Umlilo wamaphepha? Olomhlaba selukuvuthondaba
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Ukuvela kwemibiko yokuphawula kwalowo owayenguMengameli we-African National Congress (ANC) uMnu uThabo Mbeki odabeni oluthinta ukuchitshiyelwa koMthethosisekelo wezwe isigaba esiphathelene nokubiyiselwa komhlaba.
Kanjalo nokuvela kwezindaba zokuthi iqembu elibusayo i-ANC banemihlangano nalelo eliphikisayo i-Economic Freedom Fighters (EFF) kuyakhuluma. Ukuphawula kukaMbeki nokuthi wexwayisa ngobudedengu obungafaka izwe obishini odabeni lomhlaba akukusha njengoba ngoMandulo wezi-2018 abeMbeki Foundation benza isethulo esisihloko sithi : What Then About Land Expropriation Without Compensation? – The National Democratic Revolution Must Resolve The Intimately Inter-Connected Land and National Question!
Ukwendlalela isethulo sabo abeMbeki Foundation bavula ngelithi: “Isinqumo esithathwe engqungqutheleni yama-54 kazwelonke ye-ANC ngoZibandlela wezi-2017 odabeni “lokubuyiswa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo” sekulethe izinselelo ezingamaqhingasu ezindabeni eziphathelene nobunjalo be-ANC. Le ncwajanasaziso izama ukubhekana nezinye zalezi zinselelo ezingamaqhingasu asemqoka ngekusasa le-ANC, lenguquko yedemokhrasi kuzwelonke naseNingizimu Afrika enedemokhrasi. Isizathu salokho ukuthi i-ANC yilona qembu elibusayo ezweni futhi lingaqhubeka liphathe esikhathini esilandelayo. Kanjalo imibono yalo kunoma yiluphi udaba kuba wokushisekelwa yizwe lonke.”
Okunye okumqoka okuphawulwa yilesi sethulo wukuthi: lonke uhlelo lobukhephuthali ngaphakathi ezweni nasemhlabeni wonke kuzomelana nanoma yimuphi umzamo wokulawula ukusebenza kwalo ngaphezu kwalokhu izwe lethu elikwenzayo. Iqiniso nokho lithi; akukho nhloso yenhlalomnotho esemqoka efuqwa nguHulumeni wethu engazuzwa ngaphandle kokusebenza futhi ngokubambisana okubonakalayo kwalabo abanamandla abasezimbonini ezizimele.
Ngasohlangothini lokuhlangana kwe-EFF ne-ANC kuletha ukwesaba ikakhulukazi kubelungu nezinhlangano zabo kanjalo nalezo nhlangano ezisephansi ngoba uma kukhona lapho bevumelana khona kungandisa izinombolo ezingabehlula ukufinyelela kuzo uma lolu daba selubekwa ezithebeni ePhalamende. Okusobala wukuthi i-ANC iphansi kwengcindezi. Uma ithe iyavumelana nokuthi umhlaba uthathwe ngaphandle kwesinxephezelo kuyosho ukusolwa ngabantu abafana noMnu uMbeki abanombono wokuthi leso sinqumo siyobe siphambene nenqubomgomo yale nhlangano ikakhulukazi uMqulu Wenkululeko.
Kwabanye abafana neqembu elahlubuka kubo ngonyaka we-1959, iPan Africanist Congress of Azania (PAC) bayoyisola le nhlangano ngokuchitha iminyaka yenqaba inqubomgomo yokubuyiselwa komhlaba kubacindezelwa ngaphandle kwemibandela. Empeleni ukuvuma lokhu kuKhongolose kungahle kubulale ingxenye enkulu yomlando wayo nowayenza yehluka.
Kanti abanye abalinde nje ukuba i-ANC ikhethe uhlangothi ngabe i-EFF nasebezihlele kahle ‘njengabavikeli bomhlaba waboHlanga’ nabathi kawubuye njengoba unjalo ngaphandle kwesinxephezelo. Ngakolunye uhlangothi uma bethi ‘sebeyavuma’ i-EFF kuyoba yiyo eyokuqala ukumemezela ukunqoba kwayo ngokwenza i-ANC ‘igobe uphondo’.
Okubukeka kufaka ingcindezi i-ANC yiqiniso lokuthi inguHulumeni, okwenziwa yiyo kuyanakwa. Lokhu kubonakale ngokuthi ngesikhathi luqala udaba lomhlaba kube sekubonakala namazwe angaphandle nabezindaba bakhona sebengogaxekile inyama yomsipha besho konke ngento engenzeki emazweni abo. Ngisho nabaseNingizimu Afrika esikhundleni sokuyilwa ePhalamende nasezithangamini ezikhona bayilwe ngaphandle kwezwe besho khona ukuthi lo mbono wokuguqula uMthethosisekelo uhlose ukuzogugula ngabathile oningi labo libizwa ngabamhlophe.
UMholi weFreedom Front Plus uDr uGroenwald ephawula ngodaba lomhlaba wakhwela wadilika kwabe-EFF nabasola ngokokhela umlilo oyobhubhisa leli lizwe. Wexwayisa ngokuthi abantu (abacabanga njenge-EFF) kufanele bayeke ukuvukelwa wumoya bathi abanye bantshontsha izwe. Wathi lokhu kuwukuphawula okuyingozi njengoba iNingizimu Afrika iyilizwe ledemokhrasi ngokoMthethosisekelo. Akukho muntu owantshontsha umhlaba.
Abanikazi bomhlaba abasemthethweni bawukhokhela, futhi bawusebenzela.
“Abantu kufanele bakhohlwe insumansumane yokuthi umhlaba uvele ukunothise. Ngisho umuntu enomhlaba, kusafanele asebenze kanzima ukuze anothe, futhi anginasiqiniseko ekutheni wonke umuntu ofuna umhlaba ufuna ukusebenza kanzima kangaka.” kusho uDkt uGroenwald.
Ongoti bayixwayisile i-ANC ngodaba lomhlaba, ukwenza nokungenzi lutho ngalo. Ephawula esifundweni sezepolitiki esabe sihlelwe yi-ANC, ungoti wepolitiki uDkt uSomadoda Fikeni ngowezi-2017 akananazanga ukwexwayisa iqembu elibusayo mayelana nomhlaba. Enkulumeni yakhe uDr uFikeni wexwayisa ngokuthi nxa leli qembu lingasebenzisi inqubomgomo yalo ekhuluma ngokubuyiswa komhlaba, amaqembu aphikisayo azongena ngenxeba aqhamuke nendlela yawo yokulungisa isimo. “Uma isinqumo singaphuthunywa, inqubo izenzakalela, lezi zinto zizokwenzeka; amanye amaqembu ezepolitiki aphikisayo azozandisa yize zingekho kuHulumeni ngendlela yokuthi zithathe umgudu ofanayo ziyilolonge ziyibeke njengodaba olulula, ngendlela embi, ukuze wonke umuntu athi ‘nanku umbiko’,” kusho uFikeni.
Abanye ongoti bavele sebexwayisile ukuthi uma kuke kwathathwa umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo kuyoba nenhlekelele uma kukhulunywa ngezolimo ezweni. Ngokusho kukaMnu uFrans Cronje we-Institute of Race Relations, abalimi abahwebayo abayizi-35 000 abasele besuka kwabayizi-60 000 ngowe-1996 basemqoka ekukhiqizeleni abantu abayizigidi ezingama-54 ukudla okuyisibalo esenyuke sisuka ekukhiqizeleni abayizigidi ezingama-40 ngowe-1995, bakhiqizela ukuba kube nomthelela ongama-3.9% emkhiqizweni wezwe, baqashe abantu bangaphezu kwezi-650 000 iningi labo elingenamakhono futhi abasiza ekukhuliseni izimpahla ezithunyelwa kwamanye amazwe basize ekubambeni inzikamnotho.
Izinhlangano zomhlaba nalezo ezelusa inqubomgomo yomnotho wepolitiki yamazwe sebevele bachemile kulolu daba besho khona ukuthi uma kwenzeka uthathwa ngaphandle kwesinxephezelo kuyophela ukwethenjwa kwezwe. Umbuzo uthi nxa uyiqembu elibusayo ungagembula yini ngomnotho, uthathe isinqumo esinganenga abantu obancenge ukuba bazochitha imali yabo njengabatshalizimali.
Khona ungalokotha yini ujabhise abavoti bakho okungathi uma iningi labo linomuzwa wokuthi uyabathengisa bangabe besakuvotela? Lena yimibuzo ebhekene noKhongolose.

