IChina isibeke umthetho ozolwa nonswinyo lwamazwe aseNtshonalanga ezinkampanini
UZanele yintatheli esimkatshubovu nezinze eChina.
Umthetho olwa nonswinyo uphasiswe iSishayamthetho sezwe iNational People’s Congress kuleli sonto, kanti kulindeleke ukuthi uvikele uphinde usekele ngokusemthethweni izinyathelo zikaHulumeni zokuziphindiselela kulabo abafaka iChina, izinkampani kanye nezikhulu unswinyo.
Lesi sinyathelo sabashayimthetho bezwe silandela ingcindezi esifakwe i-USA kanye namanye amazwe esondelene nawo odabeni oluthinta iHong Kong kanye nesifunda iXinjiang.
Imemezela lo mthetho, inhlangano yezindaba ephansi kombuso ithe sekuphele isikhathi eside amazwe aseNtshonalanga esebenzisa udaba lwalezi zifunda ukusabalalisa amanga aphinde acindezele iChina ngenxa yokucwasa kwayo, nokuyinto engahambisani nomthetho ongamele amazwe omhlaba.
“Bafake izikhulu zaseChina lokhu abakubiza ngonswinyo besebenzisa imithetho yabo, begxambukela udede ezindabeni zangaphakathi eChina,” kusho ihhovisi lekhomishini lezindaba zokushaywa komthetho.
Leli hhovisi lithe iChina ayihambisani nokuthi amazwe athathe izinyathelo eziphoqa amandla awo phezu kwamanye amazwe.
“Ukuze kuvikeleke ngendlela eqinile ukuzimela kwezwe, isithunzi kanye nalokho ekumele ngokunjalo kuphinde kuphikiswane namazwe aseNtshonalanga asebenzisa amandla ezepolitiki, uHulumeni waseChina usuthule izinhlelo ezehlukene zokubhekana nezinkampani kanye nabantu bakumazwe athintekayo kusukela ekuqaleni kuka-2021,” kusho ihhovisi.
ISishayamthetho saseChina siphinde sazwakalisa ukuphikisana nomthetho i-USA ehlose ngawo ukunqinda amandla alesi sikhondlakhonda sase-Asia.
NgoLwesibili, abashayimthetho base-USA baphasise lo mthetho obeka izinhlelo zokukhuthaza izindlela zokuthi lelizwe likwazi ukuqophisana neChina.
Ekhuluma ngoLwesibili, umholi weDemocratic Party uChuch Schumer uthe; “Uma singenzi lutho sizobona ukuthi isikhathi sethu sokuba isikhondlakhondla emhlabeni siphela.”
Umthetho uphinde uvumele ukuthi kuqanjwe izihlelo ezintsha ezizovumela unswinyo olusha olubhekiswe eChina.
“Lo mthetho ukhombisa ingqondo yeCold War, wokungcolisa imigomo yezwe laseChina yangaphakathi kanye neyangaphandle, ngokugxambukela ezindabeni zangaphakathi kulelizwe,” kusho isitatimende sesishayamthetho sase-China.
Ngesonto eledlule, uHulumeni wase-USA oholwa uMengameli uJoe Biden unwebe unswinyo olufakwe amabhizinisi aseChina ahweba e-USA lwangesikhathi saloyo obengumongameli uDonald Trump.
I-USA ifake unswinyo izinkampani ze-technology zaseChina nezisola ngokuthi zisetshenziselwa ukwenza imisebenzi yezobunhloli emazweni ehlukene.
Isikhondlakhondla sase-China kwezokuxhumana iHuawei kanye neZTE sekube izinkampani eziphakathi kwalezo esezishaywe kakhulu ilolu nswinyo.
UBiden ubonakala eqhubeka nezinhlelo eziningi ezinama smartphone, kanti futhi zingama-59 izinkampani ezizoshayeka okubalwa nayo iHuawei kusukela mhla zimbili kuNcwaba.
Lolu hla lukhuphula lolo lwangaphambilini lwezinkampani ezingama-31 uHulumeni wase-USA ozisola ngokuba ngaphansi kombutho wezokuvikela waseChina.
Ngaphansi komyalelo kaBiden, abatshalizimali base-USA abavumelekile ukuthi basebenzisane nezinkampani zaseChina okubalwa kuzo iChina General Power Corporation kanye neChina Mobile.
Inkampani yaseChina iHuawei isibhekane nezinselelo eziningi ikakhulukazi ohlelweni lwayo lokwakha i-5G Network emazweni ehlukene kanye nasophikweni lwayo lwamasmartphone kusukela kuqale unswinyo ngowezi-2019. UHulumeni waseChina wethembise ngokuthi uzoziphindiseleka kulesi sinyathelo se-USA ukuze uvikele ukuzimela kwayo uphinde weseke ngokungangabazi izinkampani zakuleli lizwe.
UHulumeni kaBiden nokho uzimisele nokuqhubeka nokufaka iChina unswinyo kwezohwebo, yize iBeijing igqugquzela ukuthi lezi zinhlangothi zombili zithathe izinyathelo zokwenza ngcono ubudlelwano obonakale ngesikhathi sika-Trump.
UBiden uphinde wabhalela iphephandaba iWashington Post lapho ezwakalise khona ukuthi iChina akumele ibe ingxenye yezinhlelo zokudwetshwa kwemithetho ephathelene nohwebo kanye nobuchwepheshe.
Ephawula ngokushiwo uBiden, loyo okhulumela uMnyango Wezangaphandle eChina uWang Wenbin uthe izindaba zomhlaba kumele ziphathwe ngokubambisana phakathi kwamazwe, hhayi ukuthi kube nengcosana yamazwe ekhipha imiyalelo.
“Siyethemba i-USA izokwazi ukubheka iChina ngeso elingenakuchema kanye nangendlela onomqondo