Now Reading
Ikhulunyaka: Izindawo ezinomlando we-CPC ziheha abavakashi
Dark Light

Ikhulunyaka: Izindawo ezinomlando we-CPC ziheha abavakashi

Iqembu elibusayo eChina libungaza iminyaka eyikhulu lasungulwa kanti likhuthaza ukuvakashelwa kwezindawo ezibalulekile emlandweni walo njengenxenye yemigubho.
UMnyango Wezamasiko Nezokuvakasha eChina wethule izindawo eziyikhulu eziyingxenye yohlelo lwezokuvakasha iRed Tourism ngaphambi komgubho omkhulu wokubungaza iminyaka eyikhulu kwasungulwa iCommunist Party of China lulunye kuNtulikazi.

IRed Tourism sekube uhlelo oselube khona iminyaka eminingi eChina, kodwa kule minyaka yakamumva selugqugquzelwe kakhulu ukukhuthaza ukuzigqaja ngezwe kanye neqembu kubantu.

Umzila weRed Tourism ukhuthaza abavakashi ukuthi bavakashele izindawo eziqukethe umlando womzabalazo waseChina. Umzila uhlanganisa isifundazwe esisempumalanga iJiangxi neYan’an, kanye nesisenyakatho ntshonalanga iShaanxi.

Umbiko iRed Tourism Development Report uthe umzila weRed Tourism usuwenze imali elinganiselwa kusigidintathu owodwa wamaYuan ($154 bn) ekukhuleni komnotho ngowezi-2020, nokuwunyaka oshaywe kakhulu wukhuvethe.

Lo mbiko okhishwe inkampani yezokuvakasha iQunar, uveza ukuthi likhuphukile izinga lokuvakashelwa kwezindawo ezingaphansi kweRed Tourim, nalapho ukudayiswa kwamathikithi okuya kuzo lezi zindawo kukhuphuke ngama-60% ngesikhathi samaholidi.

Isifundazwe iJiangxi nesisempumalanga nezwe siyisizinda somzabalazo waseChina ngesikhathi seHunan, kuyilapho okwadabuka khona umholi wokuqala weqembu elibusayo uMao Zedong.
Lapho kwabe kuyikhaya likasihlalo wokuqala weCommunist Party of China uMao iRuijin eJiangxi, kanye neYanan indawo eseduze nomzila wokugcina weLong March, izindawo eziphakathi kwalezo ezivakashelwayo kuRed Tourism.

Ngamaholidi eMay Day, nadonsa izinsuku ezinhlanu kusuka mhla lulunye enyangeni, izibalo zikhomba ukuthi babe baningi abavakashi abasebenzise leli thuba ukuvakashela izizinda zeRed Tourism.

Ngokusho koMnyango Wezokuvakasha, izindawo zeRed Tourism zivakashelwe izikhathi eziyisigidigidi esiso-1.4 ngonyaka wezi-2019, ngaphambi kokuthi kuqubuke ukhuvethe.
UHulumeni ubambesene nabamabhizinisi, ususungule imizila eyehlukene egqugquzela ukuvakashelwa kwezindawo zomzabalazo owabe uholwa iqembu elibusayo.

Ngokwezibalo zenkampani yezokuvakasha enkulukazi eChina, iCtrip, izizinda zeRed Tourism sezibe nedumeli kubavakashi kulonyaka. Le nkampani nayo yethule eyalo uhlelo lwemizila eyikhulu yeRed Tourism ngasekuqaleni kwalonyaka, kanti ilindele ukubona abantu abazigidi ezili-150 bevakashela lezi zindawo.

Le nkampani ithe isibalo samathikithi aya kulezi zindawo asethengiwe sikhuphuke ngama-375% uma uqhathanisa nonyaka wezi-2019. Ukuqubuka kokhuvethe kuphoqe abantu abaningi ukuthi bahlale emakhaya, nokuyinto ebonakala isize kakhulu ezokuvakasha ngaphakathi eChina, ngisho nokuvakashelwa kwezizinda zeRed Tourism.

See Also

Okhulumela uMnyango Wezangaphandle uWang Wenbin uthe umbala obomvu ubalulekile kuCPC kanye nasezweni. “Ukuvakashela izizinda zomzabalazo kusenza siqonde kahle ukuthi iCPC ikhule kanjani isuka ekubeni iqembu elincane, ukuze singaphinde sikhohlwe ukuthi sivela kuphi, siphinde futhi sikwazi ukuthola ubuhlakani kanye namandla kuwo umlando ukuze sikwazi ukuqhubekela phambili,” kusho uWang.

Uqhube wathi iRed Tourism iyindlela ephathekayo neyimpumelelo iCPC ehola ngayo abantu baseChina bebheke empilweni entsha. “IRed Tourism iyingxenye yezinhlelo zikaHulumeni zokuletha intuthuko, ukulwisana nobubha, nokuvuselela izindawo zasemakhaya.”

UWang uthe izinhlelo zeRed Tourism sezisize kakhulu ukuvuselela izizinda zomzabalazo weCommunist Party kanye nokulwisana nobubha kulezo zindawo ezihlwempu. Ngowezi-2019, izindawo zeRed Tourism zivakashelwe izikhathi ezilinganiselwa esigidigidini esiso-1.4, zaphinde zenza imali elinganiselwa ezigidigidini ezingama-400, kusho uWang.

Uthe izizinda ze-red tourism ngonyaka odlule zilekelele kakhulu ekuvuseleleni umkhakha wezokuvakasha eChina, emveni kokhuvethe. “Konke lokhu kukhombisa ukuthi impumelelo yokuthuthukiswa kweRed Tourism eChina kungenxa yokuthi abantu bazikhethela ngokwabo ukuvakashela izindawo ezingcwele zomzabalazo, nokukhombisa ukuthi abantu bayayeseka iCPC kanye nokuthi bayaziqhenya ngentuthuko yeChina,” kuchaza uWang.

Uqhube wathi izindawo zeRed Tourism ziphinde zinike ithuba abantu bangaphandle lokuthi bafunde kabanzi nge-China kanye neqembu elibusayo.

Scroll To Top