Izinkani zababili: IZitoyitoyi zicijisa imikhonto zibhekise kumfo kaSamuel
Bambalwa abangachitha umbono othi ukufika kweqembu eliphikisayo i-Economic Freedom Fighters (EFF) akuzanga nazinguquko esimisweni sepolitiki yakuleli. Empeleni leli qembu elakhiwa ingxenye enkulu ngubuholi namalungu entsha kaKhongolose aqoma ukukhetha ukuphuma inxiwa kulandela ukuqondiswa ubugwegwe komholi wentsha ngaleso sikhathi uMnu uJulius Sello Malema. Ngaleso sikhathi imilomo yabe ivunana ekutheni leli qembu njengamanye aphuma kuKhongolose lizoshabalala njengamazolo. Sekungumlando nokho ukuthi selokhu lasungulwa selenze ‘umonakalo’ omkhulu hhayi kuphela eqenjini elibusayo kepha nakwamanye aphikisayo.
Ukwenza kwalo uma kuhleli iPhalamende kuguqule isimiso seNdlu kusuka endleleni okugqokwa ngayo nangendlela amalungu aphakamisa ngayo imibono yawo uma kunezinkulumompikiswano. Okunye elikwenzile wukwandisa isibalo sabantu abasha ezindlini zeZishayamthetho kuleli.
Akulula ukuqaphela ukuthi kungani iziphrofetho zokuthi lizoguqa liqala nje zingabanga yiqiniso. Ubuholi baleli qembu kuqome ukubheka into eyodwa ngesikhathi bese liyenzisise. Laqombola intaba enkulu mhla lenza okwase kwehlule amaqembu ayekhona ngaleso sikhathi ngisho nobuholi namalungu kaKhongolose imbala mhla liphenduka iva kuloyo owayenguMengameli wezwe noweqembu elibusayo uMnu uZuma.
IZitoyitoyi (igama ezethiwa yiSILO esidala mhla bezozethula kwaLinduzulu) zabe zazi ukuthi izwe kanjalo noKhongolose bahlukene phakathi odabeni lukaMengameli wezwe noweqembu uZuma zabe sezihlala kulokho nokwahlukanisa phakathi uKhongolose kuze kube yimanje. Umkhakaso wokuphoqa uZuma ukuba akakhokhe izindleko zokwakhiwa kabusha kwaDakw’udunuse wachuma waze wamukelwa njengesiqubulo sabo bonke abaphikisana noZuma. Iqhingasu lapha kwabe kuwukwehlukanisa uKhongolose nezwe phakathi ngodaba lukaZuma nokuyinto eyalizuzisa kakhulu njengoba uphawu lwabo lwabe seluba ngolwenhlangano engesabi muntu ngoba nakhu iginge intaba enkulu uZuma. Emuva kweminyaka engaphansi kwemihlanu uZuma esechithwe ngabakwabo iZitoyitoyi zibukeka sezivuselela intelezi yazo yempi umahluko manje ukuthi impi ibhekiswe komunye uMengameli wezwe noweqembu – uMnu uRamaphosa, umfo kaSamuel.
Imbiza ekade ibila
Kulaba abalandela ipolitiki yakuleli bazoqaphela ukuthi lesi sikhathi esikuso nayilapho abe-EFF beqoke ngaso ukucijisa imikhonto simqoka kubantu baseNingizimu Afrika nakulo iqembu elibusayo.
Mhla ebekwa uRamaphosa njengoMengameli wezwe abe-EFF baqaphela ukuthi usenogazi ngakho ukubhudubeza kungahle kubenze babe lula. Ukuze bahlele ngenhlonipho ngomlilo womholi weqembu uMalema, iZitoyitoyi zathi ‘zizomnika ithuba’ lokwenza ngcono umfo kaSamuel besho khona ukuthi lala lulaza sizokwengula.
KuZuma udaba olwabe luyinoni futhi lunenga abantu yinkohlakalo eyabe ikhonjwa kuZuma qobo, kumalungu kaKhongolose kanye nasezinhlakeni zombuso. Lokhu kwase kuwumi emphinjeni umphakathi. Zangena lapho-ke iZitoyitoyi ngobuthamelangozi. Nakumfo kaSamuel sebelibonile inxeba.
Zibukeka zintathu izinto abazozisebenzisa kulokhu; eyokuqala wudaba lokhuvethe osekusobala ukuthi luyaphunyuka kuHulumeni. Lolu daba lwake lwaweza uRamaphosa nowathatha mhla umkhuhlane uqala njengoMengameli oyaziyo into ayenzayo. Kulokhu izibalo ziyakhula njengoba kuleli sonto uMengameli ebuyisele izwe esigabeni sesi-3. Lapha iZitoyitoyi zithi ncinci kamdoyi. Lezi zindaba zifike ngesikhathi iqembu selivele likhomba amabatha ebuholini bukaRamaphosa.
Ngonyaka owedlule ngoNtulikazi uma kuvela izindaba zomsanka emalini ehlose ukulwa nokhuvethe uMalema wakhwela phezu kukaRamaphosa emsola: “Ububha ebuholini eNingizimu Afrika sebuveziwe. Siyabona ukuthi sesisele noquqaba lwezigebengu ezicabanga umbhedukazwe ogubezele umhlaba yithuba lokudla. Inkohlakalo ngaphansi kovivi lokusa olusha lukaRamaphosa selulubi kakhulu,” kusho uMalema. Lokhu kukhuluma njengoba kwabe kuntinyela kuZuma bazi kahle ukuthi nakuRamaphosa kuzokwenza okufanayo. Futhi sengathi nelakwabo libe selibagidela njengoba kusuka ngonyaka owedlule kuvela amachilo enziwa ngabaholi benhlangano kaRamaphosa kanye nezinkampani ezixhumene nabo.
Ephawula ngemibiko yokuswelakala kwemibhede ezibhedlela uMalema wathi: “Le nsambatheka yokuswelakala kwemibhede nokuswelakala kwezibhedlela akwenziwanga abahlengikazi nodokotela kwenziwa uCyril Ramaphosa noHulumeni we-ANC.” Ekhuluma emcimbini wesikhumbuzo somuga waseSoweto nayilapho kwalala khona intsha ngesandla sabafo, uMalema uthe: “Uma sesinqoba lolu khuvethe bonke abafa kufanele ngaphandle kokunanaza babekwe ezandleni zikaRamaphosa. Kufanele aziwe njengoMengameli owayethanda imali ngaphezu kwempilo yabantu bethu.”
Uqhube wathi: “Kusukela namhlanje asimlaleli uRamaphosa ngakushoyo ngokhuvethe, asihambisani nembudane ayishoyo ngokhuvethe kuze kuba usinikeza imigomo futhi agome abantu ngoba akazimisele ukugoma abantu bethu. Uma lokhu kusho ukufa, akube kanjalo, uma kusho ukuboshwa sizogqoka izevatho ngokuziqhenya ngoba ukuboshelwa izinguquko kuligqabho,” kusho uMalema.
Kule nkulumo lo mholi ukhulume namalungu e-ANC angamuzwa uRamaphosa khona lapho wamlolela imikhonto yezakhamuzi ezinemndeni eyafayo ngenxa yokhuvethe. Kulokhu wenze ncamashi akwenza kuMsholozi ukumqhatha nezixuku.
Ukhetho loHulumeni Bendawo
Lokhu ukwenza ngesikhathi lusondela ukhetho loHulumeni Bendawo nayilapho efuna ukuqinisekisa ukuthi abantu inkulumo yakhe bayisheba nosizi ababhekene nalo komasipala nafisa ngalokho bajezise iqembu elibusayo. Kungani enza lokhu uMalema nezakhe? IZitoyitoyi zazi kahle kamhlophe ukuthi ukhetho lokugcina lohulumeni bendawo lwahlaza uZuma ngesikhathi okokuqala ngqa emlandweni uKhongolose walahlekelwa yimikhandlu emikhulu kubalwa ngisho naloyo oqanjwe ngeqhawe lawo, iNelson Mandela Bay. URamaphosa ubheke ukuthi alungise lelo hlazo okungathi uma engenza njalo awugqibe umlando kaZuma omubi ngokhetho loHulumeni bendawo.
IZitoyitoyi zazi kamhlophe ukuthi uma ngase uKhongolose wenze kahle okhethweni kuyobe zisenjeni nokuthi uRamaphosa uyobuyelwa ngamandla. Yikho-ke nje zimphakamisela izihlangu manje.
Khona lapho iZitoyitoyi zazi kahle kamhlophe ukuthi ezinyangeni ezingengaki uRamaphosa uyobe eyofuna ihlandla lesibili emalungwini kaKhongolose ngakho ukumninda njengoMengameli wezwe kuzoba nomthelelela nakuye njengoMengameli weqembu.
Ekumnindeni usenze lokhu akwenza kuZuma kokuthi ungumkhapheyane wabanye abanemali. KuZuma kwakhonjwa abakwaGupta kanti lapha kuRamaphosa kukhonjwa izinjinga zabelungu. Ekhuluma kuthangi uMalema uthe uRamaphosa usemoshe wazininda, uthe: “Asingamvikeli uRamaphosa, ubhubhisa umnotho wethu, ubhubhisa intsha yethu, ubhubhisa leli lizwe futhi alidayisele okhokhakakhulu.”
Umkhankaso we-EFF wokunyundela uRamaphosa ubukeka unemilenze emibili owokuqala ugadla ehlandleni lakhe lokuqala ukuza bamkhedamise. Kanti umlenze wesibili ulinde uma kwenzeka ethola ihlandla lesibili nayilapho njengokwejwayelekile eyobe engasanawo amandla atheni njengoba ezobe esezophuma. Konke lokhu kubukeka kuhlelwe ngesinwe futhi kunenhloso esobala nokumele iphumelelise izinhlelo zeZitoyitoyi ukuguqula futhi isimiso sepolitiki yakuleli nekaKhongolose. Kusasekuseni ukubona ukuthi ngabe zizophumelele yini emizamweni yazo iZitoyitoyi.