Sebenzisa okuningi ngakini ukuze uzuze ngokomnotho


Izibalo zakamuva eziveza isibalo sabantu abantula imisebenzi ezweni lethu ziyashaqisa. Amashumi amathathu nantathu ekhulwini alingana nezigidi ezingaphezu kwesikhombisa. Wulwandle lolu, futhi lugubha amagagasi. Yimpi lena nina boHlanga eqonde ngqo kithi. Uma singavuki kulobu buthongo esibulele siyovuswa umlilo sekusha izwe. Pho singaphuma kanjani kulolu taku? Isinyathelo sokuqala ukuxukuza ugebhezi kakhudlwana.
Asike siyiqale ngokuthi sizembule izinqe thina bendlu kaPhunga noMageba. Ake ungene kunoma isiphi isitolo osicabangayo, ufike uthathe noma imuphi umkhiqizo owubonayo, bese ubuka ukuthi ukhiqizwa ubani. Bangaki aboHlanga abanemikhiqizo ethengwa ezitolo? Siphinde sibuze umbuzo othi, bangaki aboHlanga abathenga le mikhiqizo? Uzothola ukuthi lezi zinto zenziwe ezinye izinhlanga zizenzela thina bantu. Thina siyinyama kulaba bantu ngoba sithenga imikhiqizo yabo, siyithenga ngobuningi bethu usuku nosuku. Bayayikhiqiza, bayimboze,bayithuthe bayilethe kithi. Uma isifike kithi isifike kwamkhumula jezi, ayisobe yandlulela phambili.
Siphuma kanjani pho kulo noxhaka? Ake uwavule kakhudlwana amehlo akho lapho uhlezi khona, ekhaya kini, esigodini sangakini. Ake ubuke ukuthi yini lena ecoshwa phansi, kodwa futhi ebukelwa phansi. Ake uyithathe le nto uyisondeze eduze uyiguquguqule, ucinge ukukhanya kwayo. Kungaba isihlahla esithize esimile saba yinsada ngakini, kungaba utshani, izimbali, iziphethu, inhlabathi, amatshe, njalonjalo. Uma usuyitholile le nto, cwaninga ngayo. Ngenhlanhla sesiphila esikhathini lapho ulwazi oluningi lutholakala ngokucofoza ifoni yakho. Ake ubheke ukuthi yini ongayenza ngalokho okutholile.
Akunandaba uma ungakaze uyibone leyo nto, ngoba kungenzeka ukuthi awuyazi, kepha kwesinye isigodi, noma isizwe, iyinyama leyo nto. Bheka izinto ezilahlwayo, imfucuza. Yini ongakwenza ngayo okungaxosha ikati eziko. Inqabakutholwa ayidingi nokuphehlwa ukuze idayise. Iyadayiswa nje injalo, idayiselwe abazoyicwecwa, bayipheke qede bayiphakele izizwe.
Ngiyaye ngibone lapha koFacebook, izinkumbi zabantu bakithi bekhangisa ukuthi badayisa izinkukhu. Futhi angingabazi ukuthi ziyathengwa ezindaweni zangakubo, nakwezinye izindawo, kepha uma ubuka emafrijini asezitolo ezinkulu nezincane ingabe uyazithola yini lezo zinkukhu na? Ingabe umnotho wenkukhu uphela ngokuthi inkukhu ingene ebhodweni, maqede iye eziswini? Baphi abantu bakithi abathi bona bafuna ukuthenga lezi zinkukhu benze opholoni, amasoseji, njalonjalo? Lilapho-ke inxeba.
Uma wena ukhulisa izinkukhu uzidayise, akulula ukwenza inzuzo ngoba senibaningi. Uma bonke abantu bethi badayisa isipinashi, inzuzo izozaca. Baphi abathi bona bazokwenza isiphuzo sesipinashi? Uma unesihlahla samawolintshi, baphi abathi bona bengasikhama benze amakha?
Thina boHlanga sibusiswe ngezwe elihle, sinemifula, nezintaba odukathole bamahlathi. Izindimbane zabantu bakithi othi mawubabuka kube mnyama amehlo, balambile, kepha bahlezi phezu komnotho. Okuhle ukuthi into oyithola kalula noma eduze ayinazindleko ezinkulu. Masiyisebenzise imihlaba yethu sikhiqize lokhu okudingwa umhlaba.
Akungabi nezindawo eziyiziganga uma kungamila utho kuzo. Uma kunegumbi elingahlali muntu ekhaya, ake ucabange ukuthi akukho yini ongakugaya kulo kungene inkece ekhaya. Akukho yini ongakupheka noma ukushise. Awu impela uma nje singake siluxukuze kakhudlwana ugebhezi, sibuke eduze, inkengane ingabaleka okwamazolo ebona ilanga.