamaphesenti angama-21 amavoti futhi eholwa ngowayenguMengameli uRobert Kocharyan isimemezele izinhlelo zayo zokuphonsela inselelo imiphumela yokhetho.

Ngesikhathi esesikhundleni, uKocharyan wasolwa ngokukhwabanisa imiphumela yokhetho okwaholela emibhikishweni ngowezi-2008. Abaqaphi bokhetho nokho abakhombisanga kukhathazeka ngokukhwabanisa kwamavoti.

Lolu khetho lungolwesibili olukhululekile e-Armenia ngemuva kokuketulwa kukaHulumeni kwangowezi-2018 okwaziwa ngeVelvet Revolution. Ochwepheshe bathi lo mphumela ubalulekile ekusaseni lezwe nokuthi indlela umphakathi wase-Armenia ophatha ngayo ukuthuthuka kwezepolitiki kulandela impi kungenzeka kuyakhe okanye kuqede ngenqubo yentando yeningi kuleli lizwe.

Abanye bathe kungasho futhi ukuthamba kobudlelwano nezitha ezinkulu i-Azerbaijan neTurkey. UPashinyan ungene embusweni ngemuva kokuhola iVelvet Revolution ngowezi-2018. Engena wathembisa izinguquko ezifana nomkhankaso wokulwa nenkohlakalo.

NgokukaSossi Tatikyan, ongumxhumanisi wenqubomgomo yezangaphandle nezokuphepha e-Armenia; “Umkhankaso wokhetho ubandakanya ukungaziswa kolwazi, izindaba ezingamanga nokuphathwa ngokwesabiswa kwabantu.

Abantu abaningi bavotele uPashinyan ngoba besaba ukubuya kohulumeni bangaphambilini, abahlangene nenkohlakalo nokuvinjelwa kwamalungelo ezombusazwe nawomphakathi.” Yize ebeka kanje kodwa uTatikyan uphinde akholelwe ukuthi ivoti likhombisa ukuzimisela kwabase-Armenia ukuxazulula izinkinga ngezokuvikela, ezokuphepha kanye nezomnotho ngaphandle kokunikela ngentando yeningi namalungelo abantu. Nakuba lo muzwa ukhona kwabaningi kodwa kukhona abayishaya amakhala eyomphumela walolu khetho. Kube nemibiko yemibhikisho edolobheni iStepanakert, okuyidolobha elikhulu eNagorno-Karabakh, ngoMsombuluko.

Lesi sifunda samukelwa emhlabeni wonke njengendawo yase-Azerbaijani kepha siholwa ngabantu base-Armenia abafuna sibe yingxenye ye-Armenia. Ziningi izimpi eseziliwe phakathi kwalawamazwe kubangwa lendawo. Nyakenye lawamazwe atholane phezulu kubangwa lendawo kwafa abantu abangaphezu kwezi-6000 ukuhlanganisa izinhlangothi zombili.

Ngemuva kokuthi umholi wase-Armenia eNagorno-Karabakh u-Arayk Harutyunyan ehalalisele uPashinyan ngokunqoba kwakhe, ababhikishi kulesisifunda bafuna ukuthi asule esikhundleni. Laba babhikishi basola uPashinyan ngokuba buthaka nokubanikezela ku-Azerbaijan.
Izwe elisolwa kakhulu ngokudunga ubudlelwano phakathi kwe-Armenia ne-Azerbaijan iTurkey. Lelilizwe liseke i-Azerbaijan empini eyathatha amasonto ayisithupha ngonyaka owedlule ngokuhlinzeka ngezikhali zokubhubhisa.

ITurkey ne-Armenia abanabo ubudlelwano obusemthethweni njengoba imingcele yamazwe ephakathi kwalawamazwe selokhu yavalwa ngowe-1993. Nokho ukunqoba kukaPashinyan kungasho ukulungiswa kwalobubudlelwano kanjano nobe-Azerbaijan. Imbangela yalokhu kungase kube ukuthi uPashinyan wayengumholi owasayinda isivumelwano esasiqikelelwe yiRussia sokuqeda udweshu nokubuyiswa komhlaba i-Armenia eyawuhlwitha ku-Azerbaijan.
Ngesikhathi evakashele eBaku, okuyikomkhulu le-Azerbaijan, ngesonto eledlule uMongameli waseTurkey uRecep Tayyip Erdogan wamemezele ukuthi kuzosungulwa inkundla yombimbi ebandakanya amazwe ayisithupha okuyiTurkey, iRussia, i-Iran, i-Azerbaijan, iGeorgia ne-Armenia ukuze kwandiswe ukuhlangana kulawamazwe.

See Also

Eqhubeka wathi; “Sizimisele ngokuzidela zonke izinto ngezinyathelo ezizothathwa mayelana nalokhu, lesi sifunda sizoba yindawo yokuthula. Siyethemba ukuthi i-Armenia izosibamba lesi sandla senziwe ngobumbano futhi ithathe ithuba lokwakha ikusasa elijwayelekile ndawonye.” NgoNhlaba, uPashinyan wathi; “ITurkey iyisitha sethu kodwa lobo buthi kumele bulawulwe”.
Okulindeleke ukuthi kwenzeke manje ukuthi njengoba sekudlule ukhetho kube khona eminye imizamo ebucayi yokubona ukuthi buzokwakhiwa kanjani ubudlelwano obuzogwema impi kanye nemibhikisho esabisa ngokuketula uhulumeni.

Kulindekele uukuthi kube khona izinhlelo zokuvula imingcele phakathi kwalawamazwe angomakhelwane kanye nezindlela zokuxhumana nokuhwebelana. Kukhona ukwesaba ukuthi iRussia ingase ime endleleni yokulungiswa kwalobubudlelwano.

Ngemuva kwempi, i-European Union (EU) yakhomba ukuwadikila lawa mazwe aphula umyalelo ovela kuyo othi awathole isixazululo esingeke siholele empini. Lenhlangano ingaphansi kwengcindezi nokugxekwa njengoba ingafuni ukunikeza ubulungu lawamazwe kanti igxekwa ngokuthi iyawacwasa amazwe akhomba ukusondelana neRussia.

Ngemuva kwempi womabili lawamazwe emuva kokulaxazwa i-EU ancika kakhulu kuRussia okuyiyo namanje enconywa ngokuqinisekisa ukuthula phakathi kwawo.

Akuqondakali ukuthi ukubuyisana phakathi kwalawamazwe kulihlomulisa kanjani lelilizwe kanti njengoba yenza ngeLithuania neLatvia, kusolakala ukuthi lelilizwe lizofuna ukugcina ubudlelwano phakathi balawamazwe bubuthaka ukuze umbutho walo wezempi uzoqhubeka uwaqaphe ngenhloso yokuwagcina esohlangothini lawo njengoba lingahoshelani ne-EU.

Scroll To Top