Now Reading
Odokotela bathi sekungabe ukuchitha isikhathi ukuqinisa imigomo
Dark Light

Odokotela bathi sekungabe ukuchitha isikhathi ukuqinisa imigomo

Ziyakhula izibalo zabantu abasuleleka ngokhuvethe kuleli gagasi lesi-3. ISouth African Medical Association ithi ifuna kuqiniswe imigomo yokuvalwa kwezwe njengenxenye yemizamo yokunciphisa inani labantu abasuleleka ngokhuvethe.

INingizimu Afrika ibhekene negagasi lesi-3 laleligciwane njengoba ngoLwesithathu bebebalelwa ezi-119 030 abantu abanaleligciwane kuleli. Abangama-60% walezi zibalo basesifundazweni iGauteng, kanti isibalo sabantu abalulamayo siyehla njengoba bengama-90.3%.

Iphini likaSihlalo weSouth African Medical Association uDkt uMvuyisi Mzukwa uthi uma bexoxisana nezisebenzi zezempilo esifundazweni iGauteng bathi isimo ababhekene naso simbi, sibuhlungu futhi isimo esiphuthumayo. “Izisebenzi zibhekene nengwadla yokuthi abantu bafika bebaningi abagulayo futhi abagula kanzima bangabi nayo imbhede yokubalalisa ikakhulukazi labo abanezimo eziphuthumayo. Okuphinda kutholakale ukuthi nezisebenzi zezempilo azanele ukuthi babhekane nenani eliphezulu labantu abagulayo,” usho kanje.

Echaza ukuthi bafisa imigomo iqine ndlelani futhi imiphi imithetho abafisa iqine uthe: “Le nto besiyikhuluma kudala ayi manje, emasontweni ama-3 kuya kwa-4 adlule beseluleka uHulumeni ukuthi akaqinise imigomo. Manje noma ungaqinisa ayisekho into ongayiqinisa ngoba igciwane selise mphakathini. Noma ungavala ayisekho into ongayenza. Kwakumele basilalele ngesikhathi sikhuluma ngesikhathi esedlule. Njengamanje ngabe uchitha isikhathi uma ungathi uqinisa imigomo.”

See Also

Njengoba kuyimanxa beqala behlawulisa abantu abangalandeli imigomo, beya nasematekisini ukuthi abantu abaqaphele into ekufanele engabe bayenza kudala, kepha bebehleli emahhovisi bephuza utshwala,” usho kanje.

Scroll To Top