I-COSATU isola abakwaJeena ngodlame
Yinkombankombane ngomsuka wodlame oluqhubekayo phakathi kwabakuleli kanye nabaqhamuka kwamanye amazwe ase-Afrika.
Udlame olwaqala eMlazi lwenabela nakwezinye izindawo kuthiwa ludalwe yisenzo sabanikazi besitolo saka-Jeena. IBAYEDE ikhulume nabanye abathintekayo. Isikhondlakhondla somfelandawonye wezinyunyana esifundazweni saKwaZulu-Natal, i-Congress of South African Trade Unions (COSATU) sesikhwele sadilika kubanikazi besitolokazi sokudla sakwa-Jeena Warehouse cc eSiphingo ngokuthi yibo abayisisusa sodlame oluphakathi kwabokufika nabakuleli oselubhebhetheke iTheku lonke.
Lokhu kulandela ukuqubuka kodlame oselwedlule nenqwaba yemiphefumulo kwaphinde kwacekelwa phansi impahla ngomlilo okubalwa nezitolo phakathi kwabokufika base-Afrika kanye nabakuleli. Lolu dlame olubhebhethekisa okomlilo wequbula luqale kwa-Jeena lwenabela eMlazi njengoba manje selunabele nakwezinye izindawo okubalwa iSiphingo, KwaMashu, iNanda, iNtuzuma, e-Clermont, KwaMakhutha nakwaNdengezi.
Ziningi izitolo ezinkulu nezincane eziphethwe ngabokufika okubalwa kubo abase-Congo DRC, Somali, Kenya, Ethiopia, Pakistan, Malawi, Nigeria, Mozambique neZimbabwe ezicekelwe phansi ngomlilo, ikakhulukazi emalokishini. Umphakathi wakuleli uphinde wazitapela nasempahleni yabokufika.
Amaphoyisa abonakale ehluleka ukulawula ingasaphathwa eyokuluqeda lolu dlame njengoba selwenabele ezindaweni eziningi. Kumanje umkhuzi wamaphoyisa kulesi sifundazwe uJenene Mammonnye Ngobeni useze wacela usizo lokwengeza ngamaphoyisa aliqhamukisa e-Gauteng ukuzolekelela awakulesi sifundazwe ukuze kubhulwe lo mlilo.
UNobhala we-COSATU KwaZulu-Natal, uMnu Edwin Mkhize ubikele iBAYEDE ukuthi abantu okufanele basolwe ngalolu dlame oselubhebhethekisa okomlilo wequbula eThekwini namaphethelo ngabanikazi besitolokazi sakwa-Jeena Warehouse cc.
Kuzokhumbuleka ukuthi abasebenzi bakulesi sitolo, nokuyindawo ebuye yaziwe ngokuthi kusezimbuzini phakathi koMlazi neSiphingo bebengenele isiteleka samaholo aphilisayo kanye nezimo zokusebenza ezamukelekile kodwa umnikazi wesitolo wavele wabaxosha, esikhundleni sabo waqasha abokufika. Okudabukisayo wukuthi iningi labasebenza ukubika izindaba kalikuvezi lokhu okwenziwe ngumnikazi wesitolo nokuyikhona okube yimbangela yodlame. Esikhundleni sokwenza lokho bakhomba iSILO njengembangela yoluhlaselwa kwabokufika.
Empeleni iSILO siziqhelanise kaningi nalokhu kukhuluma. ONgangezwe Lakhe uthe akakaze athi akuhlaselwe abokufika kodwa wathi uhulumeni akabuyisele emazweni abo bonke abokufika abangene kuleli ngokungemthetho ngoba yibo abaqhuba izenzo zobugebengu okubalwa nezidakamizwa ezibhuqabhuqa intsha emnyama emiphakathini yethu. “Isenzo salo mqashi sokuxosha abasebenzi bese eqasha abokufika ezikhundleni zabo yiso-ke esiqhathe abokufika nabakuleli. Akukwazi ukuthi abantu besesitelekeni sokufuna amaholo aphilisayo umqashi avele abaxoshe esikhundleni sabo aqashe abantu bokufika esingathi ngolwimi olwejayelekile ngama“gundane”. Uqhatha abasebenzi ngokwenze njalo,’’ kusho uMnu Mkhize.
UMnu Mkhize uthe, yize laba basebenzi bengekho ngaphansi kwe-COSATU kodwa njengomfelandawonye wezinyunyana bazongenelela ukuzobhekana ngqo nalo mqashi oxhaphaza abasebenzi. “Vele kade sezwa ngokuxhashazwa kwabasebenzi kulesi sitolo,’’ kusaqhuba yena.
Abasebenzi besitolo sakwa-Jeena bangaphansi kwenyunyana ebizwa nge-Black Allied Workers Union (Bawu). “Asikwazi ukuhlala sigoqe izandla kube kudlalwa futhi kuxhashazwa abasebenzi abamnyama. Nathi siyalungenelela lolu daba sifuna kwenziwe uphenyo ngeqhaza lalo mnikazi walesi sitolokazi ekubhebhezeleni udlame. Sifuna abhekane nengalo yomthetho uma kutholakala ukuthi nguyena ngempela obe yimbangela yalokhu kubulalana kwabamnyama. Phela lokhu akwenzile akuhlukene nalolu dlame lomuntu omnyama nomnyama lwangama-80s olwaluphehlwa ngabelungu,’’ kusaqhuba yena.
Ngakolunye uhlangothi Umholi wenhlangano, i-Mazibuye African Forum (MAF), uMnu Zwe Sangweni ubikele iBAYEDE, ukuthi abantu abaqhatha abakuleli nabokufika yizikhondlakhondla zosomabhizinisi bamaSulumane abahlangene nabamaNdiya nokuyibo abangabanikazi balama-tuckshop agcwele emalokishini. “Kade sasho ukuthi inhloso yawo ukuzowisa osomabhizinisi abamnyama,’’ kusho uMnuz Sangweni.
Uqhuba uthi empeleni iningi labokufika abavule ama-tuckshop emalokishini basebenzela labo somabhizinisi bamaSulumane namaNdiya akwa-Tradeport.
“Iqiniso lalokhu njengoba abokufika bexoshwa emalokishini libonakala ngamaloli nezimoto zakwa-Tradeport zibaqoqa nezimpahla zabo beyogcinwa ngaphakathi emagcekeni akwa-Tradeport Warehouse e-Phoenix. Lokhu kuqinisekisa ukuthi ngempela yibo abanikazi balezi zimpahla ezidayiswa ngamanani aphansi ezindaweni zethu,’’ kuqhuba uMnuz Sangweni.
UMnuz Sangweni uphinde wagxeka abaholi abamnyama ngokuvikela lo mndeni wakwa-Akoonjeee oxhaphaza abasebenzi abamnyama ewusola ngokubagwazela ngegilosa egcwele iloli umuntu ngamunye njalo ngenyanga.
Omunye wabasebenzi ongumshayeli wamaloli akwa Tradeport, kodwa ongathandanga kudalulwe igama lakhe ukuqinisekisile ukuthi ngempela abokufika abanezitodlwana ezindaweni zabantu abamnyama baqashwe yinkampani i-Tradeport. “Yibona abokufika abazicelela ukusebenzela u-Tradeport ngoba bethi bangakwazi ukuhweba kalula ezindaweni zabantu abamnyama ngoba nabo bangabebala elimnyama. Ngikhuluma nje kwaMashu ehostela abaphathi bami bese bevule namabhusha njengoba bebezifikela mathupha ukuzolayisha inyama,’’ kusho lo mthombo.
Umthombo uqhuba uthi kumanje sebesebenza ubusuku nemini beqoqa abokufika nezimpahla zabo abaxoshwa ezindaweni zabantu abamnyama. “Iningi labo basagcinwe ngaphakathi emagcekeni akwa-Tradeport kodwa abanye inkampani isibatholele enye indawo lapho begcinwe khona,’’ kuphetha umthombo.
Abakwa Jeena bayaziphendulela ngezinsolo
UMnu Arron Mansoor oyi-Regional Manager uzichithe njengamampunge izinsolo zokuthi yibo abayimbangela yodlame oluqubuke phakathi kwabokufika nabakuleli abamnyama ngoba beqashe abokufika ezikhundleni zabasenzi abasesitelekeni.
“Amanga aluhlaza lawo. Akekho umuntu wokufika esimqashile futhi asikho ezinhlelweni zokubaqasha. Empeleni asiqali ukuzwa ngalezi zinsolo zokuthi yithi esiyimbangela yodlame njengoba,uMphathiswa wezokuphepha KwaZulu-Natal, uMhlonishwa u-Willies Mchunu, iMeya yeThuku uMnuz James Nxumalo ebebephelezelwa ngabanye ozakwabo kuMasipala weTheku bafikile lapha ngomhlaka 2 kuMbasa bezosibuza ngazo. Nabo bafike bazitholela ukuthi ngamanga lawa ashiwoyo,’’ kusho uMnuz Mansoor.
UMnu Mansoor uqhube wathi umhlangano phakathi kwabo uphele kahle ngoba abahlonishwa bahambe benelisekile. “Ngamanga futhi ukuthi kukhona abasebenzi esibaxoshile kodwa kukhona esibaqashile ukuqhubeka nomsebenzi ngoba laba basesitelekeni esisemthethweni esiqale ngoZibandlela. Asazi ukuthi bafunani ngoba sibaholela imali enkulu ukwedlula ezinye izindawo futhi siyayigcina nemithetho yezabasebenzi,’’ kusaqhuba yena.
Okhulumela inyunyana yabasebenzi, i-Professional Transport and Allied Workers Union (PTAWU), uMnu Mxolisi Jawuza ukuqinisekisile ukuthi udlame luqale ngemuva kokuba umqashi eqashe abokufika ezikhundleni zabasebenzi abatelekile. Kuzokhumbuleka ukuthi abasebenzi batelekele amaholo aphilisayo nezimo ezamukelekile zokusebenza. “Abasebenzi bafuna ukuqashwa ngokugcwele njengoba iningi labo sekuphele iminyaka engama-25 bengamatoho,’’ kusho uMnu Jawuza.
Uqhuba uthi okubuhlungu abasebenzi basebenza izinsuku ezintathu ebese ebaholela uR330, kuthi osebenze izinsuku ezimbili amholele uR230. “Bonke bangena ngele-8 ekuseni baze baphume ngele-6 ntambama. Abanye abasebenzi bakhala ngokuxhashazwa ngokocansi njengoba kukhona nomsebenzi oxoshelwe ukuthi uvulele umqashi icala lokumnukubeza ngokocansi,’’ kusaqhuba yena.
Omunye wabasebenzi abatelekile uNkz Sabi Mbhele uthe okunye abakutelekele ngamaholo aphilisayo, ukungaqashwa ngokugcwele njengoba abanye babo sebeneminyaka eyi-19 bengamatoho. Omunye wabasebenzi uvezele IBAYEDE inombolo yecala lokunukubezwa ngokocansi ngomunye wabaqashi nyakenye kodwa okuze kube manje akakaze aboshwe yize icala lavulwa. “Okubuhlungu kujike kwaxoshwa mina ngoba ngivulele umqashi icala lokunginukubeza ngokocansi,’’ kusho lona wesifazane ogama lakhe ngeke lidalulwe ngenxa yesimo secala nokuvikela isithunzi sakhe.
Eyizeka indaba uthi lesi sigameko senzeke ngaphakathi emsebenzini kade eqeda ukugeza njengoba abasebenzi bephoqwa ukuba bayogeza uma sebeshayisile. “Nakhona lapho abaqashi bayasigogora uma sigeza,’’ kuphetha lona wesifazane.